UGonya usemi ngomumo ukubhekana noTete

Ilanga - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

USEKULUNGELE ukungena eringini uSiboniso “Tiger” Gonya ozobhekana noZolani “Last Born” Tete oyingqwele yeWorld Boxing Organisation (WBO) Bantamweight ngoMgqibelo esiya kuwona womhla zili-18 kwephezulu eBelfast, eNorthern Ireland, e-United Kingdom.

UGonya ufulathele elakuleli ngoLwesihlanu ukubhekisa amabombo e-Ireland. Ufike khona wanikela ejimini.

UTete uthwelwe ngeqoma ukunqoba le mpi ehlelwa nguFrank Warren ongumqhathi wezimpi obalwa nabahamba phambili emhlabeni.

Izimpi zikaTete zihlelwa nguWarren kusukela ngonyaka wezi2015 kanti uselwe izimpi eziyisi-5 e-England ngaphansi kwalo phromotha.

UGonya unombandela wokuthi izimpi zakhe zihlelwe nguWarren uma ekwazile ukuhlula uTete. UTete unesipiliyoni sokulwela ngaphandle kanti uGonya uzokube elwa okwesibili ngaphandle kwaseNingizimu Afrika. UGonya uhambe noThulani “Nkunzi” Magudulela ongumqhathi wezimpi zakhe kuleli, uZwi Magudulela ongumqeqeshi no-Innocent “Tycoon” Mantengu oyibhokisa azongcweka nalo kuze kufike usuku lwempi.

UTete uzitomulele yena uGonya ukuvikela kuyena leli bhande. UThulani ubeyingxenye enkulu yokukhuliswa kukaTete njengoba ebebambisene noMzimase Mnguni we-Eyethu Boxing Gym ovundulule uTete. Abazishwashwathayo bathi uMnguni umatasa ucobelela uMagudulela ngamaqhinga okuthi uGonya anqobe uTete.

UMnguni unomlando omude wokungezwani namabhokisa amhlubukile njengoba noTete emshiyile wajoyina isitebele sikaNick “Mthakathi” Durandt ongasekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.