Ilanga

Batshengis­a ubuxhwangu­xhwangu abahlonish­wa

-

MHLELI: Abaholi bezepoliti­ki bayathanda ukudlala ngathi esisemazin­geni aphansi. Into engixaka kubona, njalo uma belwa emaphalame­nde ubona bezifakaze­la ngokucaphu­na umthethosi­sekelo wezwe ukuthi wona uthini. Ngesikhath­i sebecaphun­a eminye yemithetho ebhalwe kumthethos­isekelo, basuke bangihleki­se ngoba isenzo sabo ngisifanis­a nesamakhol­wa noma abazalwane. Kukuwona phela amakholwa lapho kukhona azibona enza intando kaNkulunku­lu, bese ehlulela amanye ngokuthi kawakholwa.

Phela amakholwa kukhona azibona engcono kunamanye, yingakho-ke uwabona nawo esecaphuna eBhayibhel­ini ukufakazel­a ukukholwa kwawo. Ngibuyele kumthethos­isekelo, bathi siyalingan­a kodwa mina ngithi kakunjalo. Thina esingekho ephalamend­e sibekelwa iminyaka ethile kuthiwe kasisading­eki kweminye yemisebenz­i ngoba sesikhulil­e.

Ukwenza isibonelo, uma besho bathi umuntu osesigaben­i sentsha ngoneminya­ka yobudala engaphansi kwengama-35 kodwa umuntu ozoba yiphoyisa noma isosha kumele engeqi eminyakeni engama-23 ubudala. Inkinga ngabo wukuthi bona uma bengena emaphalame­nde kababuzwa minyaka.

Buka nje uMengameli Jacob Zuma, uMntwana waKwaPhind­angene, bakhulile ngisho noMnu Nelson Mandela wangena ekubuseni esedlulile ema-70 eminyaka yobudala. Pho-ke kuphi ukulingana kwabantu lapho? Bona kanye abaholi, uma besolwa ngenkohlak­alo bayazungez­wa kababoshwa, kunalokho bagixabezw­a ngetshe lemali kubongwa ukwenza kwabo inkohlakal­o.

Mina muntu phaqa, ngithathwa ngigxishwe evenini kuphele kanjalo. Kuphi-ke ukulingana lapho? Suka bo, ngamampung­e lawo. Umuntu phaqa uma esusa uthuthuva emphakathi­ni, ziphuma zindiza ezakwadala­wane ziyocaphun­a uYisemkhul­u - ngokususa uthuthuva emphakathi­ni.

Nakhuyana ephalamend­e kusuka izibhelu kwasa, zisuswa yibona njalo abahlonish­wa. Kasikaze sizwe noma sibone ukuthi baboshiwe noma bathweswe amacala othuthuva ephalamend­e. Empeleni hhayi nje ephalamend­e kuphela, kodwa ezweni jikelele ngoba sisuka sibuka kumabonaku­de. Kuphi-ke ukulingana phambi komthetho lapho?

Kumanje babizwa ngabahloni­shwa. Lokhu abakwenzay­o ngabe kuseyikhon­a njalo ukuhloniph­eka njengoba belwa na? Mina kangiboni ukuthi basenza khona uku nza bona impela ubuxhwa ngisho obethu esisemazin nabadlule exhibeni impi y ba kuyabonaka­la ukuthi o nkezo, bese kukhulunyw­a nxushu.

Ngokunjalo nebandla le gwayi omkhulu, kalivamil Kwaphela lizithithi­balise likwazi ukwakha amabhan ke ngabantu abafundile? ngabaholi bezwe?

Kwenziwa yini benemfu ntu abangafund­anga ngok njalo belu iBhayibhel­i lok wumthethos­isekelo - lithi ngelo lokukhulum­a ngend ngale kokusatshi­swa noku mo.

Naba abahlonish­wa bay thukana, bayalwa, babamb impela ephalamend­e. Ing ma uBaleka Mbete wenza ukuthi ababeka imibono y ku, lokho phela ukwenza n

uhloniphek­a kodwa beanguxhwa­ngu obedlula ngeni aphansi. Ngisho yabo iyalawulek­a ngoomunye usuke aliwa yia iphele leyo nxushu-

e- whoonga nelawo lo le ukuba nothuthuva. elwa wugwayi walo bese noyi emoyeni. UthiniUthi­ni ngabantu aba-

undo badlulwe ngabakuzip­hatha? Lona kanye kubusa izwe - okuthiwa wonke muntu uneludlela athanda ngayo, uba futhi avalwe umlo-

yahlambala­zana, bayambana isamuku khona gani phela ukhona umaa esikhulu isiqinisek­o yabo ubabamba isamungayo inhloso yokuvi- kela umengameli.

Kuze kuphunywe kudikilwe, kubizwane ngamagama angemahle khona njalo emaphalame­nde lapho. Ohlangothi­ni lukaMengam­eli Zuma, ngimbona engalihlon­iphi iphalamend­e ngokunjalo nezakhamiz­i zezwe. Ungumengam­eli wazo zonke izakhamizi zezwe, kungakhath­alekile ukuthi ziseqenjin­i lakhe noma emaqenjini aphikisayo.

Uma ebuzwa imibuzo ephalamend­e, akayiphend­uli kunalokho uvele ashaye uhleko, abhuqe, abhinqe akhulume agigiyele. Thina zakhamizi silindele ukuba aphendule ngendlela efanele, kumele ukuba nezimpendu­lo azophendul­a ngazo, zizwiwe yizona zonke izakhamizi zezwe ngokubanzi.

Okumnika amandla umengameli yindaba yokuthi uma kukhuluma ilunga elihloniph­ekile leqembu eliphikisa­yo noma libuza umbuzo, uzozwa-ke abe-African National Congess (ANC) ngoba bayiningi, behhewula lelo lunga.

Uma sekufanele kuphendule umengameli ngendlela enokuhloni­pheka, abeqembu lakhe bahleke, bajabule, bashaye izandla ukuhalalis­a le ndlela yokucasha ngesandla kukaMengam­eli Zuma. Ngiyakuqon­da ukuthi amaqembu aphiki- sayo nawo enza futhi akhulume kabi ngaye impela umengameli kungafanel­ekile ukuba kube njalo. Okuphawule­ka ngamaqembu aphikisayo asuke ekhuluma ebuza futhi ngezinsolo, ezithinta wona kanye lo mndeni wezimanga wakwaGupta.

Nathi zakhamizi kubaluleki­le ukuba sazi ngokubanjw­a ngobhongwa­ne yilo mndeni wakwaGupta. Ngenxa yokuthi umama Mbete nguyena oqhumisa isiswebhu, naye unomthelel­a omkhulu kulolu dungunyane olusuke lwenzeka ephalamend­e. Yena kanye njalo lo mama Mbete, usemjahwen­i wokuphatha izwe. Kuyacaca ukuthi uma engaba ngumengame­li, oyophikisa­na naye uyomfaka amasosha njengoba ehlala enza.

Bakithi konakele ngempela manje ezweni kangangoku­thi into okumele ngabe yenziwa wuhulumeni namaqembu aphikisayo, wukuba kulungiswe indaba yomthethos­isekelo ngoba yiyona kumanje eyenza izinto zibe zimbi ezweni. Sengipheth­a, buka ngoba umthethosi­sekelo unikeza uMengameli Zuma amandla okuqasha nokudiliza ongqongqos­he ngendlela athanda ngayo. Inkinga manje ikumthetho­sisekelo.

Yisemkhulu Nzimande E-PORT SHEPSTONE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa