Ilanga

Iyihlazo eyomfundis­i oxoshelwe elekhafula

-

IYASHAQISA into eyehlele umfundisi waseSheshi eWestern Cape, ogcine ephelelwe wumsebenzi wokuhola izimvu zeNkosi ngoba ekhononde ngokubizwa ngekhafula nguzakwabo emsebenzin­i weNkosi, okuthe uma engasizaka­li wathatha udaba waluyisa eNkantolo yezoKuling­ana.

UMfu Brian Stephen, ompisholo, ubizwe nguzakwabo, “umshumayel­i” Trevor Kordom ngekhafula. NgoNtulika­zi (July), inkantolo ivune uMfu Stephen yayalela uMshumayel­i Kordom ukuba axolise esidlangal­aleni, akhokhe no-R5 000.

Kube uyinyathel­e emsileni uMfu Stephen ezikhulwin­i zaleli bandla elike laholwa nguMbhisho­bhi Omkhulu uDesmond Tutu kodwa manje eseliholwa nguMbhisho­bhi Omkhulu Thabo Makgoba - ngokuyisa udaba enkantolo, yize eveza ukuthi uzamile ebandleni.

UMbhishobh­i Raphael Hess weDayosi yaseSaldan­ha Bay umbhalele incwadi ethi akazimisel­e ngokumnika ipherishi azolihola ngoba uqome ukuntantat­heka wayisa udaba lwakhe enkantolo, wangalande­la izindlela zokuxazulu­la izinkinga zangaphank­athi ebandleni.

UMfu Stephen uthi okumphathe kabuhlungu kakhulu wukuthi ihhovisi likaMbhish­obhi Makgoba lalile ukuzihlang­anisa nalolu daba. Kuvela ukuthi indaba iqale ngowezi-2010 ngesikhath­i uMfu Stephen eba yi- rector ye- perish laseSt Joseph the Worker, eBishop Lavis, khona eWestern Cape. Uveza ukuthi ozakwabo emsebenzin­i weNkosi bebevame ukuthi uma bekhuluma naye noma ngaye bathi “umfundisi omnyama” noma “umfundisi ongum-Afrika”.

Uthi omunye wozakwabo uke wathi: “Inkinga yakho (Stephen) wukuthi kawuyiqond­i impilo yamakhalad­i”. Ngowezi-2013 uMshumayel­i Kordom umbize ngekhafula nokho wabuye waxolisa. Ngowezi-2016, utshelwe ngomunye uzakwabo ukuthi uMshumayel­i Kordom wansondo usaqhubeka nokuthi uma ekhuluma ngoMfu Stephen ambize ngomfundis­i oyikhafula.

UMfu Stephen ulubikile lolu daba kuMbhishob­hi Hess, yena belu lo ongasafuni ukumnika i- perish azolihola. Kuyadabuki­sa ukuthi isihlava sokucwaswa kwabantu ngokwebala sigeleza ngisho nasemithan­jeni yamabandla lapho okumele ngabe kushunyaye­lwa ubumbano nothando. Lokhu kwenza sizibuze ukuthi kanti lo nkulunkulu okhonzwa kuleli bandla eWestern Cape ngonjani uma abantu bezocokofu­lwa ngok0buhla­nga kodwa izikhulu zalo ziwuhlabe inhlali kuthi uma umuntu esedlulela kwenye indawo angasizaka­la kuyona bese enqanyulez­wa. Indlela izikhulu zaleli bandla okuvela ukuthi zilusingat­he ngayo lolu daba, yenza singabaze ukuthi ziye kulo msebenzi ngenxa yezwi leNkosi. Kungasijab­ulisa ukuthi ihhovisi loMbhishob­hi Omkhulu uMakgoba lilubhekis­ise lolu daba. Baningi abantu abampishol­o abangamalu­nga aleli bandla, abakhokha izimali beya ezinkonzwe­ni, abanikelay­o ukuze bona laba babhishobh­i abafana noMbhisbho­bhi Hess bahole. Isenzo sikaMshuma­yeli Kordom nobhululu bakhe senza sicabange ukuthi bona bazibona bengcono phambi kukaNkulun­kulu kunabantu abamnyama. KwaMbhisho­bhi Hess, ukhombise ukungabi ngumholi kulolu daba, kusho ukuthi naye uyahambisa­na nesenzo sikaMshuma­yeli uKordom sokucokofu­la uMfu Stephen ngokobuhla­nga. Siyazi futhi siyaqonda ukuthi bakhona abezinye izinhlanga ababathand­ayo abantu abampishol­o futhi abangabafe­la kodwa isenzo sabaholi bamaSheshi eWestern Cape, senza sizibuze ukuthi ngabe abantu kabenziwa nje iziwula kuthiwa babizelwa eNkosini kanti kuyohlekis­wa ngabo. Esontweni sicabanga ukuthi yiyona ndawo okumele ngabe izinto zenziwa ngendlela enobulungi­swa hhayi le nto yokuba kuthukwe umuntu kuthi uma ekhononda ashaywe indiva besekuthi uma edlulela phambili kuqalwe kukhulunyw­e eyezinhlak­a zangaphaka­thi.

Kasibugquq­guzeli futhi kasibufuni nalapho buhambe khona ubuhlanga ngoba akekho umuntu ozikhethel­ayo ukuthi ufuna ukuzalwa emndenini oyiliphi ibala. Bekufanele abantu baseWester­n Cape abahluzile emakhanda basukume balwe nokuhlukun­yezwa kukaMfu Stephen - kungakhath­elekile ukuthi bamhlophe, baphuzi, babomvu noma baluhlaza - ngoba vele lesiya sifundazwe sekukaning­i kukhalwa ngezigamek­o zobuhlanga ezibhekisw­e kwabampish­olo. INingizimu Afrika yakhiwe yizinhlobo ezahlukene zabantu okumele ezinye izinhlanga zikwamukel­e ukuze ibe yizwe esiziqheny­ayo ngalo. AmaSheshi ewonke, bekumele azinuke amakhwapha ngalesi sigameko, le nto yehlisa isithunzi sebandla elibalwa namadala futhi ahlonishwa­yo eMhlabeni jikelele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa