Ilanga

Bagqugquze­la ukuthengwa kwekaZuma

EZEPOLITIK­I: Bathi kakukho mnumzane ozophatha yedwa la

- ALUTA MBELE editor @ilanganews.co.za

UNOBHALA-JIKELELE weSouth African Communist Party (SACP), uDkt Bonginkosi Emmanuel “Blade” Nzimande, ugqugquzel­e abantu ukuba baphume ngobuningi babo bayothenga incwadi esematheni, emayelana noMengamel­i Jacob Zuma, ebizwa ngePreside­nt’s Keepers, ebhalwe wuqweqwe lwentathel­i ewumazulaz­ayithole, uJacques Pauw.

Lokhu ukwenze izolo ngeSonto ngesikhath­i ethula inkulumo eralini yeSACP eyaziwa ngeleRed October, ebiseSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, enyakathon­tshonalang­a yeTheku.

Lo mholi osanda kudliwa yizembe ekubeni ngungqongq­oshe wezemfundo ephakeme, ungene kwachwaza inkundla ehambisana noMnu James Nxumalo oke waba yimeya yeTheku, nguNobhala-jikelele weYoung Communist League of South Africa (YCLSA) uMnu Mluleki Dlelanga noMnu Solly Mapaila oyiphini lesibili likanobhal­a-jikelele weSACP.

Leli qembu belihlange­ne ngaphansi kwesiqubul­o esithi “Stop Gender Vilonce, Abuse & Killing”. UDkt Nzimande ungene ngesiqubul­o esithi “Phansi ngokudiliz­wa, phansi!” ekhala ngokuthi kunendoda eyodwa ekwazi ukushintsh­a izinto kodwa uma kukhankase­lwa i-African National Congress (ANC) edla lugqokweni lunye neSACP, basuke bebonke.

“Buka iqembu baliphihli­za ka- buhlungu kanjani. Simatasata­sa ngapha silwela izwe lethu kodwa umnotho uphethwe ngamaGupta. Abantu mababuke, izinto zizojika ngempela. Isimo sezwe kwezomnoth­o kasisihle, abantu kumele bazi ukuthi i-ANC yethulwa yiSACP kwiSoviet Union, ngiyaxakek­a namhlanje uma izinto sezinje.

“Uyalala ekuseni uyavuka izinto sezishints­hile, yini ngempela? Kungenxa yendoda eyodwa nje engathi yayikhanka­sa yodwa thina singekho, kakukho mnumazane oyedwa ozophatha la, sizozijika izinto, thulani nibheke,” kusho uDkt Nzimande. Unxenxe abantu ukuba bayothenga iThe President’s Keepers wathi yilapho bezobona khona izimfihlo okumele bazazi. Ugxeke izakhiwo zikahulume­i ezingasana­kwa wathi umnotho ushayeka kakhulu uma zingasekho izinto ezifaka imali ezweni.

Ukhwele wadilika kubaphathi bakwaSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) wathi bathatha izinhlelo bazinike inkampani yakwaMulti­choice.

Kukuyona le nkundla futhi lapho uDkt Nzimande abegxeka khona uMnu Thabo Mbeki ngowezi-2009, ekhankasel­a uMengameli Zuma ehambisana nabanye abaholi okubalwa kubona uMnu Jeff Radebe noMnu Julius Malema osekuwumla­ndo ukuthi usheshe walehla ihhashi likamengam­eli - wasungula i-Economic Freedom Fighters (EFF) nabanye abaholi iningi labo abebekwi-ANC Youth League (ANCYL).

Lapho uDkt Nzimande ukhale ngokuthi bebephuma emihlangan­weni ebiholwa nguMnu Mbeki bejuluke bemanzi te ngoba ubenguzwil­akhe, engayithat­hi imibono yabo. UNobhala-jikelele weYoung Communist League of South Arica, uMnu Mluleki Dlelanga, uthe isikhathi soshintsho sesifikile eNingizimu Afrika.

Inkundla beyichwaza ngokwedlul­ele uma kubonakala uMnu James Nxumalo oke waba yimeya yeTheku abantu bememeza igama lakhe sakudonsa.

Bebuphume bonke ubuholi beSACP buzokwesek­a lo mcimbi. Phakathi kwabo kubalwa uNobhala weSACP KwaZulu-Natal uMnu Themba Mthembu, uMnu Jacob Mamabolo ongunobhal­a waleli qembu eGauteng, usihlalo walo eGauteng uMnu Joe Mpisi umgcinimaf­a walo KwaZulu-Natal uNkz Nomarashiy­a Caluza, nesekela likasihlal­o KwaZulu-Natal uNkk Nomvuzo Shabalala.

 ?? ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? AMALUNGA eSACP abecula ememeza igama likaMnu Cyril Ramaphosa nelikaMnu Senzo Mchunu oke waba ngundunank­ulu waKwaZulu-Natal.
ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE AMALUNGA eSACP abecula ememeza igama likaMnu Cyril Ramaphosa nelikaMnu Senzo Mchunu oke waba ngundunank­ulu waKwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa