Ukukwitiza ngezilimi enkonzweni
IMPIKISWANO ngokukhuluma ngezilimi ezintsha enkonzweni yinto esazoqhubeka futhi okunokwenzeka kuze kubuye iNkosi Jesu kungekho ukuvumelana ngayo.
Sizobheka nje kafushane kulo iZwi leNkosi ukuthola kahle ngalesi simangaliso. Lesi sihloko sikhuluma ngaso ngenxa yokuba kunabanye ababona ukukhuluma ngezilimi kuzifanela nomsindo onjengokubhibhidla komntwana omncane, osafunda ukukhuluma.
Ziningana izindima zeZwi leNkosi ezikhuluma ngalesi sihloko futhi uMphostoli uPaul nguyena oyixoxa kabanzi le ndaba aze asho encwadini I KwabaseKorinte 14:18 athi: “Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kunani nonke."
ILANGA lixoxe kafushane noMphostoli Sibusiso Msomi webandla iMt Zion Carr Nation Ministries ngayo le ndaba. Empeleni ukukhuluma ngezilimi ezintsha kuyisipho umzalwane asithola kuMoya oNgcwele ngesikhathi amukela iNkosi uJesu abhabhathizwe.
INkosi Jesu izwakala ibikezela ngalesi simangaliso iselapha, ingakenyukeli ezulwini, ngamanye amazwi ngaphambi kosuku lokuthululwa kukaMoya oNgcwele.
Encwadini NgokukaMarku 16:17, uJesu uthi izibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lakhe bayakukhipha amadimoni, bakhulume ngezilimi ezintsha. Kulokhu osekushiwo sesikwazile ukuzitholela ukuthi iBhayibheli kaliyithathi njengokubhibhidla komntwana indaba yokukhuluma ngezilimi. Encwadini Izenzo 2:3-4 sithola amazwi athi: “Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela‚"
Uma sesiwuvezile kanjalo umsuka wezilimi, labo-ke abangayizwa kahle eyokukhuluma ngezilimi, baze benze nehlaya ngakho, kungase kwenzeke bathi yini lapha kucashunwe la mavesi kuphela esikhundleni sokuqhubekela kwalandelayo ukuze kuvele lokho abakhala ngakho ukuthi kakwenzeki kule mihla.
Phela baye bathi ukukwitiza ngezilimi okungezwakali ukuthi kuthiwani ngazo, kakuveli kuNkulunkulu. Masiqhubekele kulawo mavesi-ke bese sivumelana nabo kwabakhala ngakho. Evesini 5-12 kufundeka kanje: “Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalem, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu, kwathi kuzwakele lowo mdumo uquqaba lwabuthana, lwaphithiza ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala bathi: ‘Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
‘Yini pho ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? ...siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu. Bonke bamangala bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?'" Bekumele bayamukele leyo nselelo abazalwane abanalesi sipho, uma bekhulumile ngezilimi qede akwaba bikho muntu ohumushayo ukuthi bekuthiwani. Yingakho nje uMphostoli uPaul encwadini I KwabaseKorinte 14:13 ethi:
“Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe‚"
Nakuba kunjalo sesingasale sesikusho ukuthi nangosuku lokwehla kukaMoya Ongcwele, sebekwazile ukuzwa ukuthi babethini abazalwane nakuba babekhuluma izilimi ezintsha, izwi leNkosi lithi kepha kukhona abanye ababebabhuqa bethi bagcwele iwayini elimnandi.
Okusho ukuthi kakulula ukwanelisa wonke umuntu ngisho ubufakazi sebusobala ukuthi obekwenzeka kusuke kungoMoya Ongcwele. Kuyo incwadi I KwabaseKorinte 14:39, uMphostoli uPaul uyiphetha le ndaba ngokuthi abazalwane mabakulangazelele ukuphrofetha kodwa bangakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.