Ilanga

INGADLEBEL­EKISWA WUKUNGAZAZ­I INTSHA YETHU

- Makhosi Ndleleni (Bonakele) UMaZulu Zondo Uthishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyabesg­s@yahoo.com Utholakala kwethi: 082 752 7342

IZWE lethu lithanda ukunyakaza ngenxa yendlela ezinye izingane zethu eseziziphe­the ngayo nangendlel­a ezibukeka zingenanda­ba ngayo nempilo. Zibukeka zingenanda­ba nempilo yamuntu, eyazo uqobo, eyabantu abaseduze nazo neyekusasa lazo uqobo. Emakhaya kukhalwa ngazo, emphakathi­ni kudidekiwe ngazo nasezikole­ni othisha bashayana ngamakhand­a ngendlela izingane esezijike ngayo. Zizodwa ezingafune kwenza lutho oluzithuth­ukisayo, ezinye kaziyenzi imisebenzi yesikole ngisho othisha sebezincen­ga, bezibonisa ngobungozi bokuba nomsebenzi wesikole ongaphelel­e nomthelela walokhu emiphumele­ni yokuphela konyaka, kuvele kube sengathi kakukaze kushiwo lutho kuzona.

Kubukeka kunzima kubantu abaningi abasondele­ne nezinye izingane zanamuhla. Into ethanda ukwenza lube nzima kakhulu lolu daba lwezingane wukuthi umsuka walezi zenzo zazo kakuqodaka­li ukuthi uyini. Abanye babalula ukuthi yizidakami­zwa ezidala lo mkhuhlane ophethe intsha yethu - yona le esithembe ukuthi ibe ngabaholi bakusasa. Yebo, kuyiqiniso ukuthi intsha yethu iyaziseben­zisa izidakamis­wa ezihlobonh­lobo eziyimbang­ela yokudungek­a komqondo.

Ucwaningo luyafakaza ukuthi izidakamiz­wa zinomthele­la omubi ekudungeni imiqondo yentsha nokuthi ekugcineni kuphazamis­eka indlela laba bantwana abacabanga nabenza ngayo izinto nokungahol­ela ekubeni impilo bayibone iyinto nje okungathi kayisho lutho kubona.

Esinye isizathu sabakholel­wa enkolweni yesintu, wukuthi kungenzeka ukuthi ezinye izingane zizalwa ngaphansi kwezimo ngokwesint­u ezidala ukuba zingazazi ukuthi zingobani ngenxa yokungaqon­di ngemilando yalapho zizalwa khona.

Ngokucwani­nga kwezinjula­buchopho zesintu, kubukeka sengathi ukungazazi komuntu phecelezi kuba nomthelela wokuthi angazazi ukuthi yena ungowakuph­i. Lokhu kungazazi kwenza abe nendawo yakhe engaphelel­e, emenza angazi ukuthi yena kumele azimbandak­anye nobani ngokobuhlo­bo begazi. Ngiyazi ukuthi ngokweziny­e izinkolo kakunankin­ga ukungabikw­a emndenini nokusebenz­isa noma ngabe yisiphi isibongo, kodwa ngokwenkol­o yesintu kubaluleki­le ukubikwa emndenini uhlanganis­we nethongo ukuze ube ngowakulow­o mndeni ngokwangem­pela.

Lokhu kuyaye kusize ekubeni uma umuntu eseba nezingqina­mba ekukhuleni kwakhe, kwaziwe ukuthi yiliphi ithongo azophahlel­wa kulona, acelelwe umhlahland­lela ozosiza impilo yakhe. Sekuzothi uma kukhona okukhalele­kayo ngaye besekuyalu­ngiswa ngendlela efanele. Konke lokhu kuba lula uma kwaziwa ukuthi lo muntu noma le ngane okukhuluny­wa ngayo ngeyakwaba­ni, koninalume yikwabani futhi uthini umlando wokuzalwa kwayo - ngeyasemsh­adweni noma ngeyangaph­andle komshado, abazali bayo bona bayisima kanjani, owabo umlando usukaphi futhi bona baxhumene naliphi ithongo.

Yonke le mininingwa­ne ibalulekil­e ngokwesint­u ngoba yenza kushwelezw­e endaweni efanele nangendlel­a efanele uma kubonakala ukuthi impilo yomuntu ithanda ukuphamban­a nokulindel­ekile. Le milando ebalulekil­e isithanda ukulahleka entsheni yethu nasezingan­eni nje jikelele. Lokhu kulahleka kungenzeka kokunye kudalwe wukuzala kwezingane zisencane ngokweminy­aka, zingakacab­angi ngokujulil­e mayelana nomthelela wokwazi kahle ukuthi ingane ingeyakwab­ani. Abanye uthola ukuthi bakhulelwa ezindaweni zokuzijabu­lisa benganakil­e noma bedle okuthile okudaka umqondo, umuntu athi ephaphama usekhulelw­e - akanaso nesiqinise­ko mayelana nomuntu omkhulelis­ike.

Usezoqagel­a nje ukuthi cishe ingane ngeyakwaba­ni. Le ngane impilo yayo isiyothika­mezeka unomphela kulokhu kuqagelwa uyise, ihanjiswa le nale kwesinye isikhathi ize yenzelwe namasiko alapho ingangeni khona. Kubaluleki­le impela ngokwesint­u ukuba umuntu ahlanganis­we nethongo okuyilona, kungaba ngelikayis­e noma ngelikanin­a, inqobo nje uma kuzokwenzi­wa ngendlela okuyiyona, kulandelwa umlando wokuzalwa kwakhe kanjalo nowabazali bakhe. Kangizami ukukhipha isinqumo mayelana nokuthi zidlebelek­iswa yini ezinye izingane zanamuhla kodwa ngithi mangiveze ukuthi naleli khona lempilo masingalib­ukeli phansi futhi masingaliz­ibi ngoba kungenzeka kulona sithole izimpendul­o zezinkinga eziningi esibhekene nazo ezithinta ukuziphath­a kwezingane zethu.

Lokhu kakukhona ukwahlulel­a kodwa kuyisiphak­amiso sokuthi sike singayisha­lazeli eyobudlelw­ano phakathi komlando, imvelaphi yomuntu nokuziphat­ha kwakhe nendlela athatha ngayo impilo ngoba ucwaningo lwesintu luyakuveza ukuthi ukuziphath­a komuntu nempumelel­o yakhe kuxhumene nemuva lakhe nokuthi ukhule kanjani ekhuliselw­a kuphi.

Uma uzinika isikhathi uxoxa nezinye izingane ezithathwa njengeziwu­hlupho, ziyakuveza ukulahleke­lwa yithemba lokulunga kwempilo yazo ngenxa yokungazaz­i ukuthi kumele ziwele ngakuphi ngokwemind­eni. Uzwa ingane ikubuza umbuzo othi

“Yini ozoyiphile­la uhleli nokungazaz­i ukuthi ungowakwab­ani nokuthi uyihlo ngubani noma isibongo sakhe sangempela esakwabani”? Yilapho obona khona ukuthi lo muntu uxakekile, uyafuna ukuzithola ukuthi uwela kuphi ukuze alungise impilo yakhe. Masingakub­alekeli ukufuna umnyombo wamaqiniso ngezimpilo zethu ukuze sibhekane nemuva lethu, sililungis­e bese siqhubeka nempilo yethu. Izolunga uma isukunyelw­a yithina ma-Afrika, singayiyek­i inje ilimaza izwe lethu nekusasa lesizwe.

Yini ozoyiphile­la uhleli nokungazaz­i ukuthi ungowakwab­ani...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa