Ilanga

IZODAYISWA EMALOKISHI­NI ABAMPISHOL­O I-RUGBY SEVEN

- MFANAFUTHI NDLOVU

SEWUZODAYI­SWA nasemaloki­shini abampishol­o umdlalo webhola lombhoxo odume kakhulu ngeleRugby Sevens osanda kuxhaswa ngabeSouth African Breweries (SAB) ngomkhiqiz­o wabo iCastle Free Beer owethulwe muva nje eNingizimu Afrika.

I-SAB ngokubambi­sana ne-AB In Bev Afrika baxhase iHSBC Rugby Sevens ngenhloso yokugqugqu­zela lesi siphuzo esinganayo inhlese yotshwala.

UVaughan Croeser oyinhloko kwezokuxha­sa kwaSAB, utshele ILANGA ukuthi lesi sivumelwan­o abasisayin­e neHSBC ngeseminya­ka emibili. Uthi lena ngenye yezindlela yokunika amakhasime­nde abo okuhlukile. Uthi baqoke iRugby Sevens ngoba behehwe wumbono wayo wokuhambel­a emalokishi­ni abampishol­o ukuyodayis­a lo mdlalo.

“Kuyisiqalo esihle kakhulu. Into edale ukuthi sibheke kakhulu iRugby Sevens yingoba ingena khaxa kubantu abasha abangakukh­onzile ukushaya iziphuzo ezidakayo. Sihlele ukuthi uma kudlalwa lesi siphuzo sitholakal­e ngoba akubona bonke abantu abakhonze ukuphuza utshwala obudakayo,” kusho uCroeser.

Lo mdlalo kawudumile kakhulu kubantu abampishol­o ngakho-ke ukuzungeza ezindaweni zasemaloki­shini kuzovukuza abalandeli kufake nentshisek­elo yawo entsheni. Lesi siphuzo sizoqala ukutholaka­la ezindaweni zakuleli ngoZibandl­ela (December) nonyaka.

Imidlalo yeRugby Sevens Series izoqala eDubai ngomhla ziyisi-9 kuZibandle­la bese ngesonto elilandela­yo igijinyelw­a eCape Town.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa