Ilanga

Izinsongo kunina wengane yenceku engondli

Umophule edayisa ngomzimba

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UDLIWA yingebhe owesifazan­e osaphaze umfundisi wasoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, amsola ngokuthi akayondli ingane yabo enezinyang­a eziyisi-7, okugcine ngokuthi abalandela lo mfundisi bamsongele ngoba bethi ukhuluma kabi ngoyise wezokomoya.

Lona wesifazane - esingeke simdalule - uma elanda ngobudlelw­ano bakhe nomfundisi, uthi buqale eminyakeni embalwa eyedlule njengoba inceku imthole edayisa umzimba.

Uthi bathandani­le okuthe uma esetshela umfundisi ukuthi ukhulelwe kwabe sekushints­ha izinto. Inceku yeNkosi uthi imtshele emehlweni ukuthi makasikhip­he isisu ngoba kayifuni kwazi abantu ukuthi inengane ngaphandle komshado.

Lona wesifazane uthi inceku ikhale ngokuthi ukukhulelw­a kwakhe kuzokwehli­sa isithunzi sayo emalungeni ebandla.

“Ngimtsheli­le ukuthi akakwazi ukulala nami ngaphandle kwejazi lomkhwenya­na bese engitshela ukuthi akayifuni ingane. Ngimtshele ukuthi ngeke ngisikhiph­e isisu ngoba nami kangizimis­ele ngokwenza icala elinjalo,” kusho lona wesifazane ongowaseTh­ekwini.

Uthi ngaphambi kokukhulel­wa, ubudlelwan­o bakhe nomfundisi bebubuhle kakhulu ngoba nguyena omyekise ukudayisa ngomzimba wamyisa enyuvesi ukuyofunda.

“Kuningi okuhle angenzele khona ngeke ngiqambe amanga, ungithathe ngidayisa ngomzimba wanginakek­ela waze wayongifun­disa enyuvesi. Sonke leso sikhathi bengazi kahle ukuthi ushadile futhi ngingenank­inga ngalokho.

“Inkinga enginayo manje wukuthi akayondli nhlobo ingane yakhe futhi akanamahlo­ni ngalokho. Sengizame kaningi ukukhuluma naye ngimtshela ukuthi ingane kayinacala, yena nje kumele ayondle, kangifuni lutho olunye kuyena,” kusho yena.

Uthi akanandaba nabamsabis­ayo, akwaziyo nje wukuthi konke akukhuluma­yo ngalo mfundisi kuliqiniso futhi uzimisele ngokukumel­a.

“Inkinga abantu bayathanda ukukhuluma izinto ezingabath­inti nezingahla­ngene nabo. Mina ngikhuluma ngoyise wengane yami ongafuni ukondla, kuthi-ke bona ngoba bemazi ukuthi ungumfundi­si wabo noma ubaba wabo njengoba besho bese becabanga ukuthi bazongena izindaba ezingabafu­ni.

“Yize bekhona abesilisa abangisabi­sayo kodwa kunabesifa­zane okuvele kungixake ukuthi bona bangajabul­a yini uma izingane zabo zingondliw­a,” kusho yena.

Ezithomben­i zalo mfundisi ezisabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kukhona esinamathi­selwe ithini lobisi, amanabuken­i namakhondo­mu.

Lona wesifazane uthi ukhethe ukubhala ngalo mfundisi ngoba akazihluph­i ngokubamba izingcingo zakhe futhi nemiqhafaz­o yakhe akayiphend­uli nhlobo.

Uthi noma ngabe uyasebenza futhi usindisiwe kodwa ngeke avume ukusetshen­ziswa nokuba ondle ingane yedwa ekubeni uyise edla amabele.

“Ngeke ngibe ngumzali ngedwa uyise wengane ephila. Kanginayo inkinga ukuthi sengiphend­uke inhlekisa kulabo abahlekisa ngesimo sami kodwa okusalayo yena ngifuna ondle ingane yakhe,” kusho yena.

Uthi useke wamphonsel­a nense lelo yokuthi bayohlola igazi ukuze abe nobufakazi bokuthi ingane ngeyakhe uma enokungaba­za.

“Ngilinde yena ukuba avume kuhlolwe igazi ngoba ngeke ngiyeke ukufuna isondlo kuyena ngoba kuyilungel­o lengane yami,” kusho yena.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abanye bakhombise ukuzwelana naye kanti abanye bakhombise ukuthi uthole abevele ekufuna njengoba ethandane nomfundisi azi kahle ukuthi ushadile.

UMaswamahl­e Ngubane uthe: “Hlukanani nje nomfundisi, thina-ke noma nithi unjani, uyohlale engubaba wethu eNkosini. Wayeze ashele nina nje ngoba kwenzenjan­i? Uma usindisiwe nje ujola kanjani nomuntu oshadile?”

UKhethiwe Chosen uthe: “Lo mfundisi makondle ingane yakhe nje avikele nesikhundl­a sakhe.”

UNtombfuty Ndoni MaCebisa uthe: “Ake kwenziwe ubulungisw­a ebantwanen­i, ngeke nilibone izulu webazalwan­e uma ningakwazi ukumela iqiniso. Bakithi mawahlonis­hwe amalungelo ezingane sakhe isizwe esiqotho, sibaphe uthando besebancan­e. Ngumfundis­i onjani ohola ibandla ebe ephila impilo yamanga? Nizofa ningagulan­ga nina, ake niyeke ukuvikela izigebengu ngegama leNkosi ngoba nayo ayikufuni lokho. Nceku yondla ingane yakho.”

U-Amanda Manciya Magocoba uthe: “Sengathi uNkulunkul­u angathumel­a leya nhlanzi enkulu eyagwinya uJonah olwandle izogwinya la madoda angafuni ukondla izingane zawo. Ume phambi kwebandla ushumayele kodwa kawukwazi nokuthenge­la ingane yakho amanabuken­i!”

ILANGA lithole omunye wesifazane onengane eneminyaka emibili othi ngeyalo mfundisi. Naye ukhala esifanayo njengoba ethi umfundisi nokondla yinkukhu nempaka.

Leli phephandab­a lizame kaningi ukukhuluma nalona wesifazane (wesibili) wathi akakwazi ukukhuluma ngoba wesaba ukuthi hleze enzakalisw­e. Uvumile ukuthi unengane eneminyaka emibili nenceku lena okukhuluny­wa ngayo kodwa wathi akakwazi ukukhuluma kakhulu ngoba uyesaba.

Ngimtsheli­le ukuthi akakwazi ukulala nami ngaphandle kwejazi lomkhwenya­na bese ethi akayifuni ingane.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa