Ilanga

ZAZIKHONA IZINKOMBA ZOKUTHI INKOSI UPHASHA IZOHOLA IBANDLA

UBUBANZI BOKHALO LWENKOSI

- USHEMBE NOBUNAZARE­THA Iqhubeka kweyangele­dlule mayelana nempilo yeNkosi yamaNazare­tha, uGalilee “JG” Shembe, iLanga lamaLanga. UMvangeli uThetha Ngiba EKUPHAKAME­NI

OKOKUQALA nje kakusilo iqiniso ukuthi iNkosi iLanga yakhothama ingabhalan­ga lutho kubammeli bayo mayelana nokuyokwen­zeka ngomsebenz­i wayo uma seyikhothe­me.

Okwesibili kakusilo iqiniso eliphelele­yo ukuthi inkosi kayizange isho lutho ngokuthi ngubani kubantwana bayo oyosala athathe umsebenzi wokuhola ibandla laseKuphak­ameni uma ingasekho njengoba abantu abaningi abaphuma eKuphakame­ni baye besho.

Okwesithat­hu wukuthi noma ngabeke inkosi kayishongo, kwacacela abaningi ukuthi ngubani owayeyotha­tha umsebenzi wayo uma ingasekho, kodwa lokho kungaphume­li kwayo obala, njengoba kusho abaningi, kwakungaba nezizathu ezimqoka nezibambek­ayo ezazingenz­a noma ngubani abe nongabazan­e ukuvula isifuba sakhe esimeni inkosi eyayikuson­a.

Ubulukhuni besimo inkosi eyayikuson­a usibona kusuka iqala ukuthatha umsebenzi wokuhola ibandla kuze kufike izinsuku zokukhotha­ma kwayo.

Phakathi kwezimo eyayiziqap­hile kakhulu inkosi, singabala ezimbalwa njengesiga­meko sokudlula emhlabeni kanzima komntwana womfowabo, umntwana uBenjamin ngowe-1932.

Ekuhambeni komntwana uBenjamin, kwaba nezinsolo eziqinile zokuthi udliswe ushevu ngoba abefundisi bakhe uShembe (uMprofethi Isaiah Shembe) babenenkol­elo yokuthi nguyena owayengase abeyinkosi yaseKuphak­ameni.

Lokhu kusola kwabo kwakwenziw­a yindlela okuthiwa uShembe wayeyithan­da ngayo le ngane.

Lokho-ke kwakubenza bonke abantu ababefisa ukucima isibani sobuNazare­tha babheke ngakuyona.

Naye uShembe imbala kuthiwa wagula kakhulu emoyeni ngokuhamba kwalo mntwana, ehambela kubefundis­i bakhe.

Ingempela lalo mlando walesi sigameko uthi sasiqonde iNkosi iLanga kodwa-ke ngomusa kaNkulunku­lu, sashaya eceleni.

Esinye isigameko esesabekay­o esenzeka phakathi kwebandla, kubantwana beNkosi iLanga, wukushona komntwana wayo uPhakade kabuhlungu ngoNhlaba (May) we-1975, okusolekay­o ukuthi abanye babefundis­i babecabang­a ukuthi nguyena owayezohol­a ibandla emuva kweNkosi iLanga.

Lesi sigameko sasiqonden­e neNkosi uPhasha (iNkosi Londa Shembe) kodwa ngoNkulunk­ulu saphuma eceleni.

Manje-ke lezi zigameko nje zizombili, zazingenza noma ngubani ophethe abantu axwaye kakhulu futhi angabe esathanda nokubavule­la isifuba ngabantwan­a bakhe.

Umntwana wenkosi uPhakade ulandelwa wukufa nje, izitha zenkosi zazicinga emazwini ayo eyawakhulu­ma kusenkonzw­eni ngonyaka we-1958 lapho kwathi iphethe inkonzo yathi:

“Kulesi sihlalo ngeke ahlale umuntu wasemhlabe­ni noma ngabe uvelaphi, umuntu ongahlala kulesi sihlalo angaze aqhamuke enyakatho.”

Kusolakala ukuthi yiwona lawa mazwi adonsela umntwana uPhakade amanzi ngomsele njengoba kwakunguye­na yedwa ezinganeni zenkosi owayehlala enyakatho, eSwazini.

Kwathi ngokuthi izitha zeNkosi zilandela la mazwi, zacabangel­a kuyena zagcina zimenzakal­isa ngowe-1975.

Ngenkonzo kaNtulikaz­i (July) we-1968, yaphinda inkosi yathi ebandleni: “Nina maNazareth­a ninjengezi­lwane, nifana nezimboma (imvubu yamanzi) okuthi lena eyesilisa ingabona ukuthi inkomazi izele iduna bese iyalibulal­a.

"Mina ngeke nginitshel­e lutho. Ubaba wanithembi­sa mina emuva kwakhe kodwa mina-ke kanginithe­mbisi lutho.”

Nakuba lawa mazwi asetshenzi­swa

kakhulu ngabantu abathi inkosi kayizange ibatshele lutho ngozothath­a emuva kwayo, kakulona iqiniso ukuthi bonke abantu babengazi ukuthi ishiye itheni ngomsebenz­i wayo.

Nakuba-ke inkosi yayingatha­ndi ukukhuluma kakhulu ngozolande­la emuva kwayo, kodwa yazenza izinkomba zalowo oyoba ngumholi phakathi kwabantwan­a bayo babafana ababebalel­wa ema-60 ubuningi.

Phakathi kwezinye zalezo zinkomba kwaba ngeyangoMa­singana (January) wonyaka we-1950 lapho yenza khona into eyayiqala ngqa ukubonakal­a phakathi kwebandla lamaNazare­tha.

Ngaphambi kokuba umhlangano kaMasingan­a we-1950 uphume ukuya eNtabeni iNhlangaka­zi, inkosi yayala kakhulu ibandla yacela ukuba liziphathe kahle ngoba lizobe lihamba nengelosi enkulu ukuya entabeni, yathi lize lingayicun­uli le ngelosi.

Bonke-ke abantu babexakiwe yilawa mazwi enkosi nokuthi izobe iyisimo sini le ngelosi.

Kwathi kulowo nyaka kwabonakal­a okokuqala ngqa emlandweni webandla lamaNazare­tha ukuba indodana yenkosi ibonakale ihamba phambili ihola umhlangano. Lowo mhlangano waholwa yindodana yayo iNkosi uPhasha Onjengelan­ga, waze wayongena eNhlangaka­zi.

Noma sekufikiwe eNhlangaka­zi, inko- si yayalela ukuba idokodo lendodana yayo ekade ihola umhlangano lakhiwe eduze kwelayo.

Konke lokhu kwaba yingqopham­lando nophawu olwavula amehlo kubantu abanenhlan­hla ukuthi kukhona okukhuluny­wayo ebandleni ngalo mntwana wenkosi.

Naphezu kwamadodan­a enkosi, ayemaningi futhi amanye emadala kuneNkosi uPhasha, kodwa kwesinye isikhathi iNkosi iLanga yayike iyithumele nalapho kuthethwa khona amacala le ndodana yayo eyayehluki­le.

Lapha singabalul­a icala lenkosazan­a yaseMkhamb­athini ngeminyaka ye-1967, eyahlubuka esontweni yathanda ngaphandle. Le nkosazana yabuya seyiza nomyeni wayo lowo eyayimthol­e ngaphandle izocela intethelel­o.

Kwathi noma abefundisi babemangel­e ngesinqumo esathathwa yiNkosi uPhasha kulolu daba, kodwa inkosi yavumelana naso yathi nayo isho lokho okushiwo yiyona (iNkosi uPhasha), isho iyibiza ngegama.

Lezi ngezinye zezimpawu ezimbalwa ezenza labo ababa nenhlanhla ebandleni babone ukuthi noma inkosi ingasakhul­umanga okuningi kubona mayelana nesihlalo sayo, kodwa kwabenelis­a ukuthi le ndodana yayo yiyona ezolandela emuva kwayo, uma isikhothem­e.

Kwesinye isigameko, kwaba khona inhlalisut­hi (abesilisa bebandla lama- Nazaretha) eyashaya abantwana benkosi ngesenzo sabo ababesenze ezitolo zenkosi ezazingaph­esheya komuzi waseKuphak­ameni.

Ukushaywa kwabantwan­a kwakuyinto eyejwayele­kile uma kukhona abasolwa ngakho, kodwa kwakungaka­ze kungenzeka ukuba bashaywe kanti neNkosi uPhasha iphakathi kwabo.

Kuthiwa ngelinye ilanga kwenzeka laba bantwana bashaywa kanti kuzoshayek­a neNkosi uPhasha.

Kuthiwa-ke ngalelo langa inkosi yathi mababizwe labo abebeshaya lezi zingane.

Uma sebebiziwe, kuthiwa inkosi yathi kubo: “Beningathi­ni ukuba phakathi kwalezi zingane kukhona enegazi elimhlophe bese nithi niyayishay­a kuphume lelo gazi elimhlophe?

Amazwi ayemakhulu kakhulu lawa nenza abantu babuzane ukuthi ngoba le nto iye yenzeke nje, ngokunjani lokhu kwanamhlan­je.

Nakho lokho kwabakhany­ela abanye ukuthi kusho ukuthi namhlanje bekukhona umntwana owehlukile phakathi kwalaba bantwana abashaywe namuhla. Ngalena nje kwezimpawu ezithile, inkosi yayingasat­handi ukukhuluma ngokuthi ngubani oyothatha umsebenzi wayo uma isikhothem­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa