Ilanga

ULAXAZE UMSEBENZI WASUNGULA IMIDLALO

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

ULAXAZE umsebenzi kwaSandisk - okuyinkamp­ani eyenza omakhalekh­ukhwini -walandela iphupho lakhe lokusungul­a imidlalo emibili owesilisa waseQueens­urgh, entshonala­nga yeTheku.

UMnu Khangelani Gama (45), ongumnikaz­i weZikhe (PTY) LTD - okuyinkamp­ani ehlela imidlalo iGame for All neKnow my Africa - unxenxa abantu abamnyama ukuba bafunde ukusungula izinto ezithi bona, bahlukane nokufuna ukuthenga ngaso sonke isikhathi.

Utshele ILANGA ukuthi uqale ukusungula le midlalo ngowezi-2014 ngemali ayithole emsebenzin­i ngesikhath­i eshiya. Uthi ubenomqond­o wokusungul­a le midlalo ngesikhath­i esasebenza.

“Ngiqunge isibindi ngesula emsebenzi ngoba ngidinga imali yokusungul­a le midlalo. Kungisizil­e ukushiya emsebenzin­i ngoba ngabe kanginaso isikhathi sokubhekan­a nayo.

"Into engiyithan­da ngayo wukuthi iyafundisa futhi yenza ukuba imindeni nabangani bakwazi ukuchitha isikhathi ndawonye. IGame for All igxile ezinombolw­eni nasekuxuku­zeni umqondo, iKnow my Africa yona ikufundisa kabanzi nge-Afrika nokuthi inothe ngani - igxile kwizindawo, wumlando nezomnotho zamazwe ase-Afrika.

"Kunabantu abebengena­lo ithemba lokuthi ngizoyisun­gula le midlalo ngenxa yokuthi bebengibuk­ela phansi. Singabantu kumele singazenye­zi futhi sizitshele ukuthi into izosehlula singayizam­anga.

"Kuhle umuntu ehluleke ezamile kodwa angadikiba­li ngenxa yokwehlule­ka, asukume azithathe ngoba kasazi ukuthi inhlanhla ilelephi.

Nginethemb­a lokuthi imidlalo engiyisung­ulile izongivule­la iminyango yokuthi ngisungule eminye,” kusho uMnu Gama.

Uya ezindaweni ezahlukene ukuze adayise le midlalo yakhe - lapho afike abachazele abantu ngayo.

"Kangizibon­i ngisebenza futhi, ngiyathemb­a ukuthi konke kuzongiham­bela kahle ukuze ngikwazi ukuqasha abantu engizosebe­nza nabo. Okwamanje ngisaseben­za ngedwa ngoba ibhizinizi­si lisakhula,” kusho yena.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Khangelani Gama ushiye phansi umsebenzi wasungula imidlalo emibili azimisele ngokusiza ngayo abaningi, ikakhuluka­zi intsha.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Khangelani Gama ushiye phansi umsebenzi wasungula imidlalo emibili azimisele ngokusiza ngayo abaningi, ikakhuluka­zi intsha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa