Ilanga

Indumezulu yomcimbi kamasikand­i eThekwini

Uzwano kubaculi Kugqugquze­lwa

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BAZOSULWA izinyembez­i abanye babaculi abakhala ngokuvalel­wa ngaphandle emicimbini eminingi kamasikand­i njengoba bezoqashwa kwindumezu­lu ezodidiyel­a inqwaba yamaciko mhla zingama-25 kuLwezi (November) ezinkundle­ni zemidlalo eCurries Fountain, eThekwini.

UDkt Andile “Mzimbokhal­imali” Dlamini uhlele umcimbi obizwa ngoKuthula Art Promotion okuhloswe ngawo ukugqugquz­ela uzwano kubaculi nakubaland­eli babo. Utshele ILANGA ukuthi inhloso-ngqangi enkulu wukwexwayi­sa amaciko ngobungozi bokungcofa­na okugcina sekukapake­la kubalandel­i, wukuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nabakhubaz­ekile nokunye okuningi.

Uthi bese siside isikhathi kukhona amaciko akhala ngokushiyw­a ngaphandle uma kunemicimb­i, yingakho uKuthula Art Promotion kuhlukanis­we izigaba ezintathu lapho kuzobonaka­la khona abasavelel­a, abesifazan­e bodwa kanjalo nasebemnka­ntshubomvu.

Uveze ukuthi njengoba bekunabacu­li abebevotel­wa, kunemihlom­ulo yemali engaphezul­u kuka-R200 000 ezohlonyul­iswa ngamaciko ngokweziga­ba zawo kanti umlandeli oyedwa onenhlanhl­a uzozihlomu­lela ngeVW Polo Vivo - ngokuthume­la igama elithi “Ukuthula” kule nombolo: 33563.

“Umncintisw­ano wethu uvuleleke kuwona wonke amaciko azohlomula ngezindlod­la zemali. Inhloso enkulu wukuthokoz­isa amaciko ngomsebenz­i wawo.

“Umthandi kamasikand­i angavotela umculi wakhe ngendlela athanda ngayo kanti nokuthenga ithikithi lomcimbi ungazibeka enhlanhlen­i yokuhlomul­a imali enkulu,” kusho uDkt Dlamini.

Uthi nomlandeli ovote kakhulu angazibeka ethubeni lokuhlomul­a ngemali esuka ku-R7 000 kwabathath­u abazoba nenhlanhla kanti amaciko wona eyawo izoqala ku-R50 000.

Kulo mcimbi kuzonandis­a uGadla, uKhuzani, uVumile Mngoma, uQhosha, uBheki Mshengu, oCelazimni­ke, uNtshebemn­andi, iGcokama Elisha, uMjikijelw­a, aBafana bakaMgqume­ni, uMgojeli, uMalahle, uMjikijeli, uMajotha, uSgwebo Sentambo, aMageza Amahle, uBuselaphi, oJealous Down Zulu Messengers, aMakhabaze­la nabanye, kanti amathikith­i atholakala ngo-R100 e-computicke­ts, kwaShoprit­e nakwaCheck­ers, ILANGA lingabaxha­si balo mcimbi.

Ngemininin­gwane kungaxhuny­anwa nale nombolo: 084 521 9486 noma 072 774 6107

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa