Ilanga

UFAKE ISICELO SOKUKHULUL­WA KWI-BUCS

- SENZO SOKHELA

UMDLALI we-Orlando Pirates obengacons­i kubalandel­i bale kilabhu kuvela ukuthi ufake isicelo sokukhulul­wa ngemuva kokubona ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zikaMiluti­n “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi omusha weziMnyama.

ULuvuyo Memela (30) ( osesithomb­eni) odlala ophondweni lwesokunxe­le phambili kwiBucs, uke waba yisithandw­a sabalandel­i bale kilabhu edlala ingcwenga yebhola futhi eshaya namagoli amqoka.

Nokho selokhu kufike uSredojevi­c isikimu usizwa ngendaba njengoba edlalisa uThabo Qalinge noThembink­osi Lorch.

Ubuye achibiyele ngoMpho Makola noThabo Rakhale.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uMemela ufake isicelo sokuba iBucs imkhulule kumbe imubolekis­e uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngoMasinga­na (January) wonyaka ozayo.

Kuthiwa usekhathel­e wukusebenz­a kanzima ejimini kodwa angafakwa esikimini uma sekuyodlal­wa.

Leli phephandab­a libuza uFloyd “Jomo” Mbele oyiMenenja-jikelele yeBucs ngalolu daba, ume ngokuthi izindaba ezithinta izinkontil­ela zabadlali beBucs kabazineke­li abezindaba, yinto yangaphaka­thi.

Uthi wumthetho obekwe kudala ongeke ushintshe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa