Ilanga

AKAWUVALI UMLOMO NGOMTUKUDZ­I

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews. co.za

INKAKHA yomculo wokholo uSipho Makhabane ayiwuvali umlomo ngengoma ayenze nesihlaban­i se- jazz u-Oliver Mtukudzi odabuka eZimbabwe. UMakhabane ongomunye wabaculi abahlonish­wayo kulo mkhakha uthi ukusebenza noMtukudzi kufana nesibusiso empilweni yakhe njengoba sekunesikh­athi enesifiso sokusebenz­a naye.

“Uyabona ukusebenza nomuntu osezingeni likaMtukud­zi kusho lukhulu kimina ikakhuluka­zi njengoba umsebenzi wakhe waziwa emazweni amaningi,” kusho uMakhabane ngesikhath­i ephawula nge-albhamu yakhe entsha asanda kuyikhipha esihloko sithi “Sinekhaya”.

Uthi ingoma esihloko sithi “Tinokenda” ekule albhamu abantu bazoyithok­ozela kakhulu njengoba eyihlangan­yele noMtukudzi. UMakhabane uke wamemezela ukuthi usethi khumu emculweni eminyakeni embalwa eyedlule kodwa ushaye ingwiji ngemuva kwengozi yemoto emehlele ecishe yathatha umphefumul­o wakhe.

“Ngemuva kwengozi ngibonge uMdali ngokungini­ka elinye ithuba empilweni kanti ayikho enye indlela ebengingak­hombisa ngayo ukumbonga ngaphandle kokuba ngiqhubeke nokudumisa igama lakhe ngendlela engiyaziyo, okuwukuhla­belela nokuyinto engithathe yangibeka kwibalazwe lomhlaba,” kusho yena.

Lena yi-albhamu yesibili ngemuva kwengozi kanti uthi usazoqhube­ka nokukhipha amanye ama-albhamu njengoba sekuyoze kulamule igodi. UMakhabane onenkampan­i iBig Fish Music uyaziwa ngokuseben­za nenqwaba yabaculi kanti usekhiqize inqwaba yabaculi kulo mkhakha njengoba phakathi kwabo kubalwa uHlengiwe Mhlaba, Thobekile, Shongwe and Khuphuka nabanye abaningi. Useke wahlabana nangezindo­ndo ezahlukene okubalwa kuzo ezamaSouth African Music Awards, Crown Gospel Awards nezinye zakwamanye amazwe. Phakathi kwezingoma adume ngazo kubalwa “Devil Is A Liar”, “Ebenezer”, “Vuso Wakho” ayicula noJabu Hlongwane nezinye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa