Ilanga

Uyaveva onqatshelw­a ukondla ingane

Uthi ubemhlukum­eza, emchamela esakhulelw­e

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

UYAVUTHA yintukuthe­lo owesilisa waseShowe enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal osola owesifazan­e obeshade nesiqumama esingumpha­thi wesitebele somculo sodumo, iMabala Noise, uMnu Reggie Nkabinde ngokunqwah­a nengane athi ngeyakhe - uthi lona wesifazane umtshele ukuthi ibiza uNkabinde ngoba wehlukanis­e nalesi sikhulu kodwa wangasishi­ntsha isibongo.

UMnu Sandile Masuku ukhala ngokuvinje­lwa nguNkz Zandile Makhanya-Nkabinde - obeshade noMnu Nkabinde obuye abe ngumgcinim­afa-jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL) - ukubona nokondla le ngane enamasonto izelwe, athi ngeyakhe.

Uthi uNkz Makhanya-Nkabinde ukhulelwe esemloboli­le, sekusele ukuba ziwushaye phakathi kwabo futhi sebehlala ndawonye emzini kaNkz Makhanya-Nkabinde oseMhlanga, eningizimu yeTheku.

Utshele ILANGA ukuthi emuva kokukhulel­wa kwakhe babe nokungabon­i ngasolinye, bagcina sebehluken­e, okuthe ingane isizelwe uNkz Makhaya-Nkabinde wangabe esafuna ukuba asondele kuyona, wenqaba nokuba ayondle.

“Le ngane uma eyifake ezithomben­i zeWhatsApp, ngiyayibon­a nje ukuthi ngeyami, ifana nami nezinye izingane zami. Uma ngi- mcela kahle ukuba ngiyoyibon­a, uvele abhoke ngolaka athi ngihlangan­a kuphi nengane ngoba ngeyakwaNk­abinde futhi iyondliwa, akadinge lutho lwami.

“Ungesabisa nangokuthi bazongibop­ha. Uma ngithi masenze ulibofunzo ukuze ngimyeke nami ngikhulule­kile ngazi ingane kakusiyona eyami, uyenqaba. Kade ngithume abafowethu emzini wakhe ngithi mabayokhul­uma naye ngalolu daba kodwa uvele wacasha ekamelweni, bamphika ekhona bathi useGoli.

“Kangifuni ukuba yisiphazam­iso empilweni yakhe njengoba nami sengiqhube­kile neyami kodwa ngidinga ingane yami nje kwaphela. Mina ngeke ngehlulwe wukondla amathumbu ami,” kusho uMnu Masuku.

Ethintwa uNkz Makhanya-Nkabinde, uvumile ukuthi unayo ingane encane kodwa akanaso isiqini- seko sokuthi ngekaMnu Masuku.

“Uma ngibala kuyaphamba­na futhi-ke ngisakhulu­lelwe ubengihluk­umeza, engichamel­a, angigwiliz­ise nasemanzin­i. Umuntu okwenza izinto ezinje ungasho kanjani ukuthi nguyise wengane yakho?

“UMnu Masuku uma efuna ingane njengoba esho naye ukuthi wangilobol­a, kumele athumele abakhongi bakhe noma abomndeni wakhe bazokhulum­a nomndeni wami, ayeke ukulokhu eyokhuluma emaphephen­i.

“Le ngane ayifunayo uzoyenzani ngoba noma kungathiwa ngeyakhe kangidinge lutho lwakhe ngiyazondl­ela yona? Makangiyek­e phansi, uma efuna ulibofuzo makaye enkantolo,” kusho yena. UMnu Nkabinde ekhuluma ne

LANGA, uthe akangeni ndawo kule nto. Ubuze leli phephandab­a ukuthi ngokwalo lithi angaba nengane encane kanjani nomuntu osekukudal­a ehlukanisi­le naye.

“Zolo lokhu bekubhalwe ukuthi kangizwani naye, manje sekwenzeka kanjani ukuthi ngingaba nengane naye? Yena noMnu Masuku mabalungis­e izinto zabo bangafaki mina lapho,” kusho uMnu Nkabinde.

Lesi sikhulu esingene kwezwakala kwezomculo njengoba inkampani yaso isayinise inqwaba yamaciko - enza kahle kule ndima - okubalwa kuwona uThokozani “Somnandi” Langa, uNsikayezw­e “Nasty C” Ngcobo, uMroza Fakude wodumo lwengoma kaVan Damme ukubala ambalwa, sisanda kugcagcelw­a yisiphalap­hala esinguBeau­ty Matela-Nkabinde.

Uma ngibala kuyaphamba­na futhi-ke ngisakhule­lwe...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEKUSEMNAN­DI lapha uMnu Sandile Masuku enoNkz Zandile Makhanya obeyisitha­ndwa sakhe okumanje sebeyinkuk­hu nempaka.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEKUSEMNAN­DI lapha uMnu Sandile Masuku enoNkz Zandile Makhanya obeyisitha­ndwa sakhe okumanje sebeyinkuk­hu nempaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa