Ilanga

IZIGIDI ZOKUVALA ESIKA-BILLIAT

- SENZO SOKHELA

IMAMELODI Sundowns isikhiphe itshe le mali yalibeka eceleni ukuze ithenge umdlali weMaritzbu­rg United efuna ukuvala ngaye isikhala sikaKhama Billiat okuthiwa ufuna ukuhamba kule kilabhu.

Inkontilek­a kaBilliat neDowns iyaphela uma kusongwa isizini.

IDowns isizame kaningi ukuba lo mdlali elule inkontilek­a kodwa uyanqaba.

IChiefs kuvela ukuthi imeshela isinyenyel­a kanti lo mdlali kuthiwa usayilindi­sile njengoba kukhona namakilabh­u ase-Europe mfu- nayo.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iDowns isibeke eceleni u-R6-million efuna ukuthenga ngawo u-Evans Rusike weMaritzbu­rg United.

Kuthiwa uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weDowns uzimisele ngokuthi lo mdlali kube nguyena ovala isikhala sikaBillia­t uma kungukuthi ugcina ngokuhamba.

Leli phephandab­a lithinta uThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiDowns uthe okwamanje akukho angakuphaw­ula ngodaba oluthinta abadlali aba- bafunayo ngoba isikhathi asikabavum­eli.

Uthi ngodaba lukaBillia­t kusathule njengoba kuyikhalen­da lemidlalo yeFifa.

UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg uthi uzimisele ngokumdede­la uRusike uma kukhona ozoqhamuka nento ehambisana naye.

“Okwamanje akekho oseze kimini kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi uRusike usendalini uma kukhona omfunayo ngingamlal­ela ukuthi uza nani.

Uma ngigculise­ka ngizomdede­la,” kusho uKadodia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa