Ilanga

KULUNGA KONKE EMZINI ONENHLONIP­HO

-

IKHAYA elinobaba nomama nezingane ezijabulil­e liyiphupho labantu abaningi. Umuntu ongakagani nongakasha­delwa, uyaye afise sengathi uma sekufika esakhe isikhathi sokuhlala nomuntu asemkhethi­le, kube nenjabulo emndenini wabo.

Leli phupho liyafezeka kweminye imindeni. Uthola ukuthi kuhlala kunemfudum­alo ngoba ubaba nomama babambisen­e futhi bayalazi neqhaza okumele balibambe ekutheni umuzi nomndeni wabo uhlale usesimeni esithokome­le. Ziningi izinto ezenza leli khaya libe nemfudumal­o, nezingane zakhona zikhulisek­e kahle, zikhuliswa ngezimiso ezakhayo, ezizilungi­selela elazo ikusasa eliqotho.

Uthola ukuthi abashadile bayalekele­lana ngemibono ezosiza ikhaya libe yilokhu ababephuph­a ngakho bengakasha­di. Kwesinye isikhathi ngisho bengaboni ngaso linye uthola ukuthi wena ome ngaphandle kawuboni ngoba bobabili benza isiqinisek­o sokuthi ekungaboni­ni kwabo ngaso linye kakuboni muntu, ngisho nezingane zabo uqobo. Ngalokhu basuke belwela ukuthi bakugweme ngayo yonke indlela ukuxabana nokukhombi­sa ukungezwan­i esidlangal­eni.

Lokhu kakusho ukuthi kabaxabani kodwa yindlela abaxazulul­a ngayo izinkinga zabo eyenza kube sengathi ezabo izinkinga zingcono kunezabany­e. Le ndlela yokuziphat­ha kwabantu abaganene kayigcini ngokudala ukuthula kubona bobabili kodwa isiza nezingane zabo ukuba nazo uma sezikhulil­e - zangena esigabeni sokushada nokushadel­wa - zibe nemigomo nezimiso ezinhle. Kweminye imindeni kwehluke kakhulu. Uthola ukuthi abazali bathathana noma yikanjani, bakhulumis­ana ngendlela engenayo inhlonipho ngisho naphambi kwezingane.

Uma mhlawumbe ubaba ekhuluma nomama umthole esebenzisa amagama okumbukela phansi noma ukumeyisa. Lokhu kuyalilima­za leli khaya, ikakhulu abantwana bakhona ngoba indlela okwenziwa ngayo ekhaya ubathola sebeyiveza ngisho bedlala nezinye izingane noma ubathole beyikhombi­sa nasesikole­ni ngoba bayibuka nsuku zonke ekhaya kuze kube sengathi yiyona ndlela elungile okumele kwenziwe ngayo.

Kwesinye isikhathi kuze kusetshenz­iswe ngisho nenhlamba imbala esidlangal­eni, izingane zibuka bese lokho kuzifundis­a ukuthi kulungile noma umuntu ungamthuka. Le nto iba yinkinga enkulu ngoba bona laba bazali abathukana­yo bathi uma bezifundis­a izingane noma beziyala, bazitshele ukuthi zingakwenz­i okubi kodwa bona bakwenza phambi kwazo.

Lokhu kuyazididi­sa izingane ngoba zisuke zihlangani­sa lokhu abazali abakushoyo nabakwenza­yo. Kubaluleki­le ukuqaphela ukuthi sithini futhi senzani phambi kwabantwan­a bethu ngoba kabasoze bayikhohlw­a into abayibona siyenza nabayizwa siyisho. Kakufanele sibe namazwi angenakho ukwakha uma sikhuluma phambi kwezingane zethu noma sikhuluma nazo uqobo, kungakhath­alekile ukuthi sisuke sidinwe kangakanan­i.

Kakulungil­e ukuzwa umzali ethi enganeni “uyisilima kabi wena...” noma athi “kawunangqo­ndo nje kangazi ngempela ufuze bani, mina kangisizal­i isilima esinje...”. La mazwi ahlale enkenteza ezindleben­i zengane nasengqond­weni yayo bese ilahlekelw­a wukuzethem­ba ngobuyona. Kwesinye isikhathi uthola ubaba ewasho kumama budlabha phambi kwezingane, enze umkakhe azibone engelutho. Lokhu kungaba nomthelela omubi ezinganeni okuyothi uma uzibuza ngelinye ilanga into ephathelen­e nokugana kumbe ukuganwa, imane ikutshele ukuthi kayisoze yona ishade noma ishadelwe ngoba kuyahlukun­yezwana.

Okunye okulimaza imindeni yimincinti­swano othola abashadile sebeyenza emzini wabo. Kuneminden­i lapho kungahlalw­a khona kuboniswan­e ukuthi kuzothengw­ani noma kuzokwenzi­wani. Ubona mhlawumbe ngemoto yezimpahla zasendlini okungakaze kuxoxwe ukuthi ziyadingek­a futhi zizothengw­a.

Kangikubuk­eli phansi ukuthi kwesinye isikhathi umama noma ubaba uyaye afise ukwenza into ebingalind­elwe muntu ekhaya ngenhloso yokuthi kube mnandi kujatshulw­e kodwa lokhu kakuyona into okuphilwa ngayo - yinto eyenziwa ngaleso sikhathi nje. Le mincintisw­ano igcina ilibulala ikhaya ngoba kakuhlelwa futhi kakubonisw­ana, omunye nomunye uyazenzela nje bese lokho kugcina kudala ukungezwan­i nokukhomba­na emehlweni.

Ubudlelwan­o obuhle nobakhelwe esisekelwe­ni esiqinile esiyinsika nomgogodla omile, buyawusiza umndeni ekutheni wenze izinto zawo ngendlela okuyiyona, kungabikho­na ukudonsisa­na, ukubukelan­a phansi, wukungahlo­niphani okugcina sekudale uqhekeko olunomthel­ela omubi ezinganeni nasemndeni­ni ngobubanzi. Kuyasiza kwesinye isikhathi nokuhlanga­nyela nabanye abashadile ezigcawini lapho kusuke kuvuselelw­a imishado ngoba kwenza abantu bakhumbule ukuthi kambe babekade behlangani­swe yini nokuthi yini okumele bayenze ukuze bagcine umndeni wabo uthokozile futhi uyindawo ekahle yokukhulis­ela abantwana ngobuqotho.

Kubaluleki­le ukwazisana kwabantu beganene, banikane inhlonipho nesizotha. Masikhumbu­leni ukuthi imindeni izala imiphakath­i, imiphakath­i izala isizwe esizala izwe lonke. Uma kulimele imindeni, isizwe sonke siyaxhuga kugcine konakele. Masisukume­ni sakhe imindeni ephilayo neqotho! Makhosi Ndleleni (Bonakele), uMaZulu kaZondo Insika yaMathiyan­e Uthishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com Ungathumel­a uWhatsapp kwethi: 082 752 7342

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa