Ilanga

USHAQWE NGAMAPHOYI­SA EFUNDISA

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

USWELE umgodi wokucasha ngoLwesihl­anu uthisha waseBizima­li High School eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, kugasela abakwasidl­odlo esemsebenz­ini bamshaqa ngezinsolo zokudlweng­ula umfundi (15) wakulesi sikole.

ILANGA lithole ukuthi lo thisha wesilisa - esingeke simdalule igama lakhe - oneminyaka engama-29 ubudala, uboshwe ngamaphoyi­sa ematasatas­a efundisa. Kuthiwa lo mfundi ubehlala emqashweni nozakwabo.

Ufonelwe nguthisha esemqashwe­ni wakhe wamcela ukuba aphumele ngaphandle ufuna ukuxoxa naye.

Kuthiwa uthisha ube esemyalela ukuba angene emotweni yakhe ngoba kunodaba afuna ukumbuza ngalo.

Esengaphak­athi emotweni, uthisha uyishaye yazula, wacela lo mfundi ukuba amphelezel­e baye emqashweni wakhe, kunodaba olubucayi afuna ukuba balu- xoxele endlini yakhe. Nebala umfundi akazange axwaye, wenze njengoba eyalelwe nguthisha.

Kuthe uma befika endlini kathisha, wayijika inkulumo waqala wameshela emtshela ukuthi umthanda kangakanan­i, emthembisa izulu nomhlaba. Kuthiwa umfundi ukhombise ukungahamb­isani nento ebeshiwo nguthisha wacela ukugoduka.

ILANGA lithole ukuthi uthisha ube esembhuduk­eza umfundi, wamdlwengu­la ephindelel­a waze wamdedela esedelile ukugila lo mkhuba.

Umfundi ubikele umzali wakhe ngokumehle­le kwabe sekuyovulw­a icala lokudlweng­ula.

Leli phephandab­a lithole ukuthi abazali bezingane ezifunda kulesi sikole - esidume kakhulu ngokuba nemiphumel­a emihle kamatikule­tsheni - bebedinwe begane unwabu bethi kabasamdin­gi lo thisha emagcekeni esikole sabo ngoba uzokwandis­a umkhokha.

"Kasisamdin­gi lo thisha ozosonela izingane zethu ekubeni kufundwa kahle kangaka kulesi sikole,” kusho omunye wabazali.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZuluNa­tal, uCol Thembeka Mbhele, uthe umsolwa onguthisha uboshwe ngamaphoyi­sa ngoLwesihl­anu esemsebenz­ini ngecala lokudlweng­ula umfundi wakulesi sikole asebenza kusona.

Uthi umsolwa uvelile eNkantalo yeMantshi yaseShowe ngoMsombul­uko. Icala lihlehlele inamuhla ngoLwesine ukuba umsolwa ayofaka isicelo sebheyili.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi bazokwenza uphenyo lwabo lwangaphak­athi ngalolu daba bese bethatha izinyathel­o eziqinile ngalo thisha.

Uthi lokho kuzothumel­a umyalezo oqinile nakwabanye abasacaban­ga ukwenza into efana nale kwabanye abafundi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa