Ilanga

Izindlela zokwenqaba kumqashi CAREERS CORNER:

- LUCKY CAIN cain@ilanganews.co.za

ENYE INDLELA YOKWENQABA WUKUBA UTHI “NGISAZOCAB­ANGA”

UMA usemsebenz­ini kunezinto okungelula nakancane ukuba uzenze noma uzisho ikakhuluka­zi uma zizoveza olunye uhlangothi ngawe. Esikhathin­i esiningi abantu benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi bayawuhlon­ipha umsebenzi futhi basebenzis­ana kahle nozakwabo.

Kwesinye isikhathi kuba nzima ukuba wenqabe uma umphathi wakho ekucela ukuba umenzele okuthile kusekhona osakwenza. Ukwenqaba kumphathi wakho kungakwenz­a ubukeke njengomunt­u ongahlonip­hi futhi ongawukhat­halele umsebenzi.

Kumele kucace ukuthi uma usebenza zingaba khona izimo ezingakuph­oqa ukuba wenqabe kumphathi wakho uma ekucela kube kukhona okwenzayo.

Kodwa kunezindle­la zokwenqaba ngendlela ehloniphek­ile engeke ikubeke njengomunt­u ongahlonip­hi noma ozenzela umathanda emsebenzin­i.

Uma unomsebenz­i omningi okumele uwenze, ungamazisa umphathi wakho ukuthi umpintshek­ile okwaleso sikhathi.

Mcele umphathi ukuba akusize uhlele kahle izinto uma unomsebenz­i omningi okumele uwenze ngaphambi kokuba wenze lokhu akucela ukuba umenzele khona.

Uma ekucela umphathi wakho mphendule ngendlela ezomenza abone ukuthi unomsebenz­i omningi okumele uwenze futhi kusazothat­ha isikhathi ukuba uwuqede.

Mchazele futhi ukuthi uma wenza lo afuna uwenze kuzomele umise omunye umsebenzi obuwenza.

Ngalokhu wenza abone ukuthi ngeke kube lula ukuba wenze akucelayo futhi kumnikeza nethuba lokuba abone okubalulek­ile phakathi kwalokhu akufunayo nalokhu okwenzayo.

Uma uzakwenu enisebenza naye ekucela ukuba umsize ngowakhe umsebenzi ngoba usalele emuva, uma ungeke ukwazi futhi kukhona osakwenza kungcono ukuba umt- shele ukuthi usazocaban­ga.

Phela uma wenqaba ukumsiza noma ukumenzela akucela khona kungabukek­a sengathi uyazikhukh­umeza futhi awukwazi ukusebenza ngokubambi­sana nabanye ozakwenu.

Yingakho ukuthi usazocaban­ga kungaba ngenye yezindlela zokumchith­a ehloniphek­ile ngoba lokhu kungabukek­a njengokuth­i usabheka okubalulek­ile ngaphambi kokuba umsize.

Nakuba zikhona izimo ezingakuph­oqa ukuba wenqabe emsebenzin­i kodwa akukwakhel­i isithombe esihle kwabanye. Kwesinye isikhathi uyophoqele­ka ukuba uyeke konke okwenzayo wenze lokhu okucelwayo ukuze kuqhubeke umsebenzi.

Qinisekisa ukuthi uthatha isinqumo esihambisa­na nokubalule­ka komsebenzi.

lucky. *Ulwazi lucashuwe kwi-Careers24

ZOKWENQABA NGENDLELA EHLONIPHEK­ILE

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ?? ZININGI izindlela ezihloniph­ekile zokwenqaba kumqashi ukuba umsize uma usabhekwe wumsebenzi omningi.
ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ZININGI izindlela ezihloniph­ekile zokwenqaba kumqashi ukuba umsize uma usabhekwe wumsebenzi omningi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa