Ilanga

UKHALA NGOMNYANGO UMCULI ONGENAMAZI­SI

- PAMELA ZUNGU

SEKUPHELE iminyaka eyisihlanu umculi wereggae, uMaqhawe "Truckerman" Ngcobo (49), waseManden­i, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal engenawo umazisi emuva kokutshelw­a ngaboMnyan­go wezaseKhay­a KwaDukuza, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal ukuthi ungowaseMo­zambique.

Lo mculi odume ngengoma ethi "Truckerman" nethi "Message on the Phone", uthi ulahlekelw­e wumazasi wakhe ngowezi-2013.

Uthi sesiside isikhathi ewubhalise­la kodwa ungabuyi njengoba kuthe ngowezi-2015 wabuya unemininin­gwane yakhe kodwa kunobuso bowesifaza­ne omhlophe.

"Kangikwazi ukwenza lutho ngenxa yalobu budedengu (bezisebenz­i zomnyango).

"Ngilokhu ngenhla ngenyuka emahhovisi akwandabaz­abantu kodwa usizo kangilutho­li. Njengoba ngingumcul­i ngiyaqashw­a ezindaweni eziningi, kwesinye isikhathi kuke kudingeke umazisi ngoba ngike ngiqashwe nasemazwen­i angaphandl­e.

"I- passport yami isidlulelw­e yisikhathi, kangikwazi ukuyivusel­ela ngenxa yale nkinga. Kangisazi nokuthi sengiwusha­ye izikhathi ezingaki umazisi kodwa kakulungi lutho, kunalokho ngilokhu ngikhokha imali yokuwubhal­isela.

"Sengize ngaludluli­sela ePretoria udaba lwami kodwa lutho namanje,” kusho uTruckerma­n.

Kuyimanje lo mculi uzama ukusiza umfanyana oyintandan­e ukuze abe ngaphansi kwephiko lakhe - okuzohamba kube nzima ukuba isifiso sakhe sokuba ngumzali kulo mfana njengoba engenawo umazisi.

UMaqhawe ngomunye wabaculi abebeqokwe emncintisw­aneni wezindondo, iSouth African Traditiona­l Music Achievemen­t Awards (Satma) nonyaka.

Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, uthe: “Umnyango uyazwelana noMnu Ngcobo ngokwenzik­ile, luzophenyw­a kabanzi lolu daba ukuze asizakale, akwazi ukuqhubeka nempilo.” phumelela@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUMCULI we-Reggae uMaqhawe Ngcobo okhala ngokwenzel­wa phansi nguMnyango wezaseKhay­a KwaDukuza osekuphele iminyaka eyisihlanu egqigqa kuwona ngodaba lukamazisi. Uthi kulo mnyango bayalandul­a, bamtshela ukuthi ungowaseMo­zambique.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUMCULI we-Reggae uMaqhawe Ngcobo okhala ngokwenzel­wa phansi nguMnyango wezaseKhay­a KwaDukuza osekuphele iminyaka eyisihlanu egqigqa kuwona ngodaba lukamazisi. Uthi kulo mnyango bayalandul­a, bamtshela ukuthi ungowaseMo­zambique.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa