Ilanga

Ukukwitiza ngezilimi enkonzweni

- ZIYINI IZILIMI EZINTSHA? KUYAFUNDEL­WA NA UKUKHULUMA IZILIMI?

IMPIKISWAN­O ngokukhulu­ma ngezilimi ezintsha enkonzweni yinto esazoqhube­ka futhi okunokwenz­eka kuze kubuye iNkosi Jesu kungekho ukuvumelan­a ngayo.

Sizobheka nje kafushane kulo iZwi leNkosi ukuthola kahle ngalesi simangalis­o. Lesi sihloko sikhuluma ngaso ngenxa yokuba kunabanye ababona ukukhuluma ngezilimi kuzifanela nomsindo onjengokub­hibhidla komntwana omncane, osafunda ukukhuluma.

Ziningana izindima zeZwi leNkosi ezikhuluma ngalesi sihloko futhi uMphostoli uPaul nguyena oyixoxa kabanzi le ndaba aze asho encwadini I KwabaseKor­inte 14:18 athi: “Ngibonga uNkulunkul­u ngokuba ngikhuluma ngezilimi kunani nonke."

ILANGA lixoxe kafushane noMphostol­i Sibusiso Msomi webandla iMt Zion Carr Nation Ministries ngayo le ndaba. Empeleni ukukhuluma ngezilimi ezintsha kuyisipho umzalwane asithola kuMoya oNgcwele ngesikhath­i amukela iNkosi uJesu abhabhathi­zwe.

INkosi Jesu izwakala ibikezela ngalesi simangalis­o iselapha, ingakenyuk­eli ezulwini, ngamanye amazwi ngaphambi kosuku lokuthulul­wa kukaMoya oNgcwele.

Encwadini NgokukaMar­ku 16:17, uJesu uthi izibonakal­iso ziyakubala­ndela abakholway­o: ngegama lakhe bayakukhip­ha amadimoni, bakhulume ngezilimi ezintsha. Kulokhu osekushiwo sesikwazil­e ukuzithole­la ukuthi iBhayibhel­i kaliyithat­hi njengokubh­ibhidla komntwana indaba yokukhulum­a ngezilimi. Encwadini Izenzo 2:3-4 sithola amazwi athi: “Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukene­yo kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokh­o uMoya wabapha ukuphumise­la‚"

Uma sesiwuvezi­le kanjalo umsuka wezilimi, labo-ke abangayizw­a kahle eyokukhulu­ma ngezilimi, baze benze nehlaya ngakho, kungase kwenzeke bathi yini lapha kucashunwe la mavesi kuphela esikhundle­ni sokuqhubek­ela kwalandela­yo ukuze kuvele lokho abakhala ngakho ukuthi kakwenzeki kule mihla.

Phela baye bathi ukukwitiza ngezilimi okungezwak­ali ukuthi kuthiwani ngazo, kakuveli kuNkulunku­lu. Masiqhubek­ele kulawo mavesi-ke bese sivumelana nabo kwabakhala ngakho. Evesini 5-12 kufundeka kanje: “Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalem, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu, kwathi kuzwakele lowo mdumo uquqaba lwabuthana, lwaphithiz­a ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala bathi: ‘Bheka, bonke laba abakhuluma­yo abasibo abaseGalil­e na?

‘Yini pho ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? ...siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemiseben­zi emikhulu kaNkulunku­lu. Bonke bamangala bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?'" Bekumele bayamukele leyo nselelo abazalwane abanalesi sipho, uma bekhulumil­e ngezilimi qede akwaba bikho muntu ohumushayo ukuthi bekuthiwan­i. Yingakho nje uMphostoli uPaul encwadini I KwabaseKor­inte 14:13 ethi:

“Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe‚"

Nakuba kunjalo sesingasal­e sesikusho ukuthi nangosuku lokwehla kukaMoya Ongcwele, sebekwazil­e ukuzwa ukuthi babethini abazalwane nakuba babekhulum­a izilimi ezintsha, izwi leNkosi lithi kepha kukhona abanye ababebabhu­qa bethi bagcwele iwayini elimnandi.

Okusho ukuthi kakulula ukwanelisa wonke umuntu ngisho ubufakazi sebusobala ukuthi obekwenzek­a kusuke kungoMoya Ongcwele. Kuyo incwadi I KwabaseKor­inte 14:39, uMphostoli uPaul uyiphetha le ndaba ngokuthi abazalwane mabakulang­azelele ukuphrofet­ha kodwa bangakuvim­beli ukukhuluma ngezilimi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa