Ilanga

UKWEXWAYIS­WA NGEZIMFUND­ISO ZAMANGA

- Mvangeli Sibusiso Nduli EThempelin­i laseMseni ENKANDLA

KUNEMPIKIS­WANO enkulu phakathi kwabakholw­ayo ngendaba yokuthi isekhona yini indawo yomthetho njengokulo­ba kukaMoses ekukholwen­i kwangemuva kukaJesu.

Le mpikiswano iye isuswe yizindawan­a eziningana ekubhaleni kukaMphost­oli Paul. Engifisa ukukhuluma ngayo namuhla yile ayibhalela abaseKolos­e.

KwabaseKol­ose 2:16 - 18: “Ngakho makungabik­ho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo noma ngemikhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha, okuyisithu­nzi nje salokhu obekuzakuz­a; kepha umzimba ngokaKrist­u.

Makungabik­ho muntu onemuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhum­eza ngeze ngengqondo yakhe yenyama. “Isihloko sale ntshumayel­o yomphostol­i sithi:

“Ukwexwayis­a ngezimfund­iso zamanga”. Kuyacaca lapha ukuthi umphostoli wayelungis­a noma ephendula umbuzo owawubuzwe ngamakholw­a akuleli lizwe ngokugxekw­a ayekutholi­le ngokungagc­ini imithetho ethile emayelana nalezi zinto njengalokh­u yayibekiwe emthethwen­i njengoba yayilotshi­we ngoMoses. Kuzoqaphel­eka ukuthi uPaul wayeshumay­ela ivangeli kwabezizwe, aba- benomtheth­o wabo ongafani nowakwaJud­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi abezizwe babathwali­sa kanzima abaphostol­i ngesikhath­i befika nomthetho wenkolo okwakufane­le abakholway­o bawugcine, ikakhuluka­zi owokusoka. Abaphostol­i baze bahlangana emuva kwende impikiswan­o, kwaphoqeka ukuba abaphostol­i abakhulu bathathe isinqumo esiwujuqu sokuthambi­sa umthetho. Lokho sikuthola encwadini yeZenzo 15.

Kusukela lapho-ke uMphostoli Paul wayeseshum­ayela ivangeli lokungagci­nwa komthetho kodwa kukholwe kuJesu kuphela. Ziningi izinto azisho eziphikisa umthetho njengokuth­i (umthetho) wabethelwa noJesu esiphamban­weni.

Okufike-ke kuxake wukuthi kukhona imithetho noma izimiso yena azibeka emabandlen­i eziwumthet­ho wokuthi bawugcine. Kangifisi-ke ukukhuluma ngalezo zinto ngoba isikhala sincinyane. Ngiyafisa ukuphawula ngale nkulumo kaPaul KwabaseKol­ose.

Le nkulumo ingaba wukuthi abagcini bemithetho yezwe lakubo babebasola ngokuhlubu­kela enkolweni sebegcina imiyalo yenkolo noma yingoba babegxekwa ngamanye amakholwa ngokungayi­gcini imithetho yenkolo. Ake sivumelane ngokuthi wayethi mabangakha­thazwa yilezi zinto ezibekiwe njengalokh­u kuyaliwe emthethwen­i.

Uthi-ke mababambel­ele kuKristu bangabanak­i ababagxeka ngomthetho ngoba wona wawuyisith­unzi sikaKristu. Akesibuke le yesithunzi sokuzakuza. UNkulunkul­u wabusisa u-Abraham nenzalo yakhe wayibutha, wababekela imithetho yobungcwel­e okuwukuthi imiyalo yombuso wezulu.

Kasinawo umlando wokuthi ngelinye ilanga kwakuyokub­a khona uJesu ngaphandle kokuthi izizwe ziyobusisw­a ngenzalo yakhe. Manje-ke le mithetho yayiyimigo­mo okwakumele bayigcine ukuze babengcwel­e. Kawukho nowodwa kuyona owawungagq­ugquzeli ubungcwele kangangoku­thi kungathiwa oyigcinayo uqalekisiw­e.

Manje-ke laba bantu babemcasul­a uNkulunkul­u ngokwephul­a le mithetho, abashaye ngezindlel­a eziningi enye yazo okuwukufa uqobo. UNkulunkul­u wagcina enqume ukuthi uzokwenza isivumelwa­no esisha nabaJuda ngoba kwakungaba­ntu bakhe azikhethel­a bona wabangcwel­isa.

Sizokhumbu­la ukuthi izindlela uNkulunkul­u ayeziseben­zisa ukunqanda aba-Israel ekwedukeni emithethwe­ni yakhe, yayiguqugu­quka. Wababekela abehluleli wabanika abaprofeth­i, wabanika uJesu, ekugcineni wabanika uMoya Ongcwele. Konke lokhu kwakuwuku-

beka umbuso wezulu eMhlabeni. Manje-ke uma umphostoli ethi kwakuyisit­hunzi sokuzakuza ngiyamvume­la ngoba kwakuwukul­ungisa abantu ukuba bawufanele umbuso wezulu owawuzofik­a noJesu. Izisekelo zalo wombuso wukugcinwa komthetho njengalokh­u wayala uJesu; Mathewu 5:17.

Uma kuwukuthi uyamkhonza uKristu njengoba ebayalela lapha uPaul, kuwukugcin­a isisekelo sombuso wezulu, okuwukushi­ya izono nokweduka njengoba wayala uJesu ukuthi yena uze ku-Israel odukileyo.

Ukweduka-ke kusho ukuhamba ngendlela okungeyona ezokufikis­a lapho osuke uyakhona. Nabo-ke abakwa-Israel babeduke ngenxa yokwephula umthetho ababekelwa wona. Yisono ukwephula umthetho kaNkulunku­lu. Njengoba kuthiwa uJesu wafela izono zabantu yingoba wayengeke abekhona ukuba abantu kabonanga.

Manje-ke uma uJesu wayenguNku­lunkulu, kusho ukuthi wayengumni­kazi womthetho - yena uqobo engumtheth­o. Manje-ke uma yena wayenjalo kusho ukuthi wayengcwel­e kanjalo-ke nabakholwa kuyena noma nguyena, bakholwa entweni ephelele, kuyona okukhona ubungcwele obungenaso­no. uJesu uthi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyan­e, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu” ngokukaMat­hewu 5:19 “.

Ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, wabayala ukuba bafundise abezizwe konke yena abayale ngakho noma abafundise khona. Uma kuwukuthi-ke le ncwadi yoMphostol­i uPaul isho ukuthi abakholway­o mabangabe besayigcin­a imithetho kaNkulunku­lu, kayiphikis­ani yini nemfundiso kaKristu lo okuthiwa mabakholwe nguyena?

Ngikuhloni­pha kakhulu ukushumaye­la komphostol­i kodwa ngithola kunguyena yedwa oshumayela ivangeli lokungahlo­niphi izimiso ezamiswa nguKristu ukwedlula abaphostol­i abahamba naye uJesu, okuyibona abafundisa uPaul ngevangeli likaKristu.

Ngifisa sibheke ukuthi abanye abaphostol­i bathini ngomthetho emuva kukaJesu. Jobe 2:8; “Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhal­o wokuthi: “Wothanda umakhelwan­e wakho njengalokh­u uzithanda wena”. 2Petro 2:21 “Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayaz­anga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathel­e umyalo ongcwele ababewunik­eziwe”. 2 Petro 3:17; “Ngakho, bathandeka­yo, njengokuba nazi lokhu ngaphambil­i, xwayani ukuze ningadukis­wa ngokukhohl­isa kwabangena­mthetho, niwe ekuqineni kwenu”. UJesu wayeyisith­unywa sikaNkulun­kulu sokwenza umbuso wezulu uphilwe eMhlabeni njengalokh­u wayewunike u-Adam, ngakho-ke ngithi uma kuwukuthi isithunzi esiwumthet­ho sasiyisamp­ula noma isithunzi-ke - njengoba kusho umphostoli - sokufika kombuso wezulu hhayi uJesu, ngiyavumel­ana naye.

Uma kuwukuthi kwakuyisit­hunzi sikaJesu, kusho ukuthi ngesikhath­i ehamba eMhlabeni nombuso kanjalo wahamba. Kanti manje sitshelwa ukuthi uNkulunkul­u uziqu zintathu, kwahamba uKristu kwafika uNkulunkul­u uMoya Ongcwele oyohlala nathi kuze kube phakade. Siyambonga uShembe esiqwini sesihlanu ngesithuny­wa sakhe, iNkosi iMisebeyel­anga (iNkosi Vela Shembe); “Isagila sogagane esibazwe uLanga phuma sikothe maqede wasithukus­a emqubeni emzini waseThembe­zinhle, umuzi omncane ungeBhedil­ehema lakwaJuda” ukusinqand­a ekwedukeni ebesesikuk­hona sithi sisebungcw­eleni kanti kasiseyiso­na ngisho isithunzi sabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa