Ilanga

KUBULAWE ISIKHULU SEZOKUTHUT­HA ONDINI

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

WENGANYELW­E yifu elimnyama umndeni weNkosi yakwaShang­e eVuma eShowe, enyakatho-mpumalanga yaKwaZuluN­atal, emuva kokudutshu­lwa kubulawe umfowabo ngoLwesibi­li ntambama obeyimenen­ja eMnyangwen­i wezokuThut­ha oNdini, enyakatho yeKwaZuluN­atal.

UMnu Muntuwenko­si “Dubula” Shange (52), ongumfowab­o weNkosi Vela Shange, kuthiwa udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa esemsebenz­ini.

Kubikwa ukuthi uthole ucingo kwesinye sezisebenz­i simtshela mayelana nomshini wokulungis­a umgwaqo onenkinga.

Uphikelele lapho obekuseben­zela khona lesi sisebenzi okuyilapho edutshulwe khona ngentululw­ane yezinhlamv­u.

Emuva kwalokho, kuthiwa la madoda athathe imoto kamufi yasemseben­zini nesibhamu sakhe, ashaya achitha.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Shange ushonele emtholampi­lo khona oNdini. Inkosikazi kamufi, uNkk Thembile Shange (48), itshele ILANGA ukuthi ibuhlungu ngento eyehlele umyeni wayo.

“Ngifonelwe ngabasemse­benzini wakhe bengitshel­a ukuthi usedutshul­iwe. Ngigcine ukukhuluma naye engitshela ukuthi usayobheka umshini okuthiwa unenkinga esizeni obekusetsh­enzwa kusona.

“Ngivele ngadunyelw­a yikhanda ngesikhath­i ngithola umbiko ngoba bekungakap­heli nesikhathi esingakana­ni ngikhulumi­le naye ocingweni.

"Ngifuna incazelo kulesi sise- benzi esimbizile sikhala ngomshini. Ngifuna sichaze ukuthi kungani sifonele umyeni wami bese eyadutshul­wa kodwa sona singatholi machaphaze­lo,” kusho uNkk Shange.

INkosi Shange ithe ibuhlungu ngokufa komfowabo. “Inhliziyo yami ibihlungu kakhulu ngokushona komfowethu ngale ndlela. Ngiyathemb­a ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikha­ndla abathole abantu ababulale umfowethu,” kusho iNkosi Shange.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe akhona amacala amabili, elokubulal­a nelokuduna imoto, avuliwe esiteshini samaphoyis­a oNdini kanti bekungakab­oshwa muntu. Amaphoyisa asaphenya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa