IHLOMBE NGOKUMISWA KUKAMAHLANGU ENYUVESI
SISHAYELWE ihlombe yiDemocratic Alliance (DA), isinqumo seUniversity of Bedfordshire yaseUnited Kingdom (UK) sokumisa uNkk Qedani Mahlangu ( osesithombeni) obengungqongqoshe wezempilo eGauteng ngesikhathi kufa abantu abali-141 abebegula ngengqondo abasuswe eLife Esidimeni bayiswa ezikhungweni ezizimele.
Lokhu kwenziwe nguMnu Jack Bloom ohola ikhokhasi yeDA esiShayamthetho saseGauteng ngesikhathi exoxa neLANGA emuva kokusabalala kwalezi zindaba zoku- thi uNkk Mahlangu umisiwe e-Bedfordshire. Imibiko yayizolo ibiveza ukuthi lesi sikhungo simmise ngenxa yezinsolo ezibucayi abhekene nazo lapha eNingizimu Afrika zokushona kwalezi ziguli ezisuswe eSidimeni.
Kwenzeka lokhu nje, kuzokhumbuleka ukuthi uNkk Mahlangu usulile ekubeni ngungqongqoshe emuva kwesigameko sokufa kwalezi ziguli.
Iningi lalezi ziguli lishone ngenxa yobudedengu okuthiwa benziwe ngesikhathi ziyiswa ezindaweni ezahlukene ezizimele, ebezingenazo izimvume zokwenza umsebenzi wokunakekela abantu abakulesi simo.
Selokhu kwenzeke lesi sigameko, kusenzima emindenini yabashonile ukwamukela okwenzekile kanti ifuna uNkk Mahlangu aphendule imibuzo kwikhomishini esungulelwe ukubhekana nalolu daba.
UMnu Bloom uthi basithokozela kakhulu isinqumo salesi sikhungo kanti banethemba lokuthi usezobuya uNkk Mahlangu azobhekana nemindeni yabasho- nile.
“Zisijabulisebanga ukuthi lesi sikhungo senze omuhle umsebenzi ngokumisa uNkk Mahlangu. Lokhu sikusho ngoba phambilini ubelokhu evika ngokuthi usabhala izivivinyo zakhe kulesi sikhungo kanti njengoba esemisiwe nje, ayikho enye into ezolokhu evika ngayo.
Okusele manje wukuba abuye lapha eNingizimu Afrika azobhekana nento ashiye eyenzile. Siyethemba ukuthi nemindeni eshonelwe yizihlobo zayo nayo ijabule ngalokhu,” kusho uMnu Bloom.
Uthi yize kungeke kwenze mehluko ukuvela kwakhe kule khomishini kodwa uyakholwa wukuthi imindeni iyafuna ukuzwa iqiniso ngokwenzeka.
“Lezi zigcawu ezinjena siyazi ukuthi ngeke zamgweba kodwa kuyasiza ukuba zibe khona ukuze sizothola iqiniso.
Kangingabazi ukuthi imindeni yabashonile nabantu baseNingizimu Afrika bayafuna ukwazi ukuthi kungani ungqongqoshe eyekelele kwenzeka into enjengalena,” kusho uMnu Bloom.