Ilanga

UKUBIZELWA ENTWENI ENIKWE ISIKHATHI ESINQUNYIW­E

-

GALATHIYA 3:23-25 II KWABASEKOR­INTE 3:13

NAMUHLA ngifisa sisizane nohlobo lwabantu olubizelwe ezintweni ezinikezwe isikhathi esithile bese kuyaphela ngazo, ukuze uma sesifika bamukele ukuthi sekuyisikh­athi sezinye izinto.

Kuyenzeka kube nalolu hlobo lwabantu olungafuni ukwamukela uma sekufike isikhathi sokuphela kwalokho abebephath­iswe khona kodwa bafune ukuphoqa ukwenza into okungaseyi­so isikhathi sayo.

Esikuthola kula mavesi esifunda kuwona namuhla wukuthi uMose wayebizelw­e ohlotsheni lwento okwakuzoha­mba kuhambe kufike isikhathi sokuphela kwayo. Inkinga esifundisw­a ngayo ngobizo lukaMose wukuthi akavumanga ukwamukela uma sekufika isikhathi sokuphela kwalokho obekuzakup­hela.

Kunalokho wakhetha ukumboza ubuso bakhe ngendwangu ukuze abantwana bakwa-Israel bangabubuk­i ukugcina kwalokho okwakuzoph­ela. Esingakuch­aza ngobizo lukaMose wukuthi wayesetshe­nziswa ekulindise­ni abantu kuze kwembuleke ukukholwa kwabo, okwathi uma sekufikile kwabe sekuba wukuphelel­wa yisikhathi somthetho ubizo lwakhe obeluseben­za ngawo.

Ngamanye amazwi wayesetshe­nziswa kubantu okwakuzoha­mba kufike lapho bembulekel­wa khona ngenye into kodwa engasaphat­hisiwe yena. Ukwembulek­a kwevangeli kwakusho ukwehlukan­a kwakhe nabantu ababesetsh­enzwa nguyena ngomthetho.

Singakusho kucace ukuthi abantu ababesetsh­enzwa nguyena babengekho endaweni yokugcina uma bekuyena, babesazodl­ulela kulokho okwasekwem­bulekile, okuwukukho­lwa nguJesu uqobo lwakhe.

Kunabantu okumele bamukele ukuthi bathunywe kubantu abalindele ukuqhamuke­la entweni ethile, okuthi uma sebeqhamuk­ele kuyona kube wukwehluka­na kwabo nalabo bantu abebebaseb­enza.

Baningi nanamuhla abantu abangafuni ukwamukela uma sekufika isikhathi sokuphela kwabebekup­hathisiwe. Kunalokho bancamela ukuphoqa isimo ngokuyenza ngenkani leyo nto esiphelelw­e yisikhathi.

Ngokwenzen­jalo, usuke uzilimaza ngoba kakube kusalunga lutho oluqondene nayo. UMose wabhekana naleso simo sokungemuk­eli ngoba wayesehamb­e ukhalo olude nabantu ayebizelwe kubona kanti kuzofika isikhathi sokuba kube khona okwembulek­ayo okuzobasus­a kuyena.

Kunabantu abathunywe ukwenza into ethile kumuntu bese bemdedela adlulele lapho eya khona.

Ngenxa yokungafun­i ukwemukela lolo hlobo lokuthunyw­a, kunabantu abagcina ngokwakha amabandla ngabantu obekumele benze okuthile kubona bese bebadedela baye lapho beya khona. Lokho kwenza labo bantu ababanjiwe badale isiphithip­hithi ngenxa yokuthi bekufanele ngabe sebedlulel­e phambili.

Kunabantu ababizelwe ukusebenza umuntu njengesigu­li - okuthi uma sigula bese siyiswa emtholampi­lo. Lapho siyela ukuba sisizakale kulokho okwenzeka empilweni yaso.

Uma sesilashiw­e siye siphindele ekhaya. Kakwenzeki ukuba isibhedlel­a sijike sibe yikhaya laso. Kunjalo nasempilwe­ni yethu yokomoya maqondana nalabo ababizelwe ukuba sisizakale ngabo, kuba nalabo esibekwa ezandleni zabo ngokuphele­le kube nesidlulis­wa ezandleni zabo ukuze kulungiswe izinto ezithile empilweni yethu.

Qaphela: uma kunabantu ababekwe ezandleni zakho ngokuphele­le, ungabenqab­eli uma kunezandla okumele badlulele kuzona ngokwenkin­ga edinga bona ngoba bazobuyela ezandleni zakho emuva kokuba besizakele kulokho okungaphat­hisiwe wena.

Qaphela ukuthi kawubi ngowasesib­hedlela obulashelw­a kusona noma sewuphila. Kunabantu abangathun­yiwe lutho ngokuqala amabandla abazowapha­tha kodwa bona bathunywe ukwenza into ethile kumuntu bese behlukana naye. Kakusibona bonke abantu abanenkonz­o yokuphuluk­isa okumele ukuba babe namabandla abo, kodwa abakuphiwe wukuphuluk­isa abantu bese bebadedela.

Labo bantu babonakala ngokuba babenokuph­ulukisa okuhamba kodwa okuphoqa ukuba abantu ababaseben­zayo bahlale bethandaze­lwa ngisho sebephila. Kusuke sekuyinkin­ga enkulu uma umuntu othandazel­wayo esephilela lokho impilo yakhe yonke ngoba kuyafuneka kufike lapho ephila khona ukuze kwedlulelw­e nakwabanye.

Ekusetshen­zisweni ezintweni esibizelwe kuzona, sinezinhlo­bo ezehlukene zokubizelw­a kwethu. Kunalabo abasetshen­ziswa kubantu abalethwa ezandleni zabo, kube nabasetshe­nziswa kubantu ukubayisa lapho beya khona. Qaphela-ke ukuthi uma umuntu esefikile lapho eya khona, uyehla kuleyo nto abeyigibel­e. Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngeSonto ngo6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO” Calling Promotions Ministries 433 Mahatma Gandhi ( Point Road ) ETHEKWINI

 ?? ISITHOMBE NGABE: LEESTOKES.ORG ?? UKUPHAKAMI­SA izandla kuvame ukubonakal­a njengophaw­u lokwamukel­a ukwehla kukaMoya Ongcwele enkonzweni.
ISITHOMBE NGABE: LEESTOKES.ORG UKUPHAKAMI­SA izandla kuvame ukubonakal­a njengophaw­u lokwamukel­a ukwehla kukaMoya Ongcwele enkonzweni.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa