Ikhala ngezikhulu zikamasipala intsha
Lthi yemukwe iqatha emlonyeni
IBONA uKhisimusi omnyama intsha engama-69 yaseNewcastle, enyakatho yeKwaZulu-Natal, engasebenzi, ebisibeke ithemba layo kumasipala wakule ndawo. Le ntsha isola izikhulu zikaMasipala waseNewcastle ngokungabenzi ubulungiswa njengoba ithenjiswe imisebenzi okuthe sekumele iqale ngakusasa, zajika izinto.
Ngokuthola kweLANGA, intsha yasezindaweni ezahlukene ezingaphansi kwalo masipala, iphumelele inhlolokhono njengoba ibifake izicelo zokwenza i-internship emikhakheni eyahlukene ngonyaka odlule.
Kuthiwa-ke ithe isajabula, seyisayine nezinkontileka zeminyaka emibili, yatshelwa ukuthi kayisavumelekile ukuya etohweni ngakusasa ngoba imenenja kamasipala isithe malumiswe lolu hlelo.
Kuthiwa ngoNhlangulana (June) nonyaka, ibiziwe futhi le ntsha kwenziwa inhlolokhono kwaqedwa, ngoNcwaba (August) yatshelwa ukuthi iphumelele.
Ngokuthola kweLANGA, itshelwe ukuthi mayiyofuna izincwadi sazebhange eziqinisekisa ukuthi inawo ama-akhawunti. Ibuyele kwamasipala mhla ziyisi-7 kuwona uNcwaba iyokhonjiswa futhi yethulwe emikhakheni eyehlukene ebizongena kuyona.
ILANGA lixoxe nengxenye yale ntsha ezwakale ingeneme ngokwenziwa yizikhulu zikamasipala kuyona.
“NgoLwezi (November) wangonyaka odlule lo masipala ukhiphe isikhangiso ufuna intsha engama-69 eneziqu emikhakheni eyahlukene. Sifake izicelo kwayiwa kwinhlolokhono ngoZibandlela (December) satshelwa ukuthi sekuhlehlisiwe ukuqala kwethu,” kusho omunye oyingxenye yale ntsha - ocele ukuba ligodlwe igama lakhe ngoba esaba ukuzidalela amazinyo abusheshelezi.
Ngokuthola kweLANGA - ngemithombo yalo engaphakathi kulo masipala - kunamakhansela akhaliswe wukuthi izingane zawo kazingenanga ohlwini lwentsha ephumelele.
Omunye wesilisa obeyiphasile inhlolokhono uthi uyazisola ukuthi kungani ekhethe ukuya kwinhlolokhono yalo masipala ngoba ngosuku aye ngalo, ubebizwe kwenye yo- mnyango kahulumeni.
“Ngigqemeke engeqiwa ntwala ngokwenzekayo. Ngibone ukuthi i-internship yakwamasipala iyiminyaka emibili kanti eyomnyango ibiwunyaka,” usho kanje.
Omunye uthe: “Sengike ngicabange ngisho ukuzibulala ngoba manje sengilahlekelwa yithemba. Kunzima ukuthola umsebenzi la ngaphandle, kubuhlungu kakhulu-ke ukuphucwa iqatha emlonyeni usuthembile.”
Okhulumela lo masipala, uDkt Dumisani Thabethe, uthe esinye sezizathu ezidale ukuba balumise lolu hlelo wukuthi isigungu esiphezulu samakhansela besifuna ukwaneliseka ukuthi bonke abathathiwe bangaphansi kwawo ngempela yini lo masipala njengoba bekunezinsolo zokuthi kukhona nabangaphandle.
“Besingaqonde kuphatha kabi abantu ngokumisa lolu hlelo olwenzelwe ukulekelela intsha eneziqu ukuba ikwazi ukuthola isipiliyoni. Sixolisa kubona bonke abathintekile siphinde sibaqinisekise ukuthi senza konke okusemandleni ukulungisa isimo,” kusho uDkt Thabethe.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za