Bamashela amazimuzimu eMtshezi
AmaLuthela azohambisa uhlu lwezikhalo kwimeya
ISISUKUMISE ibandla elibalwa namakhulu eMhlabeni inkinga yobuzimuzimu obubatshazwa eMtshezi, maphakathi neKwaZuluNatal njengoba lihlela inhlabaluhide enokuthula yokulwa nalo mkhuba. Ibandla lamaLuthela lihlele inhlabaluhide enokuthula yokulwa nalo mkhuba - osudale abantu abaningi baKwaZulu-Natal bahlafuna bejeqeza - ezokuba kusasa ngoLwesibili kusuka ngo-12h00 kuya ku-14h00 khona eMtshezi okuyidolobha elingaphansi kukaMasipala iNkosi Langalibalele oholwa nguNkk Jabu Mbhele oyimeya.
Lokhu kugcizelelwe nguMfu Ntuthuko Nkosi wePhangweni Parish, esekhaleni lokuhlelwa kwale nhlabaluhide ezoqala erenki endala yaseNtabamhlophe engasesilaheni sakwaJackie, iyophelela ehholo lakuleli dolobha lapho uhlu lwezikhalo luzokwamukelwa khona yimeya nomphathi wesiteshi samaphoyisa aseMtshezi.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwasuka isidumo phambilini kuleli dolobha ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yase-Estcourt (eMtshezi) ikhiphe abasolwa abathathu ecaleni lobuzimuzimu.
Kuthiwe kabukho ubufakazi obuqinile obubayamanisa naleli cala elisaqhubeka ukuqulwa kule ndawo. Kuthiwe bazophinda baboshwe uma kuvela ubufakazi obuqinile obubahlanganisa naleli cala.
Lokhu kwenze umphakathi wakule ndawo wavuka umbhejazane, kwaze kwangenelela amaphoyisa kukubi.
UMfu uNkosi uthi le nhlabaluhide izokube inokuthula njengoba inhloso yayo kuwukukhulekela inhlalo enhle kubantu abakhele le ndawo esidume kabi eNingizimu Afrika - ngokuthi yakhelwe ngabantu aba- ngamazimuzimu, abadla abanye abantu, babuye bathengise ngezicubu zabantu.
Unxuse abazohambela le nhlabaluhide ukuba bafike bedlubhe imifaniswano yamahlelo abaphuma ngaphansi kwawo njengoba kuzokuba nenkonzo yesidlo esingcwele emuva kokudluliswa kohlu lwezikhalo ehholo lakule ndawo.
Ukuhlelwa kwale nhlabaluhide kugunyazwe yisekethe lasoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal eliholwa ngumengameli uMfu uSibusiso Xaba. Naye uMfu Xaba kulindeleke ukuba abe yingxenye yabazobe beyihola.