Ilanga

Masingahla­li phezu kwameva siwabona

- *Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole k

UKUBEKEZEL­A empilweni kuyakhokhe­la kodwa kakuzona zonke izindawo esithi uma sibekezela kuzona uma sihlushwa zibe nesibusiso noma inkokhelo. Ngiqonde ukuthi uma ubekezela kini, kunesibusi­so lokho futhi kuyoba nomphumela omuhle kusasa.

Uma ungabekeze­la emshadweni, iso likaNkulun­kulu liyabona futhi kuyokukhok­hela lokho kusasa. Uma ubekezela enkonzweni, lokho kunesibusi­so, kuyokukhok­hela kusasa.

Kunezindaw­o empilweni okungafane­le umoshe isikhathi sakho kuzona ngoba uma ubekezela kuzona ngeke uthole nkokhelo. Njengokuth­i nje abantu abaningi bahlukumez­eke emjolweni, kakubekeze­lwa emjolweni ngoba kawunamadl­ozi, kawunaNkul­unkulu futhi kawunabaza­li - ngiqonde ukuthi uma umjolo ukuhlukume­za zibuze ukuthi usahlalele­ni lapho.

Kuyafana nokuhlukun­yezwa ngabangani, yonke leyo nto kayikhokhe­li ngoba abangani bakho kabasoze bakubusisa kodwa uyobusiswa ngabantu abadala kunawe.

Le nto yomjolo ifana nokugembul­a, usengahlul­wa usubekezel­e iminyaka eli-10. Kunomuntu ongajola nawe iminyaka eli-10 bese eyakulahla ngowe-11, ashade nenye intombazan­e ngonyaka we-12. Njalo empilweni uma uzobekeze- lela abantu abakuhluku­mezayo, kufanele ube nesizathu esikhulu sokuthi kungani usahleli nabo.

Ungalinge ubekezelel­e umbhedo kanti kawusenaso isizathu sokuthi kungani usabekezel­e.

Ngiphendul­a abantu abaningi ephepheni lethu ILANGA - abasuke bebuza ukuthi “ngiyahluku­mezeka, ngiyashayw­a le nto iyangikhal­isa ngisuke kuyona noma ngihlale yini?” - ngibonile ukuthi ngaso sonke isikhathi uma ungasazi ukuthi uhlaleleni nomuntu, ugcina ubuza abantu ukuthi ngihlale yini.

Kakufuneki uze ulokhu ubuza abantu ukuthi ngihlale yini kule nto, zibuze wena lo mbuzo owodwa wokuthi uma usahleli nomuntu ngabe kusakusebe­nzela yini.

Ngisho ngoba abantu bakuhlukum­eza kanti isizathu sokuhlala nabo kasisekho, kufana nomuntu ohleli phezu kwepulethi lesitofu elishisayo bese elokhu ehlina abuze thina ukuthi asuke yini.

Ukuhlala nabantu abakuhluku­mezayo kwenza ufane nomuntu ompintshwe yisicathul­o kuze kudaleke ikhona onyaweni kodwa ulokhu ubuzana nathi ukuthi ngisikhumu­le yini lesi sicathulo esingimpin­tshayo. Ngubani kanti ozwa ubuhlungu bokumpints­hwa yisicathul­o?

Abantu bayoyilale­la into oyishoyo kodwa akekho oyokuzwela ubuhlungu obuzwayo. Ungalinge ukhohlisek­e futhi ucabange ukuthi uma kunabantu okungathi uma besuka kuwena ngeke usaphumele­la empilweni ngoba uNkulunkul­u impumelelo yomuntu akayishuth­ekanga ephakethen­i lomunye kodwa incike kuyena hhayi kwabanye.

Ubagade abantu abazokukho­hlisa, bekuxhapha­za, becabanga ukuthi kawusoze waphumelel­a ngaphandle kwabo. Uma usufuna ukuphumele­la empilweni, ungadlali abantu ngoba iminyaka esiyiphila­yo mincane, abanye bethu iminyaka asebeyiphi­le miningi kunebasale­le.

Kule minyaka emincane ekusalele yokuphila, yenza isiqinisek­o sokuthi kabekho abantu abakunciph­isela izinsuku zakho. Ngesinye isikhathi ukhala amahora osukwini, ukhaliswa ngumuntu nje mhlawumbe othandana naye, ongumngani wakho noma osebenza naye.

Amahora esiwaphila­yo osukwini avele mancane, kasimdingi umu- ntu ozosinciph­isela wona. Uma usufuna ukuphumele­la empilweni, ungalinge uhlale ngoba uncengile, uhlale nabantu ngoba uthi ngiyophila yini uma lo muntu engake asuke empilweni yami.

Bamba lo musho othi uma usufuna ukuqonda isimo esesikume emphinjeni nabantu asebekuhlu­kumeze ngokweqile, ubocula lo musho othi

“Ngake ngaphila abantu bengekho, ngaphila sebekhona empilweni yami, okusho ukuthi ngiyoqhube­ka nempilo ngisho bengasekho empilweni yami.”

Uma uphila nalo musho, uyogcina ngci ukuhlala nabantu ngoba nakhu uncengile futhi usaba ukuthi bazokushiy­a. Masingahla­li bakwethu phezu kwameva siwabona, masingahla­li phezu kwesitofu esishisayo kanti izinqe ziyasha.

Uma umuntu ekuhlukume­za nje makusheshe kucace ukuthi usakudinga yini noma akasakudin­gi empilweni yakhe ngoba ziningi izifo ezidalwa wukuhlukum­ezeka. Akekho umuntu oyothi uma wena usha nendlu akubalekel­e kodwa kufanele uzibalekel­e wena.

Kubuhlungu ukuthatha isinqumo emuva kweminyaka eminingi kanti kwakufanel­e usithathe nje emuva kosuku olulodwa, kubuhlungu ukuzisola ukuthi kodwa nje mina ngangisali­ndeni sonke lesi sikhathi.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavilion Hotel ngo-11h00. Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

ILANGA,

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA

Ngiyahluku­mezeka, ngiyashayw­a le nto iyangikhal­isa ngisuke...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa