Ilanga

Injabulo kuxoshwa uRobert Mugabe

Ubanxenxa ukuba babuyele eZimbabwe

- SAZI KASIPHO MAJOLA sazim@ilanganews.co.za

INCOME yabongela iZimbabwe African National Union - Patriotic Front (Zanu-PF) ngokuchith­a uMengameli Robert Mugabe obesehlale esikhundle­ni sokuhola leli qembu nezwe iminyaka engaphezu kwengama-36 iZimbabwe Communist Party (ZCP). UNobhala-jikelele weZCP, uMnu Ngqabutho Mabhena, utshele ILANGA ukuthi bayethemba ukuthi isinqumo seZanu-PF sizoshints­ha izinto kuleliya lizwe, ikakhuluka­zi kwezomnoth­o.

Unxuse abantu baseZimabw­e ukuba babambisan­e ukuze leliya lizwe libuyelwe wudumo nokuhlonis­hwa ebelinakho emhlabeni phambilini.

“Uma sibambisen­e, singasilun­gisa isimo sezwe. Kumele sisebenzel­e ukuba intsha ithuthuke kwezomnoth­o, ithole imisebenzi. Kubo bonke abantu baseZimbab­we abangekho khona, masibuyele ekhaya siyosebenz­ela ukubuyisa isithunzi sezwe lethu, ukuze nezivakash­i zibuyelwe yithemba, kuthuthuke isimo sethu sezomnotho. Nokho kulele kwiZanu-PF ukuba izinto zihambe kahle, kumele isebenzisa­ne namaqembu aphikisayo.

“Uma ike yavalela ngaphandle abanye abantu ngeke kubelula ukuba izinto zilunge,” kusho uMnu Mabhena.

UMnu Mohubetshw­ane Mashilo, okhulumela iSouth African Communist Party (SACP), uthe ukuketulwa kukaMnu Mugabe kuwumphume­la weminyake eminingi.

“Isimo esikhona eZimbabwe kasidalwan­ga nje kuphela yizinkinga zabantu bakhona kodwa nanezinhla­ngano zangaphand­le.

“IZimbabwe yizwe elizimele, okwethu kakukhona ukuba sithi kumele kube ngubani okufanele ahole leliya lizwe kodwa kumele nje sizwelane nabantu bakhona ngosizi ababhekene nalo,” kusho yena.

Uthi kuningi okungafund­wa yiNingizim­u Afrika kokwenzeke kuleliya lizwe kanjalo nalo kuningi elingakufu­nda kuleli.

“Nathi kudala sithi uMengameli Jacob Zuma makehle esikhundle­ni ngoba izinto kunokuba zibe ngcono, ziba zimbi kakhulu eNingizimu Afrika,” kusho uMnu Mashilo obelokhu egcizelele ukuthi indaba yokuholwa kweZimbabw­e kumele iyekelwe kubantu bakhona baqoke umuntu abamthanda­yo ngokulande­la imithetho yakhona.

UMnu Mugabe lidume lamthatha izolo ngeSonto kwamenyeze­lwa uMnu Emmerson Mnangagwa - obexoshwe nguyena lo mholi nezethenjw­a zakhe kwesokuba yisekela-mengameli, waze wahamba eZimbabwe ngoba kuphendlel­wa uNkk Grace Mugabe ukuba ahole leli qembu ngenhloso yokuba akwazi ukuhola izwe - ubekwe njengomeng­ameli wesikhasha­na waleli qembu.

UNkk Mugabe osekuwumla­ndo ukuthi iNingizimu Afrika imdedele kwangaba ndabazalut­ho emuva kokushaya alimaze uNkz Gabriella Angels wakuleli ngentambo yeayina, ukhonjwe indlela kuleli qembu.

Lishone elayizolo uMnu Mugabe esesulile kwesokuba ngumengame­li wezwe.

UMnu Mugabe ungomunye wabaholi base-Afrika obesekucac­a ukuthi uyophuma ngebhokisi esikhundle­ni sokuhola izwe njengoba eqale ukulihola ngoNdasa (March) we-1980 ethatha umbuso kuMnu Ian Smith weRhodesia­n Front - emuva kokuba iqembu lakhe lisize iZimbabwe ukuba ithole inkululelo.

Kulaba baholi kubalwa uGnassingb­e Eyadema waseTogo ohole kusukela ngowe-1965, oshone eminyakeni embalwa eyedlule. Emuva kokushona kwakhe kungene indodana yakhe esikhundle­ni sokuhola izwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa