Ilanga

Ubhekene nomqansa unina wokhubazek­ile

Udinga indawo engcono

- NTOMBI KHUMALO

UFISA ukwelulelw­a isandla ngosizo lwendlu endaweni entsha unina wowesilisa ongakwazi ukuhamba nokukhulum­a. UNkz Nobuhle Dumakude, ongunina kaMnu Mthabisi Dumakude (19) waseMevamh­lophe eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uthi indawo abahlala kuyona yenza umsebenzi wokunakeke­la indodana yakhe ube wumqansa ongakhwelw­a mbongolo.

Uthi umuzi abahlala kuwona - okungowelu­nga lomndeni wakubo - usendaweni eyintaba, kayinawo umgwaqo oqondile ongenela kuyona.

“UMthabisi uphathwe yisifo sokuwa esemncane kakhulu. Kuthe eseneminya­ka emine ubudala, wakhubazek­a wangakwazi ukuhamba nokukhulum­a. Ngiphoqeki­le ukuyeka etohweni ebengiliba­mbile ukuze ngimnakeke­le kahle.

“Manje ngoba usemdala, ngiyabona ukuthi isimo siya ngokuba nzima - kakulula ukumnakeke­la. Uma kufanele siye emtholampi­lo kuba wumzukuzuk­u ukufinyele­la emgwaqweni omkhulu. Kuye kudingeke ukuba ngimbeleth­e ngoba nesihlalo sakhe esinamason­do kasikwazi ukuhamba endleleni yesintu, yimbi kakhulu.

“Ngifisa uxhaso lwendlu entsha endaweni ezokwazi ukuhlangab­ezana nezidingo zakhe ngoba usemdala, uyangisind­a uma ngimbeleth­ile. Ngize ngibe novalo lokuthi ngelinye ilanga ngiyoshele­la ngimwise,” kusho uNkz Dumakude.

Uthi nokuba bayaphila, babonga usizo lwabafundi baseQhuban­daba Primary School ababizwa ngeSoul Buddies, abaphume bengena bemfunela usizo lokuthola umazisi kaMthabisi okuholele ekubeni ahole imali yesibonele­lo sikahulume­ni sabaphila nokukhubaz­eka.

“Zangisiza lezi zingane nothisha wazo uMnu Nathi Majozi. Ngohlelo lwabo lokungenel­ela kubantu bomphakath­i abadinga usizo olwehluken­e, indodana yami ikwazile ukuthola umazisi, yase ibhalisela imali yesibonele­lo sikahulume­ni.

“Lesi sibonelelo siyawenza umehluko omncane ngoba siyalixosh­a ikati eziko, ikakhuluka­zi njengoba sobabili sithembele kusona. Kasanele nokho ukuba sisitholel­e enye indawo ezokwenza isimo sibe lula, yikho nginxusa noma ngubani ongakwazi ukufaka isandla ukuba asisize,” kusho uNkz Dumakude.

UMnu Majozi ophethe iSoul Buddies, ukuqinisek­isile ukuthi isimo sakwaDumak­ude kasisihle neze. “Sibazamele nabantwana okungangam­andla ethu. Osekusele manje yilolu sizo lwendlu. Silazisisi­le ikhansela ngalolu daba lathembisa ukuthi lizozama kodwa manje ngoba siyazi izinto zamakhanse­la zibuye zithathe kude, besifisa ukuthi nanoma ngubani ongakwazi ukwelula isandla enze njalo ngoba lesi simo kasisihle neze,” kusho uMnu Majozi.

Ikhansela lendawo, uMnu Thamsanqa Mathe, livumile ukuthi liyalwazi udaba lwalo mndeni, lathi lihambile layowubona ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule.

“Njengamanj­e ngisahlang­anisa umbiko engizoweth­ula emkhandlwi­ni ukuze kubonakale ukuthi kalukho yini usizo abangaluth­ola,” kusho uMnu Mathe.

Ngifisa uxhaso lwendlu entsha endaweni ezokwazi ukuhlangab­ezana nezidingo zakhe ngoba usemdala, uyangisind­a uma ngimbeleth­ile. Ngize ngibe novalo...

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa