KULUNGA KONKE EMZINI ONENHLONIPHO
IKHAYA elinobaba nomama nezingane ezijabulile liyiphupho labantu abaningi. Umuntu ongakagani nongakashadelwa, uyaye afise sengathi uma sekufika esakhe isikhathi sokuhlala nomuntu asemkhethile, kube nenjabulo emndenini wabo.
Leli phupho liyafezeka kweminye imindeni. Uthola ukuthi kuhlala kunemfudumalo ngoba ubaba nomama babambisene futhi bayalazi neqhaza okumele balibambe ekutheni umuzi nomndeni wabo uhlale usesimeni esithokomele. Ziningi izinto ezenza leli khaya libe nemfudumalo, nezingane zakhona zikhuliseke kahle, zikhuliswa ngezimiso ezakhayo, ezizilungiselela elazo ikusasa eliqotho.
Uthola ukuthi abashadile bayalekelelana ngemibono ezosiza ikhaya libe yilokhu ababephupha ngakho bengakashadi. Kwesinye isikhathi ngisho bengaboni ngaso linye uthola ukuthi wena ome ngaphandle kawuboni ngoba bobabili benza isiqiniseko sokuthi ekungabonini kwabo ngaso linye kakuboni muntu, ngisho nezingane zabo uqobo. Ngalokhu basuke belwela ukuthi bakugweme ngayo yonke indlela ukuxabana nokukhombisa ukungezwani esidlangaleni.
Lokhu kakusho ukuthi kabaxabani kodwa yindlela abaxazulula ngayo izinkinga zabo eyenza kube sengathi ezabo izinkinga zingcono kunezabanye. Le ndlela yokuziphatha kwabantu abaganene kayigcini ngokudala ukuthula kubona bobabili kodwa isiza nezingane zabo ukuba nazo uma sezikhulile - zangena esigabeni sokushada nokushadelwa - zibe nemigomo nezimiso ezinhle. Kweminye imindeni kwehluke kakhulu. Uthola ukuthi abazali bathathana noma yikanjani, bakhulumisana ngendlela engenayo inhlonipho ngisho naphambi kwezingane.
Uma mhlawumbe ubaba ekhuluma nomama umthole esebenzisa amagama okumbukela phansi noma ukumeyisa. Lokhu kuyalilimaza leli khaya, ikakhulu abantwana bakhona ngoba indlela okwenziwa ngayo ekhaya ubathola sebeyiveza ngisho bedlala nezinye izingane noma ubathole beyikhombisa nasesikoleni ngoba bayibuka nsuku zonke ekhaya kuze kube sengathi yiyona ndlela elungile okumele kwenziwe ngayo.
Kwesinye isikhathi kuze kusetshenziswe ngisho nenhlamba imbala esidlangaleni, izingane zibuka bese lokho kuzifundisa ukuthi kulungile noma umuntu ungamthuka. Le nto iba yinkinga enkulu ngoba bona laba bazali abathukanayo bathi uma bezifundisa izingane noma beziyala, bazitshele ukuthi zingakwenzi okubi kodwa bona bakwenza phambi kwazo.
Lokhu kuyazididisa izingane ngoba zisuke zihlanganisa lokhu abazali abakushoyo nabakwenzayo. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi sithini futhi senzani phambi kwabantwana bethu ngoba kabasoze bayikhohlwa into abayibona siyenza nabayizwa siyisho. Kakufanele sibe namazwi angenakho ukwakha uma sikhuluma phambi kwezingane zethu noma sikhuluma nazo uqobo, kungakhathalekile ukuthi sisuke sidinwe kangakanani.
Kakulungile ukuzwa umzali ethi enganeni “uyisilima kabi wena...” noma athi “kawunangqondo nje kangazi ngempela ufuze bani, mina kangisizali isilima esinje...”. La mazwi ahlale enkenteza ezindlebeni zengane nasengqondweni yayo bese ilahlekelwa wukuzethemba ngobuyona. Kwesinye isikhathi uthola ubaba ewasho kumama budlabha phambi kwezingane, enze umkakhe azibone engelutho. Lokhu kungaba nomthelela omubi ezinganeni okuyothi uma uzibuza ngelinye ilanga into ephathelene nokugana kumbe ukuganwa, imane ikutshele ukuthi kayisoze yona ishade noma ishadelwe ngoba kuyahlukunyezwana.
Okunye okulimaza imindeni yimincintiswano othola abashadile sebeyenza emzini wabo. Kunemindeni lapho kungahlalwa khona kuboniswane ukuthi kuzothengwani noma kuzokwenziwani. Ubona mhlawumbe ngemoto yezimpahla zasendlini okungakaze kuxoxwe ukuthi ziyadingeka futhi zizothengwa.
Kangikubukeli phansi ukuthi kwesinye isikhathi umama noma ubaba uyaye afise ukwenza into ebingalindelwe muntu ekhaya ngenhloso yokuthi kube mnandi kujatshulwe kodwa lokhu kakuyona into okuphilwa ngayo - yinto eyenziwa ngaleso sikhathi nje. Le mincintiswano igcina ilibulala ikhaya ngoba kakuhlelwa futhi kakuboniswana, omunye nomunye uyazenzela nje bese lokho kugcina kudala ukungezwani nokukhombana emehlweni.
Ubudlelwano obuhle nobakhelwe esisekelweni esiqinile esiyinsika nomgogodla omile, buyawusiza umndeni ekutheni wenze izinto zawo ngendlela okuyiyona, kungabikhona ukudonsisana, ukubukelana phansi, wukungahloniphani okugcina sekudale uqhekeko olunomthelela omubi ezinganeni nasemndenini ngobubanzi. Kuyasiza kwesinye isikhathi nokuhlanganyela nabanye abashadile ezigcawini lapho kusuke kuvuselelwa imishado ngoba kwenza abantu bakhumbule ukuthi kambe babekade behlanganiswe yini nokuthi yini okumele bayenze ukuze bagcine umndeni wabo uthokozile futhi uyindawo ekahle yokukhulisela abantwana ngobuqotho.
Kubalulekile ukwazisana kwabantu beganene, banikane inhlonipho nesizotha. Masikhumbuleni ukuthi imindeni izala imiphakathi, imiphakathi izala isizwe esizala izwe lonke. Uma kulimele imindeni, isizwe sonke siyaxhuga kugcine konakele. Masisukumeni sakhe imindeni ephilayo neqotho! Makhosi Ndleleni (Bonakele), uMaZulu kaZondo Insika yaMathiyane Uthishanhloko waseMatatane Secondary School mthiyanesgs@yahoo.com Ungathumela uWhatsapp kwethi: 082 752 7342