Ilanga

Ufuna ubulungisw­a umndeni kamufi

Abasolwa bayazichan­asela

- MTHOBISI SITHOLE

UFUNA ubulungisw­a umndeni wakwaSitho­le oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, okudutshul­we kwabulawa indodana yawo ngoZibandl­ela (December) wangonyaka odlule njengoba abasolwa abane ekufeni kwayo bengaphand­le.

Lo mndeni ukhala ngokuthi kabenziwan­ga ubulungisw­a ngoba abasolwa babanjiwe kanti ngesikhath­i esanda kubulawa uMnu Sizwe Sithole, amaphoyisa aye noyedwa wabasolwa kwaSithole, wakhomba lapho bengene khona ngesikhath­i behlasela.

UMnu Sithole kubikwa ukuthi ungenelwe ngabasolwa phakathi kwamabili enomkakhe, wadutshulw­a kwathathwa imali elinganise­lwa ku-R40 000.

Ngokusho kwelunga lomndeni wakwaSitho­le - elingathan­danga ukudalulwa - bekunengxa­bano phakathi kukaMnu Sithole nomunye wesilisa wasendawen­i, obejwayele ukusebenzi­sa izimoto zikamufi - okubikwa ukuthi ubenezimot­o eziningana impela.

Lithi lona wesilisa utsheleke imoto kanti uzoyishayi­sa eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal - kanti emuva kwesikhash­ana kuzobe sekudutshu­lwa umufi.

“Lo mfana nguyena ofike nabangani bakhe bahlasela lapha ekhaya, kasikwazi ukuhlala sijabule ekubeni ababulali sibabona behleli ngaphandle ngoba na- ngesikhath­i kwenzeke le nto, amaphoyisa afikile ephethe ucwazi omnyama obunemali ethathiwe, asitshela nokuthi asebabambi­le abenzi bokubi. Sidumalile uma sesibabona begcogcoma ngaphandle abasolwa,” kusho leli lunga lomndeni.

Kuthiwa ngesikhath­i abasolwa begasela kwaSithole, umufi ubone kukhanya ithoshi endlini okuthe uma evuka eyoqalaza wazithela phezu kwenganono.

Ngokuthola kweLANGA, izigilamkh­uba lezi ziphoqe inkosikazi kamufi ukuba izimboze, ingazibhek­i, ikhiphe yonke imali ekhona endlini.

I-National Prosecutin­g Authority (NPA) ikhiphe incwadi ethi idokodo livaliwe ngenxa yokuthi kakukho okuyamanis­a abasolwa naleli cala okwamanje, okusho ukuthi akekho ozoshushis­wa ngalo.

Inxuse umndeni ukuba ukhiphe obunye ubufakazi nezincwadi ezifungelw­e ngokulande­lwa kwemibande­la yomthetho.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? AWU sukanini madoda! Lolo nyawo ungabe usayolupha­kamisa esigcawini sakithi KwaBizinya­nga ntombi yakoMondis­e, nami kengigiye nje ngisho ngithi ngadla ngingasaqa­li! Lesi siphalapha­la sentokazi nguNonhlan­hla Sithole owenza iHospitali­ty e-ICesa College...
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E AWU sukanini madoda! Lolo nyawo ungabe usayolupha­kamisa esigcawini sakithi KwaBizinya­nga ntombi yakoMondis­e, nami kengigiye nje ngisho ngithi ngadla ngingasaqa­li! Lesi siphalapha­la sentokazi nguNonhlan­hla Sithole owenza iHospitali­ty e-ICesa College...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa