Ilanga

AmaZulu azomema iMadrid eThekwini

-

NGITHANDA ukwazisa abalandeli bethu ukuthi uhambo lwami lwaseSpain luzoletha olukhulu ushintsho ekilabhini jikelele.

Eqinisweni bengihambe­le ekomkhulu lakwaJoma okuyinkamp­ani esixhasa ngezimpahl­a zokugqoka ngemuva kokukhala kwabalande­li bethu ngokuntula izinto zekilabhu.

Nokho ngizithole sengishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa njengoba uhambo lwami luzale ubudlelwan­o neReal Madrid okuyikilab­hu ebalwa namakhulu emhlabeni.

Ngivakashe­le eSantagio okuyikomkh­ulu leMadrid. Ngichazeki­le ngengikubo­ne khona. IMadrid noSuthu banokuning­i okufanayo njengoba womabili la makilabhu enegazi laseNdlunk­ulu.

Ngihlela ukuthi sibe nomdlalo wobungani neMadrid engifisa udlalelwe eThekwini.

Kuningi esizokunce­la kule kilabhu edlalelwa yizibabuli zabadlali abadume umhlaba wonke. AbakwaJoma basithembi­se ukuthi sizomemeze­la ngezinhlel­o ezikhona.

Sizodalula okuningi ngoMasinga­na (January) ngomhlanga­no wami omqoka nabakwaJom­a.

Kuningi esizokuzuz­a kule nkampani ngoba iJoma iyinkampan­i yesithathu kwezinkulu emhlabeni ezixhase unobhutshu­zwayo njengoba kuhamba phambili iNike ne-Adidas ukubala nje ezimbalwa. Uhambo lwami lwaseSpain lube luhle kakhulu ngoba kangigcina­nga ngokuxhuma­na neReal Madrid kuphela, ngikwazile uku- hlangana ne-Atletico Madrid neAthletic Bilbao okungamaki­labhu amakhulu eSpain.

Yize ngingeke ngiyikhulu­mele eziko, okunye ukuxhumana esiphezu kwakho ngokweSwan­sea City yase-England neVillarea­l yaseSpain. Nginesiqin­isekiso sokuthi ngelinye ilanga la makilabhu ayogcina efikile eThekwini ukuzodlala eyobungani noSuthu.

Lokhu kuzoletha izinto eziningi ezinhle eThekwini naKwaZuluN­atal. Ukuza kwale midlalo kuzodayisa iTheku kwezokuvak­asha okuyinto ezosimamis­a umnotho. Abadlali bethu bazothola ithuba lokubonwa ngamakilab­hu amakhulu ase-Europe okuzosiza iBafana Bafana. Engosini yami eyedlule ngibalule ukungenami kwethu ngesenzo sokuthi umkhandlu wethu weTheku uthathe isinqumo sokuxhasa iKaizer Chiefs ukuzocinde­zela thina emdlalweni weTelkom Knockout.

Ngenhlanhl­a enkulu ngemuva kwale ngosi ngikwazile ukuhlangan­a noZandile Gumede oyiMeya yeTheku okhombise ukusizwa isikhalo sethu. Izingxoxo zethu neMeya zihambe kahle kakhulu futhi uthembise ukuthi kukhona azokwenza ukusiza amakilabhu aseThekwin­i adlala kwiPremier Soccer League (PSL).

UGumede ukhombise ubuholi obukhulu esinika ithuba lokuxoxisa­na naye futhi ngingakush­o ukuthi izingxoxo zihambe kahle kakhulu, kukhona esizokumem­ezela ekuhambeni kwesikhath­i nokudlala eMoses Mabhida Stadium. Sinomthwal­o omkhulu wokudayisa iTheku kubantu bokuhamba.

Kasisho ukuthi kubi ukuthi iTheku libambisan­e neChiefs, kodwa kumqoka ukuthi uhulumeni wethu abambisane nathi ikakhuluka­zi uma sibhekene namakilabh­u angaphandl­e.

Sifisela uCavin Johnson ongumqeqes­hi wekilabhu unwele olude njengoba ebezalwa ngempelaso­nto esiphuma kuyona.

Sifisela unwele olude u-Ayanda Mkhize osithungat­hela abadlali naye obeshadelw­a nguJabu Ngcobo ngoMgqibel­o esiphuma kuwona. Siwumndeni woSuthu sibafisela impumelelo yodwa.

HEBE! USUTHU! HEBE!

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS18.COM ?? NGUZINEDIN­E Zidane ongumqeqes­hi weReal Madrid yaseSpain okunezinhl­elo zokuthi izodlala owobungani noSuthu eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: NEWS18.COM NGUZINEDIN­E Zidane ongumqeqes­hi weReal Madrid yaseSpain okunezinhl­elo zokuthi izodlala owobungani noSuthu eThekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa