ZAZIKHONA IZINKOMBA ZOKUTHI INKOSI UPHASHA IZOHOLA IBANDLA
UBUBANZI BOKHALO LWENKOSI
OKOKUQALA nje kakusilo iqiniso ukuthi iNkosi iLanga yakhothama ingabhalanga lutho kubammeli bayo mayelana nokuyokwenzeka ngomsebenzi wayo uma seyikhotheme.
Okwesibili kakusilo iqiniso elipheleleyo ukuthi inkosi kayizange isho lutho ngokuthi ngubani kubantwana bayo oyosala athathe umsebenzi wokuhola ibandla laseKuphakameni uma ingasekho njengoba abantu abaningi abaphuma eKuphakameni baye besho.
Okwesithathu wukuthi noma ngabeke inkosi kayishongo, kwacacela abaningi ukuthi ngubani owayeyothatha umsebenzi wayo uma ingasekho, kodwa lokho kungaphumeli kwayo obala, njengoba kusho abaningi, kwakungaba nezizathu ezimqoka nezibambekayo ezazingenza noma ngubani abe nongabazane ukuvula isifuba sakhe esimeni inkosi eyayikusona.
Ubulukhuni besimo inkosi eyayikusona usibona kusuka iqala ukuthatha umsebenzi wokuhola ibandla kuze kufike izinsuku zokukhothama kwayo.
Phakathi kwezimo eyayiziqaphile kakhulu inkosi, singabala ezimbalwa njengesigameko sokudlula emhlabeni kanzima komntwana womfowabo, umntwana uBenjamin ngowe-1932.
Ekuhambeni komntwana uBenjamin, kwaba nezinsolo eziqinile zokuthi udliswe ushevu ngoba abefundisi bakhe uShembe (uMprofethi Isaiah Shembe) babenenkolelo yokuthi nguyena owayengase abeyinkosi yaseKuphakameni.
Lokhu kusola kwabo kwakwenziwa yindlela okuthiwa uShembe wayeyithanda ngayo le ngane.
Lokho-ke kwakubenza bonke abantu ababefisa ukucima isibani sobuNazaretha babheke ngakuyona.
Naye uShembe imbala kuthiwa wagula kakhulu emoyeni ngokuhamba kwalo mntwana, ehambela kubefundisi bakhe.
Ingempela lalo mlando walesi sigameko uthi sasiqonde iNkosi iLanga kodwa-ke ngomusa kaNkulunkulu, sashaya eceleni.
Esinye isigameko esesabekayo esenzeka phakathi kwebandla, kubantwana beNkosi iLanga, wukushona komntwana wayo uPhakade kabuhlungu ngoNhlaba (May) we-1975, okusolekayo ukuthi abanye babefundisi babecabanga ukuthi nguyena owayezohola ibandla emuva kweNkosi iLanga.
Lesi sigameko sasiqondene neNkosi uPhasha (iNkosi Londa Shembe) kodwa ngoNkulunkulu saphuma eceleni.
Manje-ke lezi zigameko nje zizombili, zazingenza noma ngubani ophethe abantu axwaye kakhulu futhi angabe esathanda nokubavulela isifuba ngabantwana bakhe.
Umntwana wenkosi uPhakade ulandelwa wukufa nje, izitha zenkosi zazicinga emazwini ayo eyawakhuluma kusenkonzweni ngonyaka we-1958 lapho kwathi iphethe inkonzo yathi:
“Kulesi sihlalo ngeke ahlale umuntu wasemhlabeni noma ngabe uvelaphi, umuntu ongahlala kulesi sihlalo angaze aqhamuke enyakatho.”
Kusolakala ukuthi yiwona lawa mazwi adonsela umntwana uPhakade amanzi ngomsele njengoba kwakunguyena yedwa ezinganeni zenkosi owayehlala enyakatho, eSwazini.
Kwathi ngokuthi izitha zeNkosi zilandela la mazwi, zacabangela kuyena zagcina zimenzakalisa ngowe-1975.
Ngenkonzo kaNtulikazi (July) we-1968, yaphinda inkosi yathi ebandleni: “Nina maNazaretha ninjengezilwane, nifana nezimboma (imvubu yamanzi) okuthi lena eyesilisa ingabona ukuthi inkomazi izele iduna bese iyalibulala.
"Mina ngeke nginitshele lutho. Ubaba wanithembisa mina emuva kwakhe kodwa mina-ke kanginithembisi lutho.”
Nakuba lawa mazwi asetshenziswa
kakhulu ngabantu abathi inkosi kayizange ibatshele lutho ngozothatha emuva kwayo, kakulona iqiniso ukuthi bonke abantu babengazi ukuthi ishiye itheni ngomsebenzi wayo.
Nakuba-ke inkosi yayingathandi ukukhuluma kakhulu ngozolandela emuva kwayo, kodwa yazenza izinkomba zalowo oyoba ngumholi phakathi kwabantwana bayo babafana ababebalelwa ema-60 ubuningi.
Phakathi kwezinye zalezo zinkomba kwaba ngeyangoMasingana (January) wonyaka we-1950 lapho yenza khona into eyayiqala ngqa ukubonakala phakathi kwebandla lamaNazaretha.
Ngaphambi kokuba umhlangano kaMasingana we-1950 uphume ukuya eNtabeni iNhlangakazi, inkosi yayala kakhulu ibandla yacela ukuba liziphathe kahle ngoba lizobe lihamba nengelosi enkulu ukuya entabeni, yathi lize lingayicunuli le ngelosi.
Bonke-ke abantu babexakiwe yilawa mazwi enkosi nokuthi izobe iyisimo sini le ngelosi.
Kwathi kulowo nyaka kwabonakala okokuqala ngqa emlandweni webandla lamaNazaretha ukuba indodana yenkosi ibonakale ihamba phambili ihola umhlangano. Lowo mhlangano waholwa yindodana yayo iNkosi uPhasha Onjengelanga, waze wayongena eNhlangakazi.
Noma sekufikiwe eNhlangakazi, inko- si yayalela ukuba idokodo lendodana yayo ekade ihola umhlangano lakhiwe eduze kwelayo.
Konke lokhu kwaba yingqophamlando nophawu olwavula amehlo kubantu abanenhlanhla ukuthi kukhona okukhulunywayo ebandleni ngalo mntwana wenkosi.
Naphezu kwamadodana enkosi, ayemaningi futhi amanye emadala kuneNkosi uPhasha, kodwa kwesinye isikhathi iNkosi iLanga yayike iyithumele nalapho kuthethwa khona amacala le ndodana yayo eyayehlukile.
Lapha singabalula icala lenkosazana yaseMkhambathini ngeminyaka ye-1967, eyahlubuka esontweni yathanda ngaphandle. Le nkosazana yabuya seyiza nomyeni wayo lowo eyayimthole ngaphandle izocela intethelelo.
Kwathi noma abefundisi babemangele ngesinqumo esathathwa yiNkosi uPhasha kulolu daba, kodwa inkosi yavumelana naso yathi nayo isho lokho okushiwo yiyona (iNkosi uPhasha), isho iyibiza ngegama.
Lezi ngezinye zezimpawu ezimbalwa ezenza labo ababa nenhlanhla ebandleni babone ukuthi noma inkosi ingasakhulumanga okuningi kubona mayelana nesihlalo sayo, kodwa kwabenelisa ukuthi le ndodana yayo yiyona ezolandela emuva kwayo, uma isikhotheme.
Kwesinye isigameko, kwaba khona inhlalisuthi (abesilisa bebandla lama- Nazaretha) eyashaya abantwana benkosi ngesenzo sabo ababesenze ezitolo zenkosi ezazingaphesheya komuzi waseKuphakameni.
Ukushaywa kwabantwana kwakuyinto eyejwayelekile uma kukhona abasolwa ngakho, kodwa kwakungakaze kungenzeka ukuba bashaywe kanti neNkosi uPhasha iphakathi kwabo.
Kuthiwa ngelinye ilanga kwenzeka laba bantwana bashaywa kanti kuzoshayeka neNkosi uPhasha.
Kuthiwa-ke ngalelo langa inkosi yathi mababizwe labo abebeshaya lezi zingane.
Uma sebebiziwe, kuthiwa inkosi yathi kubo: “Beningathini ukuba phakathi kwalezi zingane kukhona enegazi elimhlophe bese nithi niyayishaya kuphume lelo gazi elimhlophe?
Amazwi ayemakhulu kakhulu lawa nenza abantu babuzane ukuthi ngoba le nto iye yenzeke nje, ngokunjani lokhu kwanamhlanje.
Nakho lokho kwabakhanyela abanye ukuthi kusho ukuthi namhlanje bekukhona umntwana owehlukile phakathi kwalaba bantwana abashaywe namuhla. Ngalena nje kwezimpawu ezithile, inkosi yayingasathandi ukukhuluma ngokuthi ngubani oyothatha umsebenzi wayo uma isikhotheme.