Uselala obengane obebala izinkanyezi
Wakhelwe umuzi nguDr Mkhulu
UKHALE zehla mi owesifazane waseShemula, eMakhasini, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal - obedonsa kanzima empilweni - enikwa ukhiye wendlu yakhe ebivulwa ngokusemthethweni ngoLwesihlanu olwedlule.
UNkz Ivy Thula Ntombela (57), obehlala endlini engekho esimeni esigculisayo, unikwe ngokusemthethweni ukhiye wendlu ayakhelwe ngosizo lwenyanga-mthandazi yaKwaMhlabuyalingana, uMnu Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde ILANGA elike laloba ngaye phambilini.
UMnu Nkomonde unikele emzini kaNkz Ntombela ehamba nabangani bakhe nabanye abelaphi bendabuko eyovula le ndlu enamagumbi amathathu. Emasontweni amabili edlule ILANGA libike kabanzi ngosizi olubhekene noNkz Ntombela, okuyilapho kuvele uMnu Nkomonde wazibophezela ngokumnikelela ngokumakhela indlu.
UNkz Ntombela ubuye abe nenkinga yesifo esingaqondakali, esidala ukuthi angakwazi ukuphimisa kahle amagama uma ekhuluma. Wehlulekile wukuzibamba wakhala ngesikhathi enikwa ukhiye.
Uthe namanje akakholwa ukuthi usezolala endlini yalolu hlobo ngemuva kokuba esehlale iminyaka eminingi elala ebala izinkanyezi, ehlobo adindwe yizimvula.
“Ngiyabonga mfana wami Dr Mkhulu. Sengathi amadlozi onawo angaqhubeka akunike amandla okwelapha, usindise abantu ukuze kungene imali eningi ozosiza ngayo abanye abantu abafana nathi.
“Ngizwa ngifikelwa yizinyembezi uma ngibheka lesi sithabathaba sendlu engaka, ebengingazi ukuthi ngiyoke ngibe nayo,” esho ekhala.
UNkz Ntombela uhlala namadodakazi akhe amathathu nabazukulu abayisi-7. Indlu akhishwe kuyona imbozwe ngoseyili yaphahlekwa ngodaka. UDr Mkhulu uthe kuyintokozo kuyena uku- thi namuhla uzovula ngokusemthethweni indlu kaNkz Ntombela njengoba isiqediwe.
“Njengoba lo mama ngimthole engaphansi kwesimo esibucayi kakhulu, ngiphoqeleke ukuba ngiqale ngokuphakamisa igumbi elilodwa ukuze ezoqala ukufihla ikhanda nomndeni wakhe, emuva kwa- lokho ngiqhubekile nalawa amabili njengoba indlu isiqediwe.
“Konke engikwenzayo kusuka enhliziyweni yami, ngeke kubekhona usuku lapho kuyozwakala ukuthi sengiphume umkhankaso wokuqoqa imali kubo bonke engibasizayo.
“Ukungena kwami kulo muzi - ngize ngibone usizi lwakhona -kangakwazi ukuthi kwenzeke kanjani ngoba bengisuka KwaSkhemelele ngiyosebenza khona. Ngizwe ngifikelwa wumcabango wokuba ngingene emgwaqweni onqamula eduze kwalo muzi.
“Ngibone umama lona ehamba kancane njengomuntu ogulayo ngayalela unogada wami ukuba amise imoto. Ngingene kulo muzi ngibuza umama ukuthi uhlalaphi wakhomba ixhokovane lendlu, kusuka lapho ngizithole nginengcindezi yokuba ngimakhele.
“Kakukhona okokuqala lokhu, baningi esengibasizile kuhlanganisa nabantu abasha abafuna ukuzi-
Sengathi amadlozi onawo angaqhubeka akunike amadla okwelapha...
sungulela amabhizinisi,” kusho uMnu Nkomonde.