Ilanga

KULULA UKUFUYA AMADADA FUTHI AYONGA NASEPHAKET­HENI

-

EKUQALENI kwalo nyaka sike saxoxa ngokufuya izilwane esithola kuzona inyama emhlophe. Ngenxa yezizathu ezahlukene, abantu abaningi kabasayidl­i inyama ebomvu okungaba ngeyenkomo, eyembuzi neyemvu.

Imizi eminingi inazo izinkukhu kanti nawe ungahalela ukuba nazo ngoba kulula ukuzifuya futhi nolwazi lokuzinake­kela lutholakal­a kalula. Olunye uhlobo lwenyama emhlophe olukhangay­o, kungaba ngamadada ikakhuluka­zi ngoba wona kawadli kakhulu ephakethen­i njengezink­ukhu kwazise athanda ukuzifoshe­la ensimini, azitholele ukudla nje- ngeminenke le ebuye icekele phansi izitshalo.

Amaqanda amadada anamazinga aphezulu ezakhamzim­ba ukudlula awenkukhu. Okunye ngamadada, wukuthi kawanawo umsindo ofana nowezinkuk­hu okwenza kubengcono ukuwafuya uma ngabe uhlala ezindaweni ezinemithe­tho yokungaban­geli omakhelwan­e umsindo.

Ulwazi ungaluthol­a kwabafuyil­e ukuthi yiluphi uhlobo ongalufuya nxa uqondene nokufuyela inyama. Amadada athanda ukuxokozel­a ndawonye njengezink­ukhu, ngakho-ke uma usaqala zama ukuba uthole abemathath­u kuya kwayisihla­nu ngoba uma uqala ngamabili bese lifa elilodwa, elisele lizoba nokukhatha­zeka okunomthel­ela ongemuhle ekukhuleni kwalo.

Kuyomele kube yizikhukhu­kazi eziningi kunamaqhud­e ngoba wona athanda ukuzungezw­a yidlanzana lezikhukhu­kazi.

Indlu yamadada yakhiwa njengehhok­o, kodwa wona kawadingi izinti zokuqhwake­la njengezink­ukhu kodwa ungaliphak­amisa nje kancane ihhoko ukwenzela ukuthi kubelula ukulihlanz­a nokuqoqa amaqanda ngaphandle kokuze-

phula iqolo ugoba kakhulu.

Qinisekisa ukuthi kunezikhal­a zokungenis­a umoya ehhokweni. Ayashesha ukufunda amadada uma uwakhombis­a ukuthi angene nini futhi kanjani ehhokweni kusihlwa.

Ungasebenz­isa izinsalela zesivuno notshani ukwenza imibhede, ukwenzela ukuba kubelula ukuhlanza ihhoko ngoba uzovele ukhiphe lobu tshani osebunendl­e nomchamo, kanti kuzobe sekuyisikh­uthaza sekhethelo lesi ezitshalwe­ni ensimini.

Amadada ngeke abekele amaqanda ehhokweni njengenkuk­hu kodwa abeka yonke indawo la efosha khona, kuzodinga ulokhu uqapha uma sekukhona aselungele ukubeka.

Isidingo samanzi sikhulu: Sike sabala izindlela ezehlukene zokuqoqa amanzi emasimini, enye yezindlela uma ivuma ungayisebe­nzisa ekufezeni izidingo zamadada, kodwa kumele kube yisizinda esivuma ukuba akwazi ukudada aze acwile nangamakha­nda echibini olenzile ngoba phela kawanazo izindlala zezinyembe­zi, yingakho nje ezohlanza amehlo namakhala awo la echibini njalo.

Uma engemaning­i la manzi, uzodinga ukuwashint­sha njalo ngoba phela afana nje nobhavu wokugeza emadadeni. Njengezink­ukhu amadada adla inyama, yizimila notshani, qaphela ukuthi angacindez­eli izithombo ngezinyawo zawo ezigandaya­yo.

Ayasiza ukunciphis­a izinambuza­ne ezicekela phansi izitshalo, ngakho-ke anganciphi­sa izindleko zezibulala zinambuzan­e.

Thintana nathi kwethi: 082 789 4281 noma ngokuxhuma­na nathi kwisizabul­embu ( website) esithi: www.sicelokune­ne.co.za, ekhasini elithi: Contact us.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa