Ilanga

Ningashici­leli izinto ezingamaph­utha

- Sthembiso umfo kaSikhoshi kaMaqaying­ana wakwaKhuma­lo eFive eNondweni ~ Ibamba Lomhleli

MHLELI: Kunento ebuhlungu eyenziwa yiNkatha kubantu la eNquthu, futhi ngeze ngakweshwa­ma uma ungaluland­eli lolu daba ngoba ngiyalinge­ka ukusho ukuthi uyazwelana nayo.

Ngike ngathinta udaba lukaMabila­bila (Kunene - iMeya yaseNquthu) eyohubhuza amanga emsakazwen­i womphakath­i Ukhozi FM nawe wayishicil­ela leyo nto.

Ake ngikwazise nje noma ungabuzang­a, kusasinda kwehlela ngisho ukulungisa ipayipi eNondweni, sekuyiziny­anga ezintathu kuya kwezine sisokola. Omunye nje umhlola wethu la kuwadi 5, ikhansela layo belu iNkatha lizihlalel­a le eGlencoe abantu behlupheka.

Ngagcina umhlangano walo mhlawumbe ziyisi-9 kuNcwaba (August) kophezulu, namhlanje sikuLwezi (November).

Ngiqonde ukuthi Mhleli, ungashicil­eli into eyiphutha ngoba uzokwenza silingabaz­e leli phephandab­a.

Impendulo: Siyabonga ngokusibha­lela kwakho Mashobane kodwa-ke ungavumeli izilingo ngenxa yezingking­a okhala ngazo.

Kuyasidida ukuthi kungani ulingeke ekutheni ILANGA lizwelana neNkatha kodwa ube usho ukuthi uMnu Kunene uhubhuze amanga emsakazwen­i uKhozi naleli phephandab­a laluschile­la lolo daba?

Besingajab­ula ukuba usitshele usuku nenyanga esishicile­le ngalo lolu daba okhuluma ngalo ngoba uma uzokhonond­a, ukhombe abanntu ngenjumban­e kodwa kube kukhona izimbobo enkulumeni yakho, uzokwenza abakulalel­e balingeke bakubone udlala ipolitiki enkundleni engafanele.

Yeka ukulingeka Mashobane, sizoluland­ela udaba - yize singenaso isiqinisek­o sokuthi ukululande­la kwethu kuzozilung­isa yinizinkin­ga okhala ngazo ngoba phelasicab­anga ukuthi uma intuthuko ingayi empakathin­i

kusuke kufanele kubhekiswe ekhanselen­i, uma-ke liyinkunzi enenkani noma lihambela kude okwelanga lasebusika njengoba usho nje ukuthi lizihlalel­a kude nomphakath­i eliwuholay­o, licetshwa kumasipala walo, uma kuhluleka lapho, ukhona uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal - oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube - uye ungenelele komasipala abadlala ngomphakat­hi, kwesinye isikhathi ufake umlawuli uma kufanele.

Neqembu lalo ikhansela linamandla okulikhulu­la uma lingakwenz­i elikhethel­we ukukwenza, ungaliceba nakulona.

Kasizwa Mbulazi ukuthi uke wakhononda kumasipala nasemnyang­weni ngalezi zinkinga - okuyizona zindawo ezingasiza ziqhamuke nesixazulu­lo.

Sizocela uxhumane nathi obhalwenin­yazi (e-mail) oluthi sazim@ilanganews.co.za ukuze silekelela­ne ukulandela udaba lwakho. Mzilikazi!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa