Uyaveva onqatshelwa ukondla ingane
Uthi ubemhlukumeza, emchamela esakhulelwe
UYAVUTHA yintukuthelo owesilisa waseShowe enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal osola owesifazane obeshade nesiqumama esingumphathi wesitebele somculo sodumo, iMabala Noise, uMnu Reggie Nkabinde ngokunqwaha nengane athi ngeyakhe - uthi lona wesifazane umtshele ukuthi ibiza uNkabinde ngoba wehlukanise nalesi sikhulu kodwa wangasishintsha isibongo.
UMnu Sandile Masuku ukhala ngokuvinjelwa nguNkz Zandile Makhanya-Nkabinde - obeshade noMnu Nkabinde obuye abe ngumgcinimafa-jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL) - ukubona nokondla le ngane enamasonto izelwe, athi ngeyakhe.
Uthi uNkz Makhanya-Nkabinde ukhulelwe esemlobolile, sekusele ukuba ziwushaye phakathi kwabo futhi sebehlala ndawonye emzini kaNkz Makhanya-Nkabinde oseMhlanga, eningizimu yeTheku.
Utshele ILANGA ukuthi emuva kokukhulelwa kwakhe babe nokungaboni ngasolinye, bagcina sebehlukene, okuthe ingane isizelwe uNkz Makhaya-Nkabinde wangabe esafuna ukuba asondele kuyona, wenqaba nokuba ayondle.
“Le ngane uma eyifake ezithombeni zeWhatsApp, ngiyayibona nje ukuthi ngeyami, ifana nami nezinye izingane zami. Uma ngi- mcela kahle ukuba ngiyoyibona, uvele abhoke ngolaka athi ngihlangana kuphi nengane ngoba ngeyakwaNkabinde futhi iyondliwa, akadinge lutho lwami.
“Ungesabisa nangokuthi bazongibopha. Uma ngithi masenze ulibofunzo ukuze ngimyeke nami ngikhululekile ngazi ingane kakusiyona eyami, uyenqaba. Kade ngithume abafowethu emzini wakhe ngithi mabayokhuluma naye ngalolu daba kodwa uvele wacasha ekamelweni, bamphika ekhona bathi useGoli.
“Kangifuni ukuba yisiphazamiso empilweni yakhe njengoba nami sengiqhubekile neyami kodwa ngidinga ingane yami nje kwaphela. Mina ngeke ngehlulwe wukondla amathumbu ami,” kusho uMnu Masuku.
Ethintwa uNkz Makhanya-Nkabinde, uvumile ukuthi unayo ingane encane kodwa akanaso isiqini- seko sokuthi ngekaMnu Masuku.
“Uma ngibala kuyaphambana futhi-ke ngisakhululelwe ubengihlukumeza, engichamela, angigwilizise nasemanzini. Umuntu okwenza izinto ezinje ungasho kanjani ukuthi nguyise wengane yakho?
“UMnu Masuku uma efuna ingane njengoba esho naye ukuthi wangilobola, kumele athumele abakhongi bakhe noma abomndeni wakhe bazokhuluma nomndeni wami, ayeke ukulokhu eyokhuluma emaphepheni.
“Le ngane ayifunayo uzoyenzani ngoba noma kungathiwa ngeyakhe kangidinge lutho lwakhe ngiyazondlela yona? Makangiyeke phansi, uma efuna ulibofuzo makaye enkantolo,” kusho yena. UMnu Nkabinde ekhuluma ne
LANGA, uthe akangeni ndawo kule nto. Ubuze leli phephandaba ukuthi ngokwalo lithi angaba nengane encane kanjani nomuntu osekukudala ehlukanisile naye.
“Zolo lokhu bekubhalwe ukuthi kangizwani naye, manje sekwenzeka kanjani ukuthi ngingaba nengane naye? Yena noMnu Masuku mabalungise izinto zabo bangafaki mina lapho,” kusho uMnu Nkabinde.
Lesi sikhulu esingene kwezwakala kwezomculo njengoba inkampani yaso isayinise inqwaba yamaciko - enza kahle kule ndima - okubalwa kuwona uThokozani “Somnandi” Langa, uNsikayezwe “Nasty C” Ngcobo, uMroza Fakude wodumo lwengoma kaVan Damme ukubala ambalwa, sisanda kugcagcelwa yisiphalaphala esinguBeauty Matela-Nkabinde.
Uma ngibala kuyaphambana futhi-ke ngisakhulelwe...