Uzikhalela ngokulanjiswa umculi kamasikandi
Bemicimbi abasamqashi Uthi abahleli
UKHALA ngensavunsavu yemali athi isimphuthile kulo nyaka umculi kamasikandi othi ucindezelwa ngokuba kusatshalaliswe izindaba zokuthi unodlame, makavalelwe emcimbini ehlanganisa abaculi bakamaskandi.
UBukelani “Dlubheke” Khuzwayo waKwaNgqulu, eNquthu, maphakathi neKwaZulu-Natal, utshele ILANGA ukuthi iningi kakhulu imali esimphuthile kulo nyaka engamenywa emicimbini ngoba kuthiwa uzosusa impi ngezingoma zakhe ezinothuthuva.
Uthi uvalelwa nje yingoba kubonakala ukuthi ingoma yakhe ishaya khona, kuzosuke kuvele amahlazo, kubonakale ukuthi laba abathwelwe ngeqoma bashaya ingoma engatheni - uyabehlula ngokuthakaselwa ngabantu uma sekuhlangenwe.
“Sonke sisebenzela imindeni yethu kodwa kunabaculi abahlala ngamagama abanye, le nto izogcina isiphuma emculweni, ingasalawuleki sekusebenza ubunsizwa ngendlela engafanele.
“Mina bayangithanda abantu kodwa ngivinjiwe yonke imicimbi kulanjiswa abalandeli bomculo ukuze bengangiboni nhlobo,” kusho uDlubheke.
Uthi kwehlula noma esezibophezele kubahleli bemicimbi ethi kazikho izinkulumo azozethula esiteji kodwa avinjwe khona kunjalo.
Kwenzeka lokhu nje, uDlubheke ubekhiphe i-albhamu ngePhasika ethi: “Kwazondimbuka” okudume kakhulu kuyo ingoma ethi: “iMpi Yamatekisi” ethandwa kakhulu.
Okunikeze lo mculi izingqinamba wukuthi kule albhamu kunengoma ashiye angalazi kuyona kuKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose.
Yilapho-ke izinduna zabalandeli beNdlamlenze zikhiphe isitatimende zahlaba umkhosi ukuba abalandeli bakaKhuzani bangazibandakanyi nemicimbi okuqashwe kuyona umculi onamaganyana awabhekise kumculi wabo.
UMnu Mvumeleni “Rank” Zwane, oyinduna yabalandeli bakaKhuzani, uthi kabazange bathi makangaqashwa uDlubheke kodwa banqume ukuhlaba umkhosi wokuthi abalandeli beNdlamlenze bangalubeki emicimbini okuqashwe kuyona umculi ohlasela eqhaweni labo, sekungaba kumhleli womcimbi ukuthi ukhetha bani.
“Igama likaKhuzani nabalandeli bakhe belingelihle emuva kwesigameko sokudubulana kwabalandeli eCurries Fountain (eThekwini) kulo nyaka yingakho-ke thina sithi siyaziqhelelanisa nempi kwazise sisuka kwenkulu kabi ebithinta thina nabeGcokama Elisha (uMthandeni Manqele),” kusho uMnu Zwane.
Le nto izogcina isiphuma emculweni, sekusebenza ubunsizwa.