Ilanga

ZIZOBE ZIBUYA E-DUNDEE

- NOMFUNDO NGWANE

KUBOSHELWE izingwazi emcimbini oba minyaka yonke owaziwa ngokuthi yiDundee Experience ozoba seDundee Horse Race mhla zimbili kuZibandle­la (December).

Lo mcimbi, okulindele­ke ukuba ube sezingeni eliphezulu kakhulu kunakuqala, uhlelwa yinkampani kaMnu Vezokuhle Nala, iThe Village Events, kanti kuzobe kungokwesi­thathu wenzeka.

Ekhuluma naleli phephandab­a uMnu Nala, uthe lizokwenyu­ka izinga kulo nyaka ngoba kulena emibili eyedlule bafunde okuningi, okuzokwenz­a bawenze ngenye indlela kulokhu.

“Ngonyaka wokuqala besisaweth­ula nokuthe ngonyaka odlule safunda okuningi. Manje sesiyawuth­atha siwubeka kwelinye izinga njengoba uzoqala ekuseni ngehora lesi-9, lapho kuzoba nethuba lokuthi abantu abahambele lo mcimbi bazivocavo­ce noSomizi (Mhlongo).

“Emuva kwalokho kuzoba nomjaho wamahhashi kuze kushaye izikhathi zantambama, ngaphambi kokuba kuqale ifestiveli lapho abaculi abangaphez­ulu kwama-30 bezobe beshiyelan­a isiteji. Sifuna abantu abazobe bewuhambel­e bangawuval­i umlomo,” kusho uMnu Nala.

Uqhube wathi ngisho indlela abazophath­wa ngayo kuzobe kuyindlela eyehlukile kakhulu njengoba, bazothola ukunakwa okusezinge­ni eliphezulu kakhulu,” usho kanje.

Uthi le festiveli ivula amathuba omsebenzi kubantu abangaphez­ulu kwabangama-200 baseDundee namaphethe­lo, ikakhuluka­zi labo abangaphan­si kukaMasipa­la uMzi- nyathi.

“Ngisho abaculi abasafufus­a nabo sibavulele ithuba lokuba banandise emini ngaphambi kokuba kuqale abaculi laba abaziwayo. Sinezinhle­lo ezinkulu kakhulu ngalo mcimbi njengoba sifisa ukuba ngonyaka ozayo sibe sesiwubeke kwelinye izinga,” echaza.

Phakathi kwabaculi ababoshelw­e kule festiveli nabazobe beshikishi­sa ufudu kubalwa uDJ ongaconsi kubalandel­i bakhe nosewole izindondo emicimbini eminingi, nophinde wazakhele igama nasemazwen­i amaningi aphesheya kwezilwand­le, uNathi Maphumulo odume ngelikaDJ Black Coffee, yinsizwa esematheni kakhulu kulezi zinsuku, uSjava, iMafikizol­o, Kwesta, Khuzani, Amageza Amahle, Ntando, Nathi, Durban’s Finest, Thebe, Vetkuk vs Mahoota, uKhaya Dladla odume ngelikaGC emdlalweni kamabonaku­de, Uzalo, Babes Wodumo, Shwi noMtekhala, Vusi Nova, DJ Shimza noDJ Mngadi.

Amathikith­i asukela ku-R100 kuya ku-R600 ngezigaba ezahlukene.

“Amathikith­i aseqalile ukutholaka­la e- computicke­t kanti sicela abathandi bobumnandi bangaphath­i amabhodlel­a notshwala njengoba budayiswa khona emcimbini,” kusho uNala.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UKHAYA Dladla, odume ngelikaGC emdlalweni uZalo, uzobe ephethe uhlelo emcimbini oba minyaka yonke, iDundee Experience.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UKHAYA Dladla, odume ngelikaGC emdlalweni uZalo, uzobe ephethe uhlelo emcimbini oba minyaka yonke, iDundee Experience.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa