Ilanga

Umthetho awuyeke ukucindeze­la abantu

- Skhumbuzo Mthethwa KwaHlabisa

MHLELI: Ngendlela engibona ngayo, kakulula ukuba kuphele ubugebengu ezweni lethu ngoba noma ungenza ubugebengu uboshwe, uthole isijeziso, ukhombise ukuzisola emphakathi­ni, uzame nokushitsh­a impilo yakho kodwa umthetho waseNingiz­imu Afrika kawusikhul­uli ngoba kunezinto ongeke usakhona ukuzenza njengokuse­benza ngaphansi kukahulume­ni nokungavum­eleki ukuba nesibhamu somthetho.

Ngisho ungaba nenkampani ngeke ukhone ukuthola ithenda, yingakho-ke abanye baye babone sengathi baphelelwe wum- hlaba, baqhubeke nobugebeng­u. Mhlawumbe uma uhulumeni wethu ungawushit­sha lo mthetho kube nendlela ongenza ngayo ukuze kugwemeke ubugebengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa