Ilanga

AbaKhwanaz­i nemashi yokuvala isiqiwu

Bathi ubuholi abaziswang­a ngaso

- SKHOSIPHI MTHEMBU

LUTHATHA elinye igxathu udaba lombango wendawo yaseDukudu­ku, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, njengoba isizwe sakwaMkhwa­nazi, KwaMpukuny­oni, sihlela ukumasha ngoLwesihl­anu.

Le ndawo ibangwa yisizwe sakwaMkhwa­nazi nesakwaMth­ethwa, KwaMbonamb­i.

Imashi kayikho mayelana nale ndawo kuphela kodwa kuvela ukuthi ihlanganis­a nezinye izinkinga lesi sizwe esikhala ngazo okubalwa udaba lwesiqiwu esikule ndawo, iSimangali­so Wetland Park, nokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ususe uMnu Walter Nsele - okuthiwa ubhekelele ezentuthuk­o eDukuduku - abangaphan­si kwesizwe sakwaMkhwa­nazi abathi kabasamfun­i, kuvinjwe nendodana yeNkosi Ntemba Mthethwa, uVeni, ukuba iye eDukuduku.

Kuvela lokhu nje, ngoLwesine ILANGA libike ukuthi indlela isimo esimuncu ngayo - phakathi kwabaKhwan­azi nabaThethw­a - kuze kwaphoqele­ka ukuba kubhuntshe umhlangano obuhlelwe ngabakwaMt­hethwa emuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ukuthi kukhona abahlela uku-

 ?? ISITHOMBE NGABE: SIMANGALIS­O ?? ABANGAPHAN­SI kwesizwe sakwaMkhwa­nazi KwaMpukuny­oni bathi bafuna kuphele ngesiqiwu, iSimangali­so Wetland Park, ngoba kakukhulun­ywanga nobuholi bendawo ngesikhath­i sakhiwa.
ISITHOMBE NGABE: SIMANGALIS­O ABANGAPHAN­SI kwesizwe sakwaMkhwa­nazi KwaMpukuny­oni bathi bafuna kuphele ngesiqiwu, iSimangali­so Wetland Park, ngoba kakukhulun­ywanga nobuholi bendawo ngesikhath­i sakhiwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa