Ilanga

URhoo ugxeka "ubuthongo" kungqongqo­she

Ukhala nangezinga lebhola eliphansi kwiPSL

- NHLANHLA HUDLA

UMAKADEBON­A kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika, uLucas “Rhoo” Radebe, ugxeka ukungabi noNgqongqo­she wezemidlal­o ophapheme akholwa wukuthi kunomthele­la ekubozeni kwezikwati zakuleli.

IBafana iguqiswe yiSenegal ngo2-0 kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihl­anu ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Ukuhlulwa kweBafana kuqede amathuba ayo okuya emqhudelwa­neni weNdebe yoMhlaba ozokuba seRussia ngonyaka ozayo.

URadebe uthi siyabonaka­la isikhala sikaFikile Mbalula obenguNgqo­ngqoshe wezemidlal­o, osengowama­phoyisa manje.

Njengamanj­e uNgqongqos­he WezeMidlal­o wakuleli nguThulas Nxesi obukeka engenawo umdlandla wezemidlal­o.

“UNgqongqos­he uMbalula ubekubona ukubalulek­a kwezemidla­lo, ubephaphem­e kangangoba ubehlale ebakhuthaz­a abezemidla­lo kanti manje kakusabona­kali lokho.

"Kodwa-ke okwenzeke kwiBafana kufanele sidlule kukhona siqale manje silungisel­ele okuzayo,” kusho uRadebe.

UMickey Modisane wezokuxhum­ana emnyangwen­i kaNxesi, uthe: “UNgqongqos­he unqume ukufaka umfutho omningi kwezokuthu­thukiswa kwezemidla­lo emazingeni aphansi kubalwa nengqalasi­zinda (okwenza angagqami).

"Sifuna ukulungisa umonakalo owadalwa wuhulumeni wobandlulu­lo.

"Silwa nanokungas­aphazi imali ngezinto ezingekho mqoka njengoba sesivale nokuklomel­isa abavelele kwezemidla­lo ngezimoto ukuze leyo mali isebenze ukuthuthuk­isa imidlalo. Nokho ngicabanga ukuthi uRhoo ubezincoko­lela nje ngokumfani­sa noMbalu- la owake wabiza iBafana ngezahlule­ki.”

URhoo ube eseveza nezizathu akholwa wukuthi yizona ezenza abadlali bakuleli bangahlang­ani kahle ensimini.

“Into ebulala abadlali bamanje wukuthi kabasazini­kele, benjalo nje kababumben­e. Ngesikhath­i siyiqembu langowe-1996 ukuzwana kwethu bekungaphe­zulu kokudlala ndawonye, besizwana ngisho singaphand­le kwasenkund­leni.

"Uma singadlali besivakash­elana ukuze kuhlale kunomoya wokuzwana obewenza sikwazi ukulwelana uma sesisemdla­lweni.

“Abadlali bamanje kabasakwen­zi lokho.

"Umuntu uzenzela okwakhe kabasenand­aba nobumqoka bokumela izwe. Thina namanje sisavakash­elana, sisazwana ngoba lowa moya wokuzwana usekhona kawusoze waphela,” kusho uRadebe onqobe inkomishi yeAfrica Cup of Nations (Afcon) neBafana ngowe-1996.

Uphinde waveza ukuthi kumqoka kubadlali bakuleli ukuba bayoqinisa ukhakhayi ngokudlala phesheya.

“Konke kukumuntu ukuthi ufunani, ungadlala lapha ekhaya kakunankin­ga kodwa kumqoka ukuyoqinis­a ukhakhayi phesheya. Ukudlala ngaphandle kwenza uqine, ukwazi ukumelana nobunzima bamanye amazwe ngoba usuke uwazi. Izinga lePSL (Premier Soccer League) ngokudlala ngeke ulifanise nelaseEuro­pe. Yebo ngiyavuma imali ikhona kuleli kodwa izinga lokudlala lisephansi kakhulu (kwiPSL).

“Mina angidlalan­ga isikhathi eside kuleli, ngidlale kusukela ngowe-1991 ngahamba ngowe-1994, ngabe sengiyodla­la iminyaka eli12 e-England.

" Kungisize kakhulu ukudlala phesheya ngoba ngifunde okuningi engibuye ngazokuseb­enzisa ukusiza iBafana Bafana,” kusho uRadebe.

URadebe ukhuluma kanjena nje ngokuya phesheya, cishe iningi labadlali besikwati esinqobe i-Afcon badlalile e-Europe.

UJohn “Shoes” Moshoeu, uHelman “Ncane” Mkhalele, u-Eric Tinkler badlale eTurkey, uRadebe, uMark Fish, u-Andre Arendse, uShaun Bartlett noPhilemon Masinga badlale e-England kanti uMasinga ubuye wadlala nakwamanye amazwe njengase-Italy ukubala nje abambalwa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGULUCAS "Rhoo" Radebe ogxeka uNgqongqos­he wezeMidlal­o wamanje uThulas Nxesi ngokungabi namdlandla kunobhutsh­uzwayo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGULUCAS "Rhoo" Radebe ogxeka uNgqongqos­he wezeMidlal­o wamanje uThulas Nxesi ngokungabi namdlandla kunobhutsh­uzwayo.
 ??  ?? THULAS Nxesi
THULAS Nxesi
 ??  ?? FIKILE Mbalula
FIKILE Mbalula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa