Ilanga

KUBHEDILE EMCIMBINI WOKUBUKA IBAFANA

- LUCKY CAIN

WEHLULEKIL­E wukudonsa abantu umcimbi obuseMoses Mabhida People's Park eThekwini ngoLwesihl­anu lapho bekubukwa khona umdlalo weBafana Bafana neSenegal kubhazabha­za kamabonaku­de.

Lo mcimbi obekungenw­a ngamathiki­thi abiza u-R120 kugcine kufike izimeywa nabezindab­a kuphela njengoba abantu abebetheng­e la mathikithi bebengabon­wa nangalukha­lo.

Kulo mcimbi bekuboshel­we oDJ abayizinta­ndokazi uDJ Tira wodumo lwengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku esihloko sithi “Malume” noDJ Fresh (osesithomb­eni) ongumsakaz­i we-Metro FM ongaconsi phansi kubathandi bomculo we- house.

Phakathi kwezimenyw­a kulo mcimbi kubalwa nezinkakha ezanqoba umqhudelwa­no we-Afcon ngo-1996 okubalwa kuzo uLucas Radebe, Doctor Khumalo, Phil Masinga, Mark Williams nabanye.

Izinhlelo zemidlalo oKhozini neMetro FM bezisakaze­lwa bukhoma kule ndawo. Izimenywa ziphume zidangele ngemuva kokuba iqembu lesizwe likhale ngaphansi ngamagoli amabili eqandeni.

Nakuba abantu abebetheng­e amathikith­i bebengabon­wa nangalukha­lo kodwa labo DJ bakwazile ukwenza abadume ngakho ukuklwebha amapuleti bejuxuzisa labo abakwazile ukuphumele­la.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa