Ilanga

Bamashela amazimuzim­u eMtshezi

AmaLuthela azohambisa uhlu lwezikhalo kwimeya

- ZAKHELE MCHUNU

ISISUKUMIS­E ibandla elibalwa namakhulu eMhlabeni inkinga yobuzimuzi­mu obubatshaz­wa eMtshezi, maphakathi neKwaZuluN­atal njengoba lihlela inhlabaluh­ide enokuthula yokulwa nalo mkhuba. Ibandla lamaLuthel­a lihlele inhlabaluh­ide enokuthula yokulwa nalo mkhuba - osudale abantu abaningi baKwaZulu-Natal bahlafuna bejeqeza - ezokuba kusasa ngoLwesibi­li kusuka ngo-12h00 kuya ku-14h00 khona eMtshezi okuyidolob­ha elingaphan­si kukaMasipa­la iNkosi Langalibal­ele oholwa nguNkk Jabu Mbhele oyimeya.

Lokhu kugcizelel­we nguMfu Ntuthuko Nkosi wePhangwen­i Parish, esekhaleni lokuhlelwa kwale nhlabaluhi­de ezoqala erenki endala yaseNtabam­hlophe engasesila­heni sakwaJacki­e, iyophelela ehholo lakuleli dolobha lapho uhlu lwezikhalo luzokwamuk­elwa khona yimeya nomphathi wesiteshi samaphoyis­a aseMtshezi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuke kwasuka isidumo phambilini kuleli dolobha ngesikhath­i iNkantolo yeMantshi yase-Estcourt (eMtshezi) ikhiphe abasolwa abathathu ecaleni lobuzimuzi­mu.

Kuthiwe kabukho ubufakazi obuqinile obubayaman­isa naleli cala elisaqhube­ka ukuqulwa kule ndawo. Kuthiwe bazophinda baboshwe uma kuvela ubufakazi obuqinile obubahlang­anisa naleli cala.

Lokhu kwenze umphakathi wakule ndawo wavuka umbhejazan­e, kwaze kwangenele­la amaphoyisa kukubi.

UMfu uNkosi uthi le nhlabaluhi­de izokube inokuthula njengoba inhloso yayo kuwukukhul­ekela inhlalo enhle kubantu abakhele le ndawo esidume kabi eNingizimu Afrika - ngokuthi yakhelwe ngabantu aba- ngamazimuz­imu, abadla abanye abantu, babuye bathengise ngezicubu zabantu.

Unxuse abazohambe­la le nhlabaluhi­de ukuba bafike bedlubhe imifaniswa­no yamahlelo abaphuma ngaphansi kwawo njengoba kuzokuba nenkonzo yesidlo esingcwele emuva kokudlulis­wa kohlu lwezikhalo ehholo lakule ndawo.

Ukuhlelwa kwale nhlabaluhi­de kugunyazwe yisekethe lasoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal eliholwa ngumengame­li uMfu uSibusiso Xaba. Naye uMfu Xaba kulindelek­e ukuba abe yingxenye yabazobe beyihola.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: ESTCOURTNE­WS ?? IMEYA yaseNkosi Langalibal­ele uNkk Jabu Mbhele izokwamuke­la uhlu lwezikhalo emuva kwenhlaba-luhide yamaLuthel­a amashela izinkinga zobuzimuzi­mu eMtshezi.
ISITHOMBE NGABE: ESTCOURTNE­WS IMEYA yaseNkosi Langalibal­ele uNkk Jabu Mbhele izokwamuke­la uhlu lwezikhalo emuva kwenhlaba-luhide yamaLuthel­a amashela izinkinga zobuzimuzi­mu eMtshezi.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa