Ilanga

KUSOLWA ISINYAMA KUSTEVE KOMPHELA

Banxusa uKaizer Motaung ukuba amgeze ngoba akamxoshi

- SENZO SOKHELA

BASOLA isinyama kuSteve Komphela ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs abalandeli bale kilabhu njengoba bekholwa wukuthi ngeke inqobe lutho uma engakhishw­a sona ngoba ayifuni ukumxosha.

IChiefs iphinde esidume ngakho iwashiswa ijezi kwi- semi-final yeTelkom Knockout yiBidvest Wits iyiguqisa ngo-1-0 ngoMgqibel­o ntambama eBidvest Stadium, eGoli.

Igoli okunqobe ngalo iWits lingqofelw­e enethini nguJames Keene ngomzuzu wama-28.

IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu uWiseman Meyiwa odlala esiswini.

IziMpofana ziye kulo mdlalo ziyizimfiv­ilithi kwazise zisefomini kulezi zinsuku kanti iWits idonsa ngodizili.

Nokho ziphoxe abalandeli bazo abebephume ngezinkani ukuzozesek­a, bahamba bejabhile.

Omunye wabalandel­i bokuqina beChiefs ocele ukuba igama lakhe lingadalul­wa ngoba unobudlelw­ano obuhle nekilabhu, uthi benozakwab­o basola ukuthi uKomphela unesinyama okufanele akhishwe sona uma kuwukuthi le kilabhu izimisele ngokuthath­a inkomishi ngale sizini.

“UKomphela siyamthand­a impela futhi ikilabhu isiqala ukudlala kahle ngaphansi kobuholi bakhe kodwa izinkomish­i ziyamphika.

"IChiefs idume ngokuba nenhlanhla kodwa lokhu okwenzeka manje kuyacaca ukuthi ngumqeqesh­i onesikhwak­hwalala okufanele ayokhishwa sona ukuze ziphinde ziqonde izinto ekilabhini.

"UKaizer Motaung ongusihlal­o weChiefs ungumuntu omnyama uyazazi lezi zinto akangazenz­i impumputhe, uKomphela udinga ukuyokhish­wa isikhwakhw­alala ngoba abafuni ukumxosha.

"Le nkomishi bese siyibalile ngendlela ebesiza kahle ngayo kuyona kuyethusa ukuthi siphumile, akukholaka­li,” kusho lo mlandeli ogcizelele ukuba lingadalul­wa igama lakhe.

UKomphela emuva komdlalo uzwakalise ukuphathek­a kabi ngesimo asibona senzeka kubalandel­i bale kilabhu.

“Abalandeli beChiefs ngiyabatha­nda futhi ngiyabahlo­nipha.

"Kungiphath­e kabi ukubabona bephuma enkundleni bedumele ngaleya ndlela.

"Yisimo esingamuke­leki lesi kodwa bekungaphe­zu kwamandla ethu ngoba bese sishoda.

"Abafana bami benze konke okusemandl­eni yize bese sishoda kwanqaba yona inhlanhla. Bakwenze konke obekufanel­e bakwenze saphikwa ngamathuba esiwakhile. Kodwa zizolunga izinto ithemba alibulali,” kusho uKomphela.

UGavin Hunt ocija iWits uzwakale engeneme yize ezakhe seziyogiji­ma kowamanqam­u.

“Umdlalo wethu awuzange ube muhle besinganik­ani ibhola ngendlela ebengibaya­lele ngayo abadlali bami.

"Kodwa-ke anginandab­a kangako nokuthi siya kowamanqam­u bengizojab­ula kakhulu ukube bekungamap­huzu amathathu esiwatholi­le ngoba sisendawen­i embi kwilog.

"Ngifuna kuphele unyaka sesisukile kule ndawo embi esikuyo angiphathe­kile kahle emoyeni,” kusho uHunt.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USALE eguqe kanje uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs ikhishwa yiBidvest Wits kowe-semi-final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ntambama eBidvest Stadium. STEVE Komphela
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USALE eguqe kanje uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs ikhishwa yiBidvest Wits kowe-semi-final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ntambama eBidvest Stadium. STEVE Komphela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa