AKAWUVALI UMLOMO NGOMTUKUDZI
INKAKHA yomculo wokholo uSipho Makhabane ayiwuvali umlomo ngengoma ayenze nesihlabani se- jazz u-Oliver Mtukudzi odabuka eZimbabwe. UMakhabane ongomunye wabaculi abahlonishwayo kulo mkhakha uthi ukusebenza noMtukudzi kufana nesibusiso empilweni yakhe njengoba sekunesikhathi enesifiso sokusebenza naye.
“Uyabona ukusebenza nomuntu osezingeni likaMtukudzi kusho lukhulu kimina ikakhulukazi njengoba umsebenzi wakhe waziwa emazweni amaningi,” kusho uMakhabane ngesikhathi ephawula nge-albhamu yakhe entsha asanda kuyikhipha esihloko sithi “Sinekhaya”.
Uthi ingoma esihloko sithi “Tinokenda” ekule albhamu abantu bazoyithokozela kakhulu njengoba eyihlanganyele noMtukudzi. UMakhabane uke wamemezela ukuthi usethi khumu emculweni eminyakeni embalwa eyedlule kodwa ushaye ingwiji ngemuva kwengozi yemoto emehlele ecishe yathatha umphefumulo wakhe.
“Ngemuva kwengozi ngibonge uMdali ngokunginika elinye ithuba empilweni kanti ayikho enye indlela ebengingakhombisa ngayo ukumbonga ngaphandle kokuba ngiqhubeke nokudumisa igama lakhe ngendlela engiyaziyo, okuwukuhlabelela nokuyinto engithathe yangibeka kwibalazwe lomhlaba,” kusho yena.
Lena yi-albhamu yesibili ngemuva kwengozi kanti uthi usazoqhubeka nokukhipha amanye ama-albhamu njengoba sekuyoze kulamule igodi. UMakhabane onenkampani iBig Fish Music uyaziwa ngokusebenza nenqwaba yabaculi kanti usekhiqize inqwaba yabaculi kulo mkhakha njengoba phakathi kwabo kubalwa uHlengiwe Mhlaba, Thobekile, Shongwe and Khuphuka nabanye abaningi. Useke wahlabana nangezindondo ezahlukene okubalwa kuzo ezamaSouth African Music Awards, Crown Gospel Awards nezinye zakwamanye amazwe. Phakathi kwezingoma adume ngazo kubalwa “Devil Is A Liar”, “Ebenezer”, “Vuso Wakho” ayicula noJabu Hlongwane nezinye.