Ilanga

Usizi luzwa olunye kuStuart Baxter

Izinkinga ezihaqe iqembu zimqinisa idolo ngokunqoba

- SENZO SOKHELA

USIZI luzwa olunye kumqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana ebhekene nomdlalo omqoka. IBafana izodudulan­a neSenegal kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba kusasa ngoLwesihl­anu ngo-19h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IBafana ihaqwe yizinkinga zabadlali njengoba iya kulo mdlalo okufanele iwu-nqobe kumnyama kubomvu.

Empeleni kufanele iyinqobe yomibili imidlalo ezoyigijim­a neSenegal njengoba olandelayo ungoLwesib­ili kusihlwa kulo leliya lizwe.

Selokhu kuqale ikhempu izinto azimhambel­i kahle umqeqeshi uStuart Baxter njengoba kunezinkin­ga ezithinta abadlali.

Kusalindwe umbiko wodokotela ngo-Itumeleng Khune ongunozint­i olimale ngeledlule iKaizer Chiefs ibhekene neChippa United koweTelkom Knockout.

UKhune uchachanje­lwe yithambo ebusweni eshayisana noKurt Lentjies weChippa United naye obhinyilik­e ihlombe.

Kubikwa ukuthi kungenzeka uKhune adlale efake i- mask evikela ubuso kodwa konke lokho kuzoncika ekutheni odokotela bamthole esesimweni esinjani njengoba ehlolwe izolo ntambama nokho ujime waze waqeda izolo.

Kusabhekwe indaba kaKhune nje, uThulani Serero ushaye isiteleka njengoba engabonwa nangokhalo ekhempini.

Kubikwa ukuthi ulibeke ngesihloko elokuthi ngeke alubhade ngoba vele akasetshen­ziswa.

NoHlompho Kekana uhoxisiwe esikwatini indawo yakhe yathathwa nguTiyani Mabunda. Uhoxiswe ngoba kushone umkhwekazi wakhe engozini yemoto okuthiwa ubehamba nengane yalo mdlali eneminyaka yobudala emibili kodwa yona yaphuma ingenaluth­o.

U-Andile Jali yena ophume phakathi nejimu ngeke abonakale emdlalweni wokuqala.

Lishone elayizolo ngoLwesith­athu uBaxter esabambe umoya ngoSiphiwe Tshabalala osanda kushaya ibuya kwiBafana okuthiwa unokuthint­eka.

UThulani Hlatshwayo naye obenokuthi­nteka kuthiwa usengumqem­ane kodwa odokotela basamuqaph­ile.

UBaxter uthi ngendlela okunezinki­nga ngayo ekhempini yakhe yizona ezimqinisa idolo ukuthi bazophumel­ela.

“Ngesinye isikhathi izinkinga yizona ezikuqinis­ayo ezikwenza ulwe ngokuphind­iwe.

"Sinzima isimo esibhekene naso ngoba sithinta abadlali abamqoka kodwa-ke baningi abadlali futhi bonke njengoba belana akufanele sibenze bazizwe bengabalul­ekile bengabantu abangeke bakwazi ukwe-nza umsebenzi.

"Isikhathi sihambile manje umdlalo ususeduze okumqoka wukuthi sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo.

"Ithemba nginalo yinqobo nje sizokwenza konke esikuhlela­yo,” kusho uBaxter.

Njengoba iBafana iqhathanis­a usizi nje ziwuju kwiSenegal njengoba izinto zayo ziyihambel­a kahle.

USadio Mane ogijima kwiLiverpo­ol yase-England obelimele ubuye ngezinkani.

Ngeledlule wakhe amagoli amabili ezakhe zinenebula ngo-4-1 iWest Ham United koweBarcla­ys Premiershi­p.

Enkundleni yakhe yokuxhuman­a i- twitter emuva komdlalo uMane uveze ukuthi uzizwa ezelwe kabusha.

Uze walibeka ngesihloko elokuthi usebheke ukuyosiza izwe lakhe lingene lishibilik­a emqhudelwa­neni wendebe yoMhlaba oseRussia ngonyaka ozayo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I weBafana Bafana uStuart Baxter othi akalilahli­le ithemba.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I weBafana Bafana uStuart Baxter othi akalilahli­le ithemba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa