Ilanga

AKABEKI LUTHO EZIKO OVALEKELWE NGEYESIBON­ELELO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UBHEKENE nosizi owesilisa waseDangan­ya eMgababa, eningizimu yeTheku ovalekelwe yimali yakhe yempesheni ngenxa yenkinga kamazisi. UMnu Themba Njalo Mthembu (62), uthi le mali yesibonele­lo sikahulume­ni ivaleke ngoNhlaba (May) nonyaka wahamba ethi uyoyivusel­ela kwaqala izinkinga yavaleka.

Utshele ILANGA ukuthi inombolo kamazisi kuthiwa uyisebenzi­sa nomunye okwelinye izwe, oholayo ngayo. Uthi ulambile nabazukulu bakhe ngoba sesiside lesi sikhathi ingalungis­eki le nkinga yakhe.

“Kangibeki lutho eziko kulanjiwe lapha ekhaya ngoba le mali yiyona ebilusizo kakhulu ukuze kulale kudliwe. Sengigqigq­e ngaze ngakhathal­a emahhovisi belokhu bengithemb­isa into engekho bethi emuva kwamasonto - kuzobe sekulungil­e,” kusho uMnu Mthembu.

Uthi izinkinga ziqale ngesikhath­i eyoshaya omunye umazisi ngoba lona abewuseben­zisa ubunga- sekho esimeni esihle. Ithintwa ngalolu daba imenenja yehhovisi lezasekhay­a KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, ithe kunophenyo olwenziway­o ngalolu daba ngoba lujulile.

Ithe basaxhuman­e nehhovisi labo elisePreto­ria ukuze bathole okubambile ngenkinga kamazisi kaMnu Mthembu. Utshele ILANGA ukuthi kakusilona iqiniso ukuthi umazisi uMnu Mthembu uwusebenzi­sa nomunye umuntu.

“Emishinini yethu kuvela ukuthi usebenzisa omazisi ababili eyedwa, yileso sizathu esenze ukuba kuvalwe zonke izinto ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu,” kusho uMnu Mncwabe.

Utshele ILANGA ukuthi emishinini yabo kuvela ukuthi umazisi wokuqala wenziwe ngonyaka we-1986, owesibili ngowangowe­zi-2009 kanti bobabili banamagama ahlukene nezinombol­o ezahlukene kodwa imilobo yeminwe ngeyomuntu oyedwa.

Kangibeki lutho eziko kulanjiwe lapha ekhaya ngoba le mali yiyona...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Themba Mthembu okhihla esikaNandi ngokuvalek­elwa yimpesheni yakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Themba Mthembu okhihla esikaNandi ngokuvalek­elwa yimpesheni yakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa