Ilanga

UZONANDISA NGAKUBO OKOKUQALA NGQA USJAVA

- SANDILE MAKHOBA

BAZOBONA isihlabani sendawo sinandisa okokuqala ngqa endaweni yangakubo abantu baseBergvi­lle, maphakathi nentshonal­anga yeKwaZulu-Natal.

UJabulani Hadebe odume ngelikaSja­va, ongowokuda­buka eBergville uzobe edlala okokuqala ngqa ngakubo emcimbini iDrakensbe­rg Extravagan­za Music Experience.

Leli ciko elifike kwezwakala endimeni yezikaqedi­sizungu libhale ekhasini lakhe enkundleni yokuxhuman­a u-Instagram ukuthi lizobe licula okokuqala ngakubo.

“Ekugcineni ngizocula ngasekhaya eBergville,” kubhala uSjava ekhasini lakhe.

USjava ungomunye wabaculi abahlonish­wayo ngethalent­e labo. Uke waba sematheni ngendlela agqoka ngayo emicimbini yezindondo okubalwa kuyo namaMetro FM Music Awards kanye namaSouth African Music Awards (SAMA).

Njengamanj­e lo mculi uzinze eGoli, kanti usayine ngaphansi kwenkampan­i i-Ambitiouz Entertainm­ent.

USjava uzakhele udumo ngokucula ngendlela ehlukile ngesikhath­i epikwe ezingomeni zabanye abaculi.

Ingoma eyamakhela igama kakhulu ngekaMiss Pru DJ esihloko sithi “Amen”. Ngemuva kwalokho wakhipha i- album yakhe ethi “Isinamuva” enezingoma ezishisa izikhotha okubalwa kuzona “Amafu, Baba, Before nezinye”.

Kulo mcimbi uzobe eshiyelana inkundla namanye amaciko ahlonishwa kakhulu okubalwa kuwona uSomizi Mhlongo, uBabes Wodumo, Samthing Soweto, u-Amanda Black, iBeatenbur­g, uDJ Fresh, uMondli Ngcobo, uDJ Bongz, iJunior Mambazo nabanye abaningi. Uzobe useBergvil­le Bowling Club kusukela zingama-23 kuya mhla zingama-25 kuLwezi (November) kanti amathikith­i aseyathola­kala eComputick­et, ngo-R150 ajwayeleki­le, bese kuba wu-R600 awezicukut­hwane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TWITTER ?? USJAVA uzonandisa okokuqala ngqa ngakubo eBergville.
ISITHOMBE NGABE: TWITTER USJAVA uzonandisa okokuqala ngqa ngakubo eBergville.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USIPHO Makhabane uthi ukujabulel­e ukusebenza no-Oliver Mtukudzi kwi-albhamu yakhe entsha esihloko sithi “Sinekhaya”.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USIPHO Makhabane uthi ukujabulel­e ukusebenza no-Oliver Mtukudzi kwi-albhamu yakhe entsha esihloko sithi “Sinekhaya”.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa