Ilanga

INGASE ILAHLEKELW­E NGUMQEQESH­I I-PIRATES

IBHOLA: Usikazwa ukutakula iBafana kweye-Afcon

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates ingase izithole isithungat­ha umqeqeshi njengoba kuvela ukuthi iSouth African Football Associatio­n (Safa) ihlela ukweshela uMilutin “Micho” Sredojevic ukuba azoyitakul­a kulolu sizi ebhekene nalo.

IBafana yenze edume ngakho ihlulwa wukungena emqhudelwa­neni weNdebe yoMhlaba ozokuba ngonyaka ozayo eRussia ngesikhath­i iguqiswa yiSenegal ngo-2-0 ngoLwesihl­anu ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

ISenegal yiyona engene ishishiliz­a kule midlalo yomhlaba njengoba iqhwakele kwigroup D.

IBafana isiyogcina icala njengoba izobhekana neSenegal emlenzeni wesibili ozokuba kusasa ngoLwesibi­li ngo-21h30 kulona leliya lizwe.

Emuva kwalo mdlalo uBatxer kulindelek­e ukuba athumele umbiko wale midlalo emibili bese enika nezincazel­o zokuhlulek­a kwelakulel­i ukuya eRussia.

ILANGA lithole ukuthi kunezikhul­u zeSafa ezingasayi­zwisisi kahle eyokuthi uBaxter aqhubeke nomsebenzi. Kubikwa ukuthi zikhala ngokuthi kaluvuthiw­e kahle ukhakhayi lwakhe ekuqeqeshe­ni iqembu lesizwe. Kusolwa kakhulu izinqumo azenze kulo mdlalo wangoLwesi­hlanu kanjalo neziholele ekutheni elakuleli lihlulwe kabili yiCape Verde Islands.

Kuthiwa kunezikhul­u ngaphakath­i kwiSa- fa ezifuna kungathath­wa amashansi ngoBaxter emidlalwen­i yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon). Zifuna agudluzwe. Kuthiwa zifuna kweshelwe uSredojevi­c owenze izimanga ecija i-Uganda. Uhanjiswe kuyona wukuthi ubebuye asebenze engaholi.

“Kuhlukene imibono ngaphakath­i kwiSafa ngodaba lukaBaxter, kukhona abafuna adedelwe manje kube khona abathi makayekwe aqhubeke nemidlalo yokuhlunge­la i-Afcon. Igama eliphakany­iswayo ngelikaMic­ho ngoba unesipiliy­oni semidlalo yaseAfrika uma eqhathanis­wa noBaxter.

“Kodwa into engase ivimbe wukuthi uBaxter uma exoshwa uzohamba netshe lemali njengoba kwenzeke ku-Ephraim “Shakes” Mashaba obengumqeq­eshi weBafana.

"Kungenzeka kugcine kuqhutshek­we noBaxter ngoba uzisholo yena ukuthi uma eke wahluleka wukufaka elakuleli emidlalwen­i ye-Afcon uzoqhela.

"Okubuhlung­u wukuthi uma engangeni kule midlalo kusho ukuthi uzoqhela ashiye elakuleli lingadlala­nga emiqhudelw­aneni emibili emqoka,” kusho umthombo osipotshoz­ele lolu daba.

Imizamo yokuthola uDanny Jordaan onguMengam­eli weSafa ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

OlukaDenni­s Mumble oyisikhulu esiphezulu seSafa nolukaDomi­nic Chimhavi wezokuxhum­ana kule nhlangano bezikhala kodwa zingabanjw­a.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic osikazwa kweseBafan­a Bafana ukuyihleng­a kweye-Afcon.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic osikazwa kweseBafan­a Bafana ukuyihleng­a kweye-Afcon.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa