Iyihlaya iNingizimu Afrika emhlabeni
SIBONA kumele iNingizimu Afrika ifunde lukhulu kokwenziwe yi-University of Bedfordshire yaseUnited Kingdom eqome ukumisa uNkk Qedani Mahlangu obengungqongqoshe wezempilo eGauteng ngesikhathi kufa iziguli ezili-141 ezisuswe esikhungweni iLife Esidimeni zayiswa kwezizimele.
Le nyuvesi imise uNkk Mahlangu obefunda kuyona ngenxa yalesi sigameko. Isenzo sayo siyiphendula ihlaya iNingizimu Afrika, senza umhlaba ubone sengathi leli lizwe limfukamele uNkk Mahlangu yize esoleka entweni ebuhlungu kangaka. Nokho kuyasicacela ukuthi leli lizwe lisazoqhubeka nokuba yihlaya emhlabeni. Zolo lokhu iNkantolo yoMthethosisekelo itshele izwe lonke ukuthi uMengameli Jacob Zuma udelele umthethosisekelo wezwe, waxolisa kwaphela kanjalo.
Nyakenye uMnu Sigmundur David Gunnlaugsson obengundunankulu wase-Iceland wesulile esikhundleni emuva kokuvela kwegama lakhe emanyaleni adume ngelePanama Papers, eNingizimu Afrika izikhulu zikahulumeni zibanjwa emikhonyovini nasenkohlakalweni zithuthwe ziyoba ngamanxusa aleli kwamanye amazwe, amakhansela atholwa ngamakhomishini asuke ehleliwe ukuthi antshontshe inkece yomphakathi kodwa kuthalaliswe nje.
Sekucacile ukuthi leli lizwe lisazoshona phansi ngenxa yezinqumo ezithathwa ngabaholi. Yize uNkk Mahlangu kuyilungelo lakhe ukufunda noma yikuphi lapho afisa khona futhi engakaze abekwe amacala noma wagwetshwa kodwa kunezinto ezishiya ichashaza elibi ezweni, esicabanga ukuthi abaholi kusuke kumele basheshe bazibone bazilungise. Kungani izikhulu zikahulumeni eNingizimu Afrika zingazi ukuthi umhlaba kuyawethusa ukufa kwabantu abali-141?
Uma zicabanga yiliphi izwe elingavuma ukuhlala nomuntu othinteka ekufeni kwabantu abangaka, ngaphandle-ke uma lingenandaba nempilo yabantu balo? Uhulumeni waseNingizimu Afrika ukhombise ukungabi nandaba nezihlobo zezisulu nezwe imbala. Ukube bewunendaba ngabe uNkk Mahlangu ucetshisiwe ukuba ake athi gozololo ekhaya kuze kudlule lolu daba lokufa kwabantu. Kasimehluleli, kodwa naye njengomholi bekufanele afunde kwezakhe ukuthi lapho ethi uyofunda khona kakudlalwa ucabhayiyane, amalungelo abantu kawashendezwa - singasho-ke ukuthi nakhona bawahlonipha ngokugcwele.
Sisishayela ihlombe isenzo se-University of Bedfordshire, makabuye uNkk Mahlangu azobhekana notalatiya lwakhe, kugezeke igama lakhe uma emsulwa, uma engekho msulwa abhekane nemisebenzi yakhe. Siyethemba nale khomishini ngeke ifane namanye amaningi lapho kugcina kuthiwe yayihleli ngonyaka othile kodwa imiphumela yavezelwa abathile ngoba kusuke kukhona abathile abasezinhliziyweni zabathile kuhulumeni, okungafanele ukuba bavele ukuthi bayizonakali.
Kubuhlungu ukufa kwabantu, kungakhathalekile ukuthi bayagula noma cha. INingizimu Afrika mayisike iphethini kule nyuvesi yase-UK. Kuningi okonakele kuleli lizwe ngenxa yokuthalalisa kosopolitiki ngoba bengafuni ukunyathela amakhona ezikhondlakhondla zabaholi. Sikhuluma nje kubonwa ngokusa erandini, imisebenzi kayibonwa njalo njalo ngenxa yezinqumo ezife uhlangothi zosopolitiki. Umuntu noma ngabe kuthiwa umsulwa kuze kube utholwa yizinkantolo enecala, kumele kubhekwe ukuthi yini le athinteka kuyo ngaphambi kokuba avunyelwe ukugcakagca wonke amazwe lawa.
UNkk Mahlangu makanikwe ithuba achazele izwe ukuthi konakalephi kuze kufa abantu, yize bengeke besavuka kodwa siyakholwa wukuthi ikhona imindeni yezisulu ezokwelapheka. Sikhuluma nje, omunye wesifazane oyisihlobo sezisulu obekhuluma kule khomishini emayelana neSidimeni, ubize uMengameli Zuma ngenkalankala, okukhombisa ukuthi ziyabhibha izinhliziyo zezihlobo zabafi. Uma-ke izingane zizohamba lukeke kuhle kwenkalankala, kusho ukuthi indaba isuka enhlokweni yekhaya. Siyacela ukuba abaholi bethu eNingizimu Afrika bapheze ukuhamba lukeke ngoba lokho kukodwa sikubona kunomthelela ongemuhle esithunzini sezwe.