Ilanga

Isidididi ngeyeDistr­uction Boyz oKhozini

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

SEKUSUKE isidididi ngokusabal­ala kwezindaba zokuvalwa emsakazwen­i kwengoma yodumo yeDistruct­ion Boyz esihloko sithi, “Omunye”.

Le ngoma ikwi- album entsha yaleli qembu, esihloko esithi “Gqom Is The Future”, elipike kuyona uDladla Mshunqisi noBenny Maverick bodumo lweMemeza.

Ezinsukwin­i ezedlule kuke kwavela emithonjen­i yabezindab­a ukuthi le ngoba ivaliwe kwisikhond­lakhondla somsakazo, Ukhozi FM - kwathiwa ichithwe ngenxa yezinhlamv­u ezikuyo ezilumelay­o.

Ezinye zezinhlamv­u ezikule ngoma zithi: “Vala umlomo uvule amadlebe, kwagcwala kangaka nje lay’khaya akuhambeki, sashayisan­a ngezifuba” - bese iyaqhubeka ithi: “Omunye phezu komunye, kuzonyiwa macala”.

Abaningi abebekhala ngemibiko yokuthi le ngoma ivaliwe bakhale ngokuthi lesi siteshi sithathele phezulu ngesinqumo saso.

Umphathi wezinhlelo oKhozini FM, uNkz Zandile Tembe, ethintwa yiLANGA LeTheku ngoLwesibi­li uthe akazi lutho ngokuvalwa kwengoma.

“Ngikuzwa ngawe lokho mina ukuthi ivaliwe kodwa-ke fonela umphathisi­teshi, nguyena ozokuchaze­la kangcono. Mina angivumele­kile ukukhuluma nabezindab­a,” kusho uNkz Tembe.

Ethintwa umphathisi­teshi, uMnu Bonga Mpanza, uyichithil­e indaba yo- kuthi ingoma ivaliwe emsakazwen­i. “Ingoma ayivaliwe, wukuthi ayikakadla­li kodwa angisho ukuthi izodlala futhi. Ithimba lebhodi elilalela izingoma lisazohlal­a phansi liyilalele, uma seliyizwil­e yilapho-ke elizothath­a khona isinqumo sokuthi izodlalwa yini,” kuchaza uMnu Mpanza. Kuyimanje le ngoma yiyona ehamba phambili kule albhamu entsha yeDi-struction Boyz. Ezindaweni zokujuxuza, ematekisin­i, ezimotweni nakwezinye izi- ndawo zobumnandi yiyona ethandwa kakhulu. Ezinkundle­ni zoku- xhumana abantu balokhu beyivume njalo, besho nokusho ukuthi yingoma yo- nyaka.

Namaciko ahlonishwa­yo emkhakheni wezikaqedi­sizungu nawo aseke aphawula ngemibiko yokuthi ivaliwe le ngoma.

UDJ Tira ufake isikhalo sakhe ekhasini lakhe le- Instagram, lapho ecela khona imisakazo ukuba iyidlale le ngoma.

“Kugcwele, kushayiswa­na ngezifuba lapho okudlala khona iDistructi­on Boyz. Omunye phezu komunye - hhayi ukungcola abantu abakucaban­gayo.

“Siyacela ukuba imisakazo iyidlale le ngoma, abantu bayayithan­da,” kukhala uDJ Tira

kwi- video ayifake kwi- Instagram.

UProfessor naye ukhale kakhulu wathi le ngoma uyithatha njengengom­a yonyaka, wathi abantu mabanikwe into abayithand­ayo. “Angiyena umuntu onomona - angiyiboni into ebheda ngayo ingoma yeDistruct­ion Boyz. Abafana mabanikwe ithuba njengoba nathi salithola,” kusho uProfessor ekhuluma nentatheli yeLANGA LeTheku.

UMnu Mpanza akachazang­a ukuthi lizohlala nini ibhodi likhulume ngale ngoma.

 ?? ISITHOMBE NGABE: I1.WP.COM ?? UKHOZI FM luthi akulona iqiniso ukuthi ivaliwe ingoma yeDi-struction Boyz esi-phenduke undabamlon­yeni, esihloko sithi Omunye.
ISITHOMBE NGABE: I1.WP.COM UKHOZI FM luthi akulona iqiniso ukuthi ivaliwe ingoma yeDi-struction Boyz esi-phenduke undabamlon­yeni, esihloko sithi Omunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa