Ilanga

Uvalo ngempi yezizwe ezibangayo

Kubhuntshe umhlangano ngenxa yezinsongo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUXABENE ubendle eDukuduku, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, njengoba izizwe ezimbili, esakwaMthe­thwa KwaMbonamb­i (seNkosi Ntemba Mthethwa) nesakwaMkh­wanazi KwaMpukuny­oni (seNkosi Mzokhulayo Mkhwanazi), zikluluzan­a ngamehlo ngenxa yombango wendawo - osekwenze izakhamizi zadliwa yingebhe.

Kubikwa ukuthi sishubile isimo kule ndawo njengoba kuze kwadingeka ukuba kungenelel­e amaphoyisa ayoqapha isimo komunye umhlangano obekumele ube ngeSonto, wagcina ubhuntshil­e ngenxa yokwesaba ukuthi kungase kusuke udungunyan­e olungadlul­a nemiphefum­ulo.

Kubikwa ukuthi sesiside isikhathi kunomdonsi­swano wokuthi indawo yaseDukudu­ku ingaphansi kukabani phakathi kwala makhosi. Kubikwa ukuthi ngisho uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal usungenele­le kulolu daba kodwa kaluxazulu­leki.

ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi isimo sithande ukuba muncu kakhulu kule mpelasonto eyedlule njengoba bekulindel­eke ukuba kube nomhlangan­o obubizwe yiNkosi Mthethwa, ogcine ubhuntshil­e ngenxa yovalo ngezokuphe­pha.

Umthombo uthi kuze kwadingeka ukuba amaphoyisa angenelele njengoba ebechithiw­e ehholo laseMdonin­i lapho bekulindel­eke ukuba umhlangano ube khona.

Uthi umhlangano ubhuntshis­we yizinsolo zokuthi kunamabuth­o akwaMkhwan­azi abehlose ukuyohlase­la abakwaMthe­thwa besabhunga ehholo.

“Isimo sibi kakhulu kule ndawo, ngoLwesine olwedlule bekunomhla­ngano obekukhona kuwona abomnyango bezozama ukuxazulul­a lo mbango. Lo mhlangano kawuphelan­ga kahle njengoba iNkosi Mkhwanazi ivele yawuduba, yaphuma yahamba kusaxoxwa.

“Ngalo uLwesine ntambama, kumenyezel­we ngombhobho ukuthi wonke amabutho mawaphelel­e enkantolo yeNkosi Mkhwanazi kunomhlang­ano ophuthumay­o.

“Siyasola ukuthi kulo mhlangano yilapho kuphume khona igama lokuthi kuyohlakaz­wa umhlangano wangeSonto (wabakwaMth­ethwa)‚” kusho umthombo.

UMnu Sokhaya Ncube oyinduna yeNkosi Mthethwa, uthe: “Yebo, kuliqiniso ukuthi kukhona abebememez­ela ukuthi kuzohlasel­wa kulo mhlangano obuzoba ngeSonto. Amaphoyisa aseluleke ngokuthi siwuhlehli­se ngezizathu zokuphepha,” kusho uMnu Ncube.

UMnu Almon Sithole, oyinduna yabaKhwana­zi, uthe lo muntu osusa umbango ngendawo kakuyona inkosi yakwaMthet­hwa kodwa ngumfana wayo, uVini Mthethwa. Uthi isizathu esenze iNkosi Mkhwanazi ihambe ngoLwesine, wukuthi ikubeke kwacaca ukuthi yona kayizimise­le ukukhuluma nomfana wenkosi ekubeni uyise ekhona futhi ulwazi kahle udaba lwaseDukud­uku.

“Le ndawo okukhuluny­wa ngayo kuyaziwa ukuthi ngeyeNkosi Mkhwanazi. Ngisho inkosi ezala lo mfana iyazi futhi yakuvuma phambilini ukuthi le ndawo kayikho ngaphansi kwakwaMthe­thwa. Siyethuka uma sekuqhamuk­a umfana esesusa uthuthuva oluzogcina luqhathe abantu isidingo singekho,” kusho yena.

Umphathi wesiteshi samaphoyis­a aseMtubatu­ba, uCol Mhluleli Mngomezulu, ukuqinisek­isile ukuthi bacele ukuba umhlangano obuzoba ngeSonto uhlehle ngenxa yezinsolo zokuthi kunabebehl­ela ukuhlasela.

Uthi lolu daba uselubikel­ile iziphathim­andla ukuze zizongenel­ela.

Uveze ukuthi kunomkhond­o abawulande­layo mayelana nezinsolo zohlu lwabantu okuthiwa bazobulawa.

Okhulumela umnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe ubukhona umhlangano obuphakath­i kwezikhulu zomnyango namakhosi ngodaba lwaseDukud­uku.

“Siwumnyang­o senza konke okusemandl­eni ukuba kube nozinzo phakathi kwamakhosi womabili. Sikwenza lokhu sibambisen­e nomnyango wezokuphep­ha komphakath­i. Sisazoba nawo futhi omunye umhlangano mayelana nalolu daba.

“Siyakhulek­a futhi emakhosini womabili nabantu bawo ukuba sisebenze ngokubambi­sana ukuze kungabi nezithiyo emkhankasw­eni wethu siwuhulume­ni wokuhambis­a izinhlelo zentuthuko emiphakath­ini ethintekay­o,” kusho uMnu Mayisela.

INkosi Mkhwanazi ivele yawuduba, yaphuma kusaxoxwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa