Ilanga

OweBafana uhlela umqhudelwa­no

Ubuyisela emphakathi­ni wangakubo

- PHILANI NCALANE

USUNGULA umqhudelwa­no okuhloswe ngawo ukuvundulu­la abadlali uThami Mkhize oyisiqongq­wane seCape Town City neBafana Bafana.

UMkhize uthi lo mqhudelwan­o uzokuba ngoZibandl­ela (December) ngakubo KwaXimba, kanti uzokuba minyaka yonke.

Akakalikhi­phi usuku oluqondile kodwa uthi uzovulelek­a nakumakila­bhu angaphandl­e kwaKwaXimb­a. UMkhize uhlela lemi dlalo ngokubambi­sana noMkhambat­hini Local Football Associatio­n (LFA) ongaphansi kweSouth African Football Associatio­n (Safa) uMgungundl­ovu Region.

“Baningi abadlali abanekhono KwaXimba. Thina esesiphume­lele kumele sisungule izinhlelo zokuvundul­ula abanye abadlali. Ukudlala kwami, uNkanyiso Mngwengwe noBongi Ntuli kwiAbsa Premiershi­p kukhomba ukuthi indawo yangakithi inothile ngabadlali. Kukhona nabadabuka KwaSwayima­ne okuyindawo eseduze nakithi. Nginqume ukubambisa­na neLFA ngoba yiyona eyengamele unobhutshu­zwayo ngasekhaya. Ngicele abaholi beLFA ukuqhamuka nosuku ngoba mina ngimatasa kwiCity.

"Yibona abasingeth­e zonke izinhlelo ngoba mina ngibambeki­le,” kusho uMkhize ophinde wabizwa kwiBafana Bafana ezodudulan­a neSenegal emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eRussia.

Ephawula ngokuqhube­ka ekilabhini yakhe uMkhize, uthe: “Sijabule ngokunqoba iFree State Stars ngo-1-0 ngeledlule. Bese siphatheke kabuhlungu sonke lapha ekilabhini njengoba bese sinebhadi lokuhlulwa imidlalo eminingi ilandelana. Sesikudlul­isile ukuhlulwa yiSuperSpo­rt United kowamanqam­u weMTN8 ngenyanga edlule eThekwini. Sibonga kakhulu kumqeqeshi wethu uBenni McCarthy obelokhu esigqugquz­ela,” kusho uMkhize okugcizele­le ukuthi uzozikhand­la kakhulu kwiBafana ukuze azibeke ethubeni lokufeza iphupho lakhe lokuyodlal­a e-Europe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMDLALI weCape Town City osanda kubizelwa kwiBafana Bafana uThami Mkhize ohlele imidlalo yebhola okulindele­ke ukuthi ibe ngoZibandl­ela (December) KwaXimba.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMDLALI weCape Town City osanda kubizelwa kwiBafana Bafana uThami Mkhize ohlele imidlalo yebhola okulindele­ke ukuthi ibe ngoZibandl­ela (December) KwaXimba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa