Uxoshiwe ontshontshe umchamo wabafundi
Abazali bathi izingane seziyazichamela
IBHANTSHI ligcwale umoya kowesilisa ontshontshe umchamo wabafundi eMdlelanga Primary School, eMashushu, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoba ethi uzokwenza umuthi wokwelapha amapiles.
Emuva kombiko weLANGA - ophume emasontweni amabili adlule - mayelana nabafundi bakulesi sikole abatshelwe ngowesilisa osebenza kulesi sikole ukuba bachame, bamnike wona umshobingo wabo, uzobanika imali, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane, ujube ithimba lakhe ngoMsombuluko eMashushu ukuba liyobukela eduze lolu daba.
UMnu Scelo Khuzwayo okhulumela umnyango, uthi lolu daba lubathinte kakhulu. Uthi nakuba befike esikoleni sekukhulunyiwe okuningi kodwa bebefuna ukuzitholela kabanzi mayelana nokwenzekile njengoba bebethembisile kuleli phephandaba.
“Ubaba lona obesolwa ngalokhu, ubebhekelela bonke abasebenza ngaphakathi esikoleni - ubesebenza ngaphansi kohlelo lweCommunity Work Programme lwenye inhlangano, ubengaqashiwe wumnyango.
"Nokho ngenxa yokuthi udaba lwakhe luthinta abafundi, yingakho sisukumile kwaxoxwa nabaza- li nazo zonke izinhlaka ezifanele kwaze kwafinyelelwa esinqumweni,” kusho uMnu Khuzwayo.
Lolu daba lususe omkhulu umsindo emphakathini njengoba lona wesilisa eyisakhamuzi endaweni kanti nezingane eziyisihlanu okuthathwe umchamo wazo, ngezakhona endaweni.
Ngokuthola kweLANGA kuthiwa lona wesilisa ukhokhobele abafundi abayisihlanu wathi ucela bachamele esigujini abesiphethe, wabathembisa ukubakhokhela u-R5 ngamunye. Kubikwa ukuthi abafundi babikele abazali nothisha babo ngalokhu emuva kokuba bengasayitholi imali abebethenjiswe yona, kwasuka omkhulu umsindo. Omunye wabazali balezi zingane, uNkz Thobekile Khanyile, uthi luxoxiwe udaba kodwa akane- lisekile ngoba selokhu kwenzeke lokhu, ingane yakhe iyazichamela esikoleni ngisho ekilasini imbala.
“Besikhona emhlanganweni zafika nezikhulu zomnyango, kuyimanje siyehla siyenyuka selapha izingane ngoba kasisakuqondi okwenzeka kuzona,” kusho uNkz Khanyile.
UMnu Cebo Gcaba naye onengane ethintekile kulesi sigameko, ukhala esifanayo sokuthi iyazichamela.
"Kakusekho engizokukhuluma ngoba umnyango usungenelelile kodwa impela kasijabule ngale nto,” kusho uMnu Gcaba.
Kuthiwa ngesikhathi kwenzeke lesi sigameko, abazali bafike esikoleni bekhihla isililo bekhala ngokungavikeleki kwezingane zabo kanti lona wesilisa uma ebuzwa ukuthi kungani engasebenzisi umchamo wezingane zakhe, kuvela ukuthi uthe ubefuna umchamo wabafana abangakathombi - yena akanabo.
Ilunga lesigungu sesikole, uNkz Ncanekazi Dladla, lithi sekulungisiwe konke obekonakele. Utshele ILANGA ukuthi bebekhathazwa wukuthi kungani lona wesilisa umchamo engawucelanga kubazali bezingane kunokuba awuntshontshe.