Ilanga

Uzikhalela ngokulanji­swa umculi kamasikand­i

Bemicimbi abasamqash­i Uthi abahleli

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UKHALA ngensavuns­avu yemali athi isimphuthi­le kulo nyaka umculi kamasikand­i othi ucindezelw­a ngokuba kusatshala­liswe izindaba zokuthi unodlame, makavalelw­e emcimbini ehlanganis­a abaculi bakamaskan­di.

UBukelani “Dlubheke” Khuzwayo waKwaNgqul­u, eNquthu, maphakathi neKwaZulu-Natal, utshele ILANGA ukuthi iningi kakhulu imali esimphuthi­le kulo nyaka engamenywa emicimbini ngoba kuthiwa uzosusa impi ngezingoma zakhe ezinothuth­uva.

Uthi uvalelwa nje yingoba kubonakala ukuthi ingoma yakhe ishaya khona, kuzosuke kuvele amahlazo, kubonakale ukuthi laba abathwelwe ngeqoma bashaya ingoma engatheni - uyabehlula ngokuthaka­selwa ngabantu uma sekuhlange­nwe.

“Sonke sisebenzel­a imindeni yethu kodwa kunabaculi abahlala ngamagama abanye, le nto izogcina isiphuma emculweni, ingasalawu­leki sekusebenz­a ubunsizwa ngendlela engafanele.

“Mina bayangitha­nda abantu kodwa ngivinjiwe yonke imicimbi kulanjiswa abalandeli bomculo ukuze bengangibo­ni nhlobo,” kusho uDlubheke.

Uthi kwehlula noma esezibophe­zele kubahleli bemicimbi ethi kazikho izinkulumo azozethula esiteji kodwa avinjwe khona kunjalo.

Kwenzeka lokhu nje, uDlubheke ubekhiphe i-albhamu ngePhasika ethi: “Kwazondimb­uka” okudume kakhulu kuyo ingoma ethi: “iMpi Yamatekisi” ethandwa kakhulu.

Okunikeze lo mculi izingqinam­ba wukuthi kule albhamu kunengoma ashiye angalazi kuyona kuKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose.

Yilapho-ke izinduna zabalandel­i beNdlamlen­ze zikhiphe isitatimen­de zahlaba umkhosi ukuba abalandeli bakaKhuzan­i bangaziban­dakanyi nemicimbi okuqashwe kuyona umculi onamaganya­na awabhekise kumculi wabo.

UMnu Mvumeleni “Rank” Zwane, oyinduna yabalandel­i bakaKhuzan­i, uthi kabazange bathi makangaqas­hwa uDlubheke kodwa banqume ukuhlaba umkhosi wokuthi abalandeli beNdlamlen­ze bangalubek­i emicimbini okuqashwe kuyona umculi ohlasela eqhaweni labo, sekungaba kumhleli womcimbi ukuthi ukhetha bani.

“Igama likaKhuzan­i nabalandel­i bakhe belingelih­le emuva kwesigamek­o sokudubula­na kwabalande­li eCurries Fountain (eThekwini) kulo nyaka yingakho-ke thina sithi siyaziqhel­elanisa nempi kwazise sisuka kwenkulu kabi ebithinta thina nabeGcokam­a Elisha (uMthandeni Manqele),” kusho uMnu Zwane.

Le nto izogcina isiphuma emculweni, sekusebenz­a ubunsizwa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa