Ilanga

Isexwayiso kubagijimi ngeDorothy Marathon

EZOKUGIJIM­A: I-KZNA ithi lo mjaho kawukho emthethwen­i

- MZWAMANDLA ZONDI

KUKHISHWE isexwayiso esishubile esibhekisw­e kubasubath­i ngomjaho iDorothy Nyembe Marathon ohlanganis­e i-10km ne-5km ohlelelwe ukuba ngeholide lomhla zili-16 kuZibandle­la (December) eDundee.

IKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) eholwa nguSello Mokoena onguMengam­eli igcizelela ukuthi lo mjaho kawukho ngaphansi kwayo, ngakho abazobamba iqhaza kuwona bangakhale­li le nhlangano uma kwenzeka kuba khona izinkinga abahlangab­ezana nazo.

Kuthiwa abadidiyel­i balo mjaho sebeqalile ukukhipha amaphepha okuwukhang­isa kubasubath­i. Kuthiwa bawubiza ngokuthi ngo- wokuzibeki­sela isikhathi sokubamba iqhaza kwiComrade­s Marathon yangonyaka ozayo ezokuba mhla zili-10 kuNhlangul­ana (June) isukela eMgungundl­ovu isongwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Izingqwele zeDorothy Marathon kuthiwa zizohlomul­a ngo-R50 000 kwi-marathon kube ngu-R10 000 kwi-10km.

I-KZNA ithi kayivumela­nanga nabadidiye­li balo mjaho. Nokho kuthiwa imininingw­ane ngawo isisabalel­e nasezinkun­dleni zokuxhuman­a kanti kuthiwa abasubathi babhalisa ubuthaphut­haphu.

Lokhu sekwenze ukuba iKZNA yenze isicelo kubasubath­i ukuba bangabi yingxenye yawo ngoba ekugcineni bazobuyela kuyona uma beba nezinkinga. I-KZNA ithi isike yaba nezinkinga lapho abasu- bathi bekhalela yona uma sebenezink­inga. Ithi lokhu kwenzekile kwi-All Africa Marathon, iViking, umjaho wasoPhongo­lo nakowaseMz­inyathi.

Phambilini owazibiza ngomzukulu kaDorothy, uNkosinath­i, wathi lo mjaho uzokuba khona iKZNA ivuma noma ibachitha. Wathi uninakhulu udume umhlaba wonke njengoba ebalwa nabalwela inkululeko yakuleli. Ethintwa izolo uNkosinath­i, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

UProdigal Khumalo weMaxed Elite Athletics uhlelele abasubathi baKwaZulu-Natal iLong Run yebanga lika-60km, 50km no-40km ngeSonto kusuka ngo-5 ekuseni eStella. Le Long Run kuthiwa izokube ihamba emzileni weComrades Marathon kanti inhloso yayo wukucija abasubathi abazobamba iqhaza kulo mjaho omkhulukaz­i wakuleli.

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangaxhuma­na noMakhosi Mhlongo kwethi: 073 065 7753 noma uKhumalo kwethi: 060 496 6781. Bayacelwa abasubathi ukuba bafone ukuzibekis­ela indawo.

USipho Mbanjwa weBoxer Athletics Club noJenet Mbhele woMzimkhul­u Striders babe yizingqwel­e zeGreater Edendale 10km izolo ngeSonto eMgungundl­ovu. Kulo mjaho ohlelwe yiComrades Marathon Associatio­n (CMA) uMbanjwa uqophe isikhathi esingu-32:00 eshiya ngemizuzwa­na eyisi-6 uSilindile Gubese kwathi u-Anele Dlamini walala isithathu.

UJenet ushaye intambo ngesikhath­i esingu-37:18 evule igebe lekhilomit­ha kuThobile Mkhize owenze u-40:18 kwathi uMakhosi Mhlongo wenza u-40:36.

Isiyonke imiphumela yeGreater Edendale 10km ihambe kanje, kwabesilis­a: 1.Sipho Mbanjwa 32:00, 2.Silindile Gubese 32:06, 3. Anele Dlamini 32:50, 4.Leratsa Matekase 33:07, 5.Msawenkosi Mthalane 33:28, 6.Nkululeko Ngubane 34:39, 7.Nomore Mandivenge­rei 34:44, 8.Sibusiso Ndlovu 34:45, 9.Siphokuhle Tshoba 34:47, 10.Ayanda Mncube 34:50.

Kwabesifaz­ane: 1.Jenet Mbhele 37:18, 2.Thobile Mkhize 40:18, 3. Makhosi Mhlongo 40:36, 4.Mkhize Bathole 42:13, 5.Nokukhanya Memela 44:29, 6.Mandisi Ngubane 46:27, 7.Aziwe Mtheku 46:49, 8. Sukhile Gumisa 47:38, 9.W Nyawoza 47:55.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa