KULULA UKUFUYA AMADADA FUTHI AYONGA NASEPHAKETHENI
EKUQALENI kwalo nyaka sike saxoxa ngokufuya izilwane esithola kuzona inyama emhlophe. Ngenxa yezizathu ezahlukene, abantu abaningi kabasayidli inyama ebomvu okungaba ngeyenkomo, eyembuzi neyemvu.
Imizi eminingi inazo izinkukhu kanti nawe ungahalela ukuba nazo ngoba kulula ukuzifuya futhi nolwazi lokuzinakekela lutholakala kalula. Olunye uhlobo lwenyama emhlophe olukhangayo, kungaba ngamadada ikakhulukazi ngoba wona kawadli kakhulu ephaketheni njengezinkukhu kwazise athanda ukuzifoshela ensimini, azitholele ukudla nje- ngeminenke le ebuye icekele phansi izitshalo.
Amaqanda amadada anamazinga aphezulu ezakhamzimba ukudlula awenkukhu. Okunye ngamadada, wukuthi kawanawo umsindo ofana nowezinkukhu okwenza kubengcono ukuwafuya uma ngabe uhlala ezindaweni ezinemithetho yokungabangeli omakhelwane umsindo.
Ulwazi ungaluthola kwabafuyile ukuthi yiluphi uhlobo ongalufuya nxa uqondene nokufuyela inyama. Amadada athanda ukuxokozela ndawonye njengezinkukhu, ngakho-ke uma usaqala zama ukuba uthole abemathathu kuya kwayisihlanu ngoba uma uqala ngamabili bese lifa elilodwa, elisele lizoba nokukhathazeka okunomthelela ongemuhle ekukhuleni kwalo.
Kuyomele kube yizikhukhukazi eziningi kunamaqhude ngoba wona athanda ukuzungezwa yidlanzana lezikhukhukazi.
Indlu yamadada yakhiwa njengehhoko, kodwa wona kawadingi izinti zokuqhwakela njengezinkukhu kodwa ungaliphakamisa nje kancane ihhoko ukwenzela ukuthi kubelula ukulihlanza nokuqoqa amaqanda ngaphandle kokuze-
phula iqolo ugoba kakhulu.
Qinisekisa ukuthi kunezikhala zokungenisa umoya ehhokweni. Ayashesha ukufunda amadada uma uwakhombisa ukuthi angene nini futhi kanjani ehhokweni kusihlwa.
Ungasebenzisa izinsalela zesivuno notshani ukwenza imibhede, ukwenzela ukuba kubelula ukuhlanza ihhoko ngoba uzovele ukhiphe lobu tshani osebunendle nomchamo, kanti kuzobe sekuyisikhuthaza sekhethelo lesi ezitshalweni ensimini.
Amadada ngeke abekele amaqanda ehhokweni njengenkukhu kodwa abeka yonke indawo la efosha khona, kuzodinga ulokhu uqapha uma sekukhona aselungele ukubeka.
Isidingo samanzi sikhulu: Sike sabala izindlela ezehlukene zokuqoqa amanzi emasimini, enye yezindlela uma ivuma ungayisebenzisa ekufezeni izidingo zamadada, kodwa kumele kube yisizinda esivuma ukuba akwazi ukudada aze acwile nangamakhanda echibini olenzile ngoba phela kawanazo izindlala zezinyembezi, yingakho nje ezohlanza amehlo namakhala awo la echibini njalo.
Uma engemaningi la manzi, uzodinga ukuwashintsha njalo ngoba phela afana nje nobhavu wokugeza emadadeni. Njengezinkukhu amadada adla inyama, yizimila notshani, qaphela ukuthi angacindezeli izithombo ngezinyawo zawo ezigandayayo.
Ayasiza ukunciphisa izinambuzane ezicekela phansi izitshalo, ngakho-ke anganciphisa izindleko zezibulala zinambuzane.
Thintana nathi kwethi: 082 789 4281 noma ngokuxhumana nathi kwisizabulembu ( website) esithi: www.sicelokunene.co.za, ekhasini elithi: Contact us.